“Ukuqondisisa Komuntu Ngokuqinisekile Kubambezela Intukuthelo Yakhe”
Umqeqeshi we-basketball ekolishi uyaxoshwa ngenxa yentukuthelo yakhe engalawuleki.
Ingane ivukwa iconsi ngoba izinto azenzeki ngendlela yayo.
Umama uthethisa indodana yakhe ngolaka ngenxa yokuthi ayilicocanga ikamelo layo.
SONKE sike sababona abantu bethukuthele futhi nathi siyacasuka ngezinye izikhathi. Nakuba singase sibheke intukuthelo njengento embi okufanele siyicindezele, sivame ukuba nomuzwa wokuthi sinesizathu esizwakalayo sokucasuka, ikakhulukazi uma kubonakala sengathi othile usiphatha ngendlela ebonakala ingenabulungisa. Isihloko esabhalwa yi-American Psychological Association size sisikisele nokuthi “intukuthelo iyinto engokwemvelo, evame ukuba nempilo, umuzwa ovamile kubantu.”
Lo mbono ungase ubonakale unengqondo uma sicabanga ngalokho okwalotshwa umphostoli uPawulu ephefumulelwe uNkulunkulu. Evuma ukuthi kuyenzeka abantu bathukuthele ngezinye izikhathi, wathi: “Thukuthelani, kodwa ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka.” (Efesu 4:26) Uma sicabanga ngala mazwi, ingabe kufanele siyiveze intukuthelo yethu noma kufanele senze konke esingakwenza ukuze siyilawule?
INGABE KUFANELE UTHUKUTHELE?
Ngesikhathi uPawulu enikeza leso seluleko mayelana nentukuthelo, kungenzeka wayecabanga ngamazwi omhubi owabhala: “Thukuthelani, kodwa ningoni.” (IHubo 4:4) Nokho, yayiyini injongo yeseluleko sikaPawulu esiphefumulelwe? Wathi: “Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza kanye nabo bonke ububi.” (Efesu 4:31)Empeleni uPawulu wayekhuthaza amaKristu ukuba agweme ukunqotshwa yintukuthelo. Ngokuthakazelisayo, i-American Psychological Association iphinde ithi: “Lapho kucwaningwa kutholakale ukuthi ukungayilawuli intukuthelo empeleni kwenyusa ulaka nobudlova futhi akukusizi ngalutho . . . ekulungiseni isimo.”
Ngakho-ke, ‘singayisusa’ kanjani intukuthelo kanye nazo zonke izici zayo ezimbi? Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe, futhi kungubuhle kuye ukweqa isiphambeko.” (IzAga 19:11) “Ukuqondisisa komuntu” kumsiza kanjani lapho ethukuthela?
INDLELA UKUQONDA OKWEHLISA NGAYO INTUKUTHELO
Ukuqonda kuyikhono lokusibona kahle isimo. Ukuba nokuqonda kusho ukubona ngale kwalokho okusobala. Kusisiza kanjani lokho lapho siphathwa kabi noma sicasulwa?
Lapho sibona ukungabi nabulungisa, singase sithukuthele. Nokho, uma sithatha ngamawala senze ngendlela enobudlova, singase sizilimaze noma silimaze abanye. Njengoba umlilo ongalawuleki ungashisa yonke indlu ingqongqe, umlilo wentukuthelo ungalimaza idumela lethu nobuhlobo bethu nabanye ngisho nobuhlobo bethu noNkulunkulu. Ngakho lapho sizwa intukuthelo ivutha ngaphakathi, kuhle sisihlole kahle isimo. Ukuba nesithombe esigcwele salokho okwenzekayo ngokuqinisekile kuyosisiza silawule imizwa yethu.
INkosi uDavide, uyise kaSolomoni, yacishe yabulala indoda okuthiwa uNabali, kodwa yathola usizo olwayenza yasiqonda kahle isimo, kanjalo yagwema icala legazi. UDavide namadoda ayekanye naye bavikela umhlambi kaNabali ehlane laseJudiya. Lapho kufika isikhathi sokugunda izimvu, uDavide wacela ukudla kuNabali. UNabali wathi: “Ingabe kumelwe ngithathe isinkwa sami namanzi ami nenyama yami engiyihlabele abagundi bami ngikunike abantu engingazi nakwazi ukuthi bavelaphi?” Yeka indelelo! Lapho uDavide ezwa lokho, wathatha amadoda angaba ngu-400, waya kuNabali ukuze abulale yena nabo bonke abendlu yakhe.—1 Samuweli 25:4-13.
UmkaNabali, u-Abhigayili, wezwa ngaleyo ndaba wahamba waya kuDavide. Lapho ehlangana noDavide namadoda ayekanye naye, wawela ezinyaweni zakhe wathi: “Ngicela uvumele incekukazi yakho ikhulume ezindlebeni zakho, ulalele amazwi encekukazi yakho.” Ngemva kwalokho wachazela uDavide indlela uNabali ayisiphukuphuku ngayo futhi wachaza ukuthi uDavide uyozisola ngokuziphindiselela nangokuchitha igazi.—1 Samuweli 25:24-31.
Yikuphi ukuqonda uDavide akuthola emazwini ka-Abhigayili okwamsiza wehlisa umoya kulesi simo esishubile? Okokuqala, wabona ukuthi uNabali uyindoda engenangqondo, okwesibili, uDavide wabona ukuthi wayengaba necala legazi uma eziphindiselela. NjengoDavide, ungase ucasulwe okuthile. Kufanele wenzeni? Isihloko seMayo Clinic sisikisela lokhu ngokulawula intukuthelo, “thatha imizuzu embalwa uphefumulele phezulu bese ubala ufike ku-10.” Yima kancane ucabange ukuthi inkinga ibangelwa yini nokuthi iyoba yini imiphumela yezenzo zakho. Vumela ukuqonda kwehlise intukuthelo yakho—kuze kuyiqede.—1 Samuweli 25:32-35.
Ngendlela efanayo, abaningi namuhla baye bathola usizo ukuze balawule intukuthelo yabo. USebastian wachaza indlela isifundo seBhayibheli esamsiza ngayo ukuba afunde ukulawula intukuthelo yakhe nemizwa enamandla, ngesikhathi eyisiboshwa eneminyaka engu-23 ubudala ejele lasePoland. Wathi, “Ngiqale ngicabange ngenkinga. Ngemva kwalokho ngizama ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli. Ngiye ngathola ukuthi iBhayibheli liyincwadi eneziqondiso ezingcono kakhulu.”
USetsuo usebenzisa indlela efanayo. Wathi: “Ngangivame ukumemeza ngithethise abanye uma bengicasula emsebenzini. Ngenxa yokuthi sengiye ngafunda iBhayibheli, esikhundleni sokuthetha ngiqale ngizibuze: ‘Ubani onephutha kule ndaba? Akumina yini obangela inkinga?’” Ukucabanga ngale mibuzo kwakuyehlisa intukuthelo yakhe, futhi wayekwazi ukulawula imizwa yakhe enamandla.
Intukuthelo ingase ibe namandla, kodwa iseluleko esiseZwini likaNkulunkulu naso sinamandla. Ngokusebenzisa iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile nangokucela usizo lukaNkulunkulu ngomthandazo, nawe ungakwazi ukuba nokuqonda okuyokusiza wehlise noma ulawule intukuthelo yakho.