EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU
Banikela Ngokungcono Kakhulu
Lapho iMpi Yezwe Yesibili iphela ngo-1945, ingxenye enkulu yeJalimane yayimoshekile. Amadolobha ayecekelwe phansi, izikole zazingenamuntu, izibhedlela zazingasebenziseki futhi yonke indawo kwakugcwele amabhomu amaningi ayengakaqhumi. Ngaphezu kwalokho, ukudla kwakushoda, okwakwenza ukuthi kubize kakhulu. Ngokwesibonelo, abadayisi abangekho emthethweni babedayisa ibhotela elingamagremu angu-500 ngemali elingana nomholo wamaviki angu-6!
Phakathi kwalabo ababethintekile kwakukhona namakhulu oFakazi BakaJehova ababechithe iminyaka besemajele nasemakamu okuhlushwa ngenxa yokholo lwabo. Bakhululwa ngo-1945, bengenalutho ngaphandle nje kwezingubo ababezigqokile. Abanye oFakazi balahlekelwa izinto zabo nezindawo zabo. Abanye babelamba kangangokuba babeze baquleke phakathi nemihlangano yobuKristu.
OFakazi Bakwamanye Amazwe Baletha Usizo Ngokushesha
Ngenxa yesidingo esiphuthumayo sokudla nezingubo zokugqoka, oFakazi BakaJehova bakwamanye amazwe basabela ngokushesha. Abafowethu basendlunkulu yomhlaba wonke e-United States bacela ihhovisi legatsha laseBern, eSwitzerland, ukuba lisize abafowethu baseJalimane. UNathan H. Knorr, owayemelele indlunkulu, wavakasha eYurophu ukuze aqondise umsebenzi wokunikeza usizo futhi aqiniseke ukuthi wenziwa ngokushesha.
OFakazi baseSwitzerland baba nesandla esivulekile, banikela ngokudla, izimpahla kanye nemali. Lezo zinto zaqale zayiswa eBern, zafike zahlelwa, zapakishwa, ngaphambi kokuba zihanjiswe eJalimane. OFakazi bakwezinye izindawo, okuhlanganisa eSweden, eCanada, nase-United States, nabo bafaka isandla, okungagcinanga ngokuzuzisa abantu bakaJehova eJalimane kuphela kodwa nakwamanye amazwe amaningi aseYurophu nase-Asia, nawo ayethintekile ngenxa yezimpi.
Imiphumela Emangazayo
Ezinyangeni ezimbalwa nje, igatsha laseSwitzerland lathumela ikhofi, ubisi, ushukela, ukudla okusanhlamvu, izithelo ezomisiwe, amaveji inyama esethinini kanye nofishi. Kwanikelwa nangemali.
Ngaphezu kwalokho, oFakazi baseSwitzerland bathumela amathani amahlanu ezingubo zokugqoka, okuhlanganisa amajazi, izingubo zabesifazane namasudi abesilisa. INqabayokulinda kaJanuwari 15, 1946, yathi: “Abazalwane baphana ngokungcono kakhulu ababenakho. Bazidela ngempela ukuze basize abafowabo baseJalimane.”
OFakazi baseSwitzerland banikela nangezicathulo ezicishe zibe ngu-1 000 ezahlolwa ukuze kubonakale ukuthi zisesimweni esikahle yini ngaphambi kokuba zithunyelwe. Abafowethu nodadewethu baseWiesbaden, eJalimane, abamukela lezo zinto bamangala lapho bebona ukuthi zazingezekhethelo futhi ziyizinhlobo ezihlukahlukene. Omunye uFakazi wabhala, “Cishe asikho isitolo eJalimane esingaba nalolu hlobo lwezimpahla.”
Izinto zaqhubeka zithunyelwa kwaze kwaba ngu-Agasti 1948. Sekukonke, oFakazi baseSwitzerland bathumela abafowabo baseJalimane izinto ezingamabhokisi angu-444, ezinesisindo esingamathani angu-25. Njengoba kushiwo ekuqaleni, oFakazi baseSwitzerland akubona kuphela abafaka isandla kulo msebenzi wokusiza. Kodwa babephakathi kwamaqembu amancane kunawo wonke kulawo afaka isandla. KwakunoFakazi abangu-1 600 kuphela eSwitzerland ngaleso sikhathi!
‘Thandanani’
UJesu Kristu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami—uma nithandana.” (Johane 13:34, 35) Uthando lwenza abantu bakaJehova banganikela ngezinsalela, kodwa ngokungcono kakhulu. (2 Korinte 8:1-4) Incwadi evela eZurich yaphawula ukuthi “kunabafowethu abaningana abangenalutho kodwa abafunayo ukusiza, ngakho banikele ngamakhadi [abo] okwamukeliswa ukudla kanye nemali.”
Abantu bakaJehova eJalimane bakwazi ukusheshe baqhubeke nokuphila kwabo ngemva koshushiso nemiphumela emibi eyayibangelwe yimpi. Esinye isizathu salokhu kwaba usizo oluhlelwe kahle abaluthola kubafowabo nodadewabo ababa nesandla esivulekile nothando lokuzidela lwangempela.
OFakazi ehhovisi legatsha laseBern, eSwitzerland, bahlela izingubo ezinikeliwe eziya kubazalwane baseJalimane
Amabhokisi ezinto ezinikeliwe alayishwa elolini ehhovisi legatsha laseBern
Iloli eligcwele amabhokisi abhalwe ukuthi “Umsebenzi Wokusiza WoFakazi BakaJehova”
Amabhokisi ezinto ezinikeliwe alayishwa esitimeleni esiya eJalimane