Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UNGAKWAZI UKULIQONDA IBHAYIBHELI

Kungani Kufanele Uliqonde IBhayibheli?

Kungani Kufanele Uliqonde IBhayibheli?

“IBhayibheli liyincwadi yenkolo edumile nehlonishwayo, kodwa eChina alisetshenziswa kangako.”​—ULIN, ECHINA.

“Uma ngihlulwa ukuqonda izincwadi ezingcwele zenkolo yami yobuHindu, ngingaliqonda kanjani iBhayibheli eliNgcwele?”​—U-AMIT, ENDIYA.

“Ngiyalihlonipha iBhayibheli njengencwadi yasendulo futhi ngizwile ukuthi liyincwadi ethengiswa kakhulu kunazo zonke. Kodwa mina angikaze ngilibone.”​—UYUMIKO, EJAPANE.

Abantu abaningi emhlabeni balihlonipha kakhulu iBhayibheli. Nakuba kunjalo, kungenzeka kuncane noma akukho abakwaziyo ngalokho elikufundisayo. Yilokho okwenzekayo ezigidini zabantu ezihlala e-Asia; kodwa lokho kuyenzeka nakubantu abahlala emazweni iBhayibheli elitholakala ngobuningi kuwo.

Nokho, ungase uzibuze, ‘Kungani kufanele ngibe nesithakazelo sokuliqonda iBhayibheli?’ Ukuyiqonda le ncwadi engcwele kungakusiza ukuba:

  • Uthole ukwaneliseka nenjabulo

  • Ubhekane nezinkinga zomndeni

  • Ubhekane nezinkathazo

  • Uthuthukise ubuhlobo bakho nabanye

  • Usebenzise imali ngokuhlakanipha

Ngokwesibonelo, cabanga ngoYoshiko waseJapane. Wayezibuza ukuthi iBhayibheli likhuluma ngani, wabe esenquma ukulifunda. Waba yini umphumela? Uthi: “IBhayibheli liye langisiza ukuba ngithole injongo ekuphileni futhi ngibe nethemba ngekusasa. Manje nganelisekile.” U-Amit okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wanquma ukuzihlolela iBhayibheli. Uthi: “Kwangimangaza ukuthola ukuthi iBhayibheli liqukethe ukwaziswa okusiza wonke umuntu.”

IBhayibheli liye lathinta ukuphila kwezigidi zabantu. Kungani ungazihloleli lona, ubone ukuthi lingakuzuzisa kanjani?