IMIBUZO EVELA KUBAFUNDI BALO MAGAZINI . . .
Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Abanamandla Bacindezele Ababuthaka?
IBhayibheli likhuluma ngezimo lapho abanamandla becindezela ababuthaka. Cabanga ngendaba kaNabhoti. * U-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli ngekhulu leshumi B.C.E., wavumela ukuba umkakhe, uJezebeli, abulale uNabhoti namadodana akhe ukuze athathe isivini sakhe. (1 AmaKhosi 21:
‘UNkulunkulu akanakuqamba amanga.’
Ake sigxile esizathwini esisodwa esibalulekile: UNkulunkulu akanakuwaqamba amanga. (Thithu 1:2) Kuhlangana kanjani lokho nezenzo ezimbi zokucindezela abanye? Ekuqaleni, uNkulunkulu waxwayisa abantu ngokuthi ukumvukela kwabo kwakuyoholela emphumeleni obuhlungu
IZwi likaNkulunkulu liwufingqa ngale ndlela umlando wesintu kusukela ngaleso sikhathi: ‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Ingabe lawo mazwi abe iqiniso? UJehova waxwayisa isizwe sakwa-Israyeli, abantu bakhe, ngokuthi sasiyothola amakhosi acindezelayo, okwakuyosenza sikhalele usizo kuNkulunkulu. (1 Samuweli 8:
‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’
Khumbula nokuthi uSathane uthi abantu bakhonza uNkulunkulu ngenxa yezizathu zobugovu. (Jobe 1:
Ingabe lokho kusho ukuthi uNkulunkulu akenzi lutho ngokucindezelwa kwabantu? Cha. Cabanga ngezinto ezimbili azenzayo: Okokuqala, uyakudalula ukucindezelwa. Ngokwesibonelo, iZwi lakhe lisinikeza yonke imininingwane ngeqhinga likaJezebeli lokubulala uNabhoti. IBhayibheli liphinde lembule ukuthi izenzo ezinjalo ezimbi zikhuthazwa umbusi onamandla ofuna ukufihla lokho ayikho. (Johane 14:30; 2 Korinte 11:14) IBhayibheli limbiza ngokuthi uSathane uDeveli. Ngokudalula ububi nokucindezelwa kanye nomthombo wako wangempela, uNkulunkulu uyasisiza ukuba nathi sidede ebubini. Ngaleyo ndlela uvikela ikusasa lethu laphakade.
Okwesibili, uNkulunkulu usinika ithemba eliqinile lokuthi ukucindezelwa kuzophela. Indlela adalula, ahlulela najezisa ngayo u-Ahabi noJezebeli
^ isig. 3 Bheka isihloko esithi “Lingisa Ukholo Lwabo” kulo magazini.
^ isig. 8 Bheka isahluko 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.