Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

KWENZEKA kanjani ukuba indoda eyakhula kanzima ibe umyeni nobaba ojabulayo nophumelelayo? Yini eyenza ukuba owesifazane owayenemikhuba eminingi emibi ahlanze ukuphila kwakhe? Funda lokho abakushoyo.

“Ngangizizwa Ngingento Yalutho.”—UVÍCTOR HUGO HERRERA

  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1974
  • IZWE AZALELWA KULO: ICHILE
  • UMLANDO: WAYEYISIDAKWA

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa edolobheni lase-Angol, ebukhazikhazini beningizimu yeChile. Angikaze ngimbone ubaba. Ngesikhathi ngineminyaka emithathu ubudala, umama, umfowethu nami sathuthela enhloko-dolobha, iSantiago. Sagcina sesihlala emjondolo omncane endaweni yabangenamakhaya. Sasisebenzisa indlu yangasese yomphakathi, amanzi siwakha epayipini lokucima umlilo.

Ngemva kweminyaka engaba mibili, uhulumeni wasinika indlu encane. Ngeshwa, kule ndawo entsha abantu babedla izidakamizwa notshwala, kunobugebengu abanye bedayisa umzimba.

Ngelinye ilanga umama wahlangana nomlisa mumbe agcina eseshade naye. Usingababa wayeyisidakwa. Wayesishaya sinomama. Ngangivame ukukhihla isililo uma ngingedwa, ngifise sengathi ngabe nginobaba ozongivikela.

Nakuba umama ayesebenza kanzima ukuze asondle, sasihlupheka. Ngezinye izikhathi lapho silambile, sasidla nje ubisi oluyimpuphu noshukela. Ukuze sizijabulise, mina nomfowethu sasinyonyoba siyobukela ithelevishini efasiteleni lakwamakhelwane. Kodwa ngelinye ilanga lo makhelwane wasibhadama, kwaba ukugcina kwethu ukuya khona!

Kwakuthi lapho usingababa engaphuzile—okwakuqabukela kwenzeka—asithengele ukudla sinomfowethu. Wake wasithengela nethelevishini encane. Leso kwakungesinye sezikhathi ezimbalwa engikhumbula ngijabula ngaso.

Lapho sengineminyaka engu-12, ngakwazi ukufunda. Ngonyaka owalandela, ngayeka isikole ngaqala ukusebenza. Kwakuthi uma sengishayisile emsebenzini ngihambe nengisebenza nabo abadala kunami siye emaphathini lapho sasifike sidakwe khona sidle nezidakamizwa. Ngokushesha nje ngaba umlutha.

Sengineminyaka engu-20, ngathandana noCati futhi sagcina sishadile. Ekuqaleni, zonke izinto zahamba kahle, kodwa ngabuye ngaphindela empilweni engangiyiphila. Ngaziphatha kabi kakhulu kunasekuqaleni. Ekugcineni, kwangikhanyela ukuthi ngizogugela ejele noma ngiphelele ethuneni. Okubi nakakhulu ukuthi ngangizwisa indodana yami uVíctor ubuhlungu obufanayo nalobo engabuzwa ngisemncane.  Ngaphatheka kabi, ngazicasukela futhi ngazizwa ngingento yalutho.

Kwathi ngo-2001, savakashelwa oFakazi BakaJehova ababili, uCati waqala ukufunda nabo iBhayibheli. Wayengixoxela ngalokho ayekufunda. Ngenxa yelukuluku, nami ngaqala ukufunda iBhayibheli. Ngo-2003, uCati wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ngolunye usuku ngafunda uRuthe 2:12, othi uJehova uyobavuza labo ababonisa ukholo, bafune isiphephelo kuye. Ngaqaphela ukuthi uma ngingenza izinguquko, ngingamjabulisa uNkulunkulu futhi angibusise. Ngaphawula ukuthi iBhayibheli likulahla kakhulu ukudakwa. Amazwi akweyesi-2 Korinte 7:1 angithinta kakhulu. Leli vesi lisinxusa ukuba “sizihlanze kukho konke ukungcola.” Ngakho ngaqala ukuyeka imikhuba yami emibi. Njengoba ngiqala ukuyiyeka, ngangivame ukuhluthukelwa inhliziyo kodwa uCati akayekanga ukungisekela.

Ekugcineni ngawuyeka umsebenzi ngoba engangisebenza nabo babengicindezela ukuba ngibheme futhi ngiphuze. Nakuba ukungasebenzi okwesikhashana kwasenza saphila ngobala, ngaba nesikhathi esiningi sokutadisha iBhayibheli. Yilapho lapho ngaqala khona ukukhula ngokomoya. UCati akakaze afune okungaphezu kwalokho engangingamnika kona futhi akazange angisole ngokuphila kwethu impilo elula. Ngiswele ayizinkulungwane okumbonga ngokungisekela kwakhe kothando.

Kancane kancane ngaqala ukuzihlanganisa kakhulu noFakazi. Bangisiza ngaqonda ukuthi naphezu kokungabi nemfundo yezwe, uJehova uyasazisa isifiso sami esiqotho sokumkhonza. Uthando nobunye esakubona ebandleni lobuKristu kwaba nethonya elikhulu emndenini wami. Asikaze sizizwe sinokuthula okungaka. Ngo-December 2004, nami ngabhapathizwa.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Ngikubonile ukuba yiqiniso kwamazwi kaJehova aku-Isaya 48:17, lapho ethi: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, lowo okufundisayo ukuze uzuze.” Umama nomfowethu bahlabeka umxhwele ngezinguquko engazenza kangangokuba ngikhuluma nje bayafundelwa. Ngisho nomakhelwane bami bayajabula njengoba bebona ukuthi sengishintshile futhi umndeni wami ujabule.

Nginenkosikazi ethanda uNkulunkulu nengibheka njengomngane engamethemba. Nakuba ngingakaze ngimazi owami ubaba, iBhayibheli lingifundise ukuthi ngingawakhulisa kanjani amadodana ami amathathu. Ayangihlonipha. Okubaluleke nakakhulu, abheka uJehova njengomuntu ongokoqobo futhi ayamthanda.

“Nakuba ngingakaze ngimazi owami ubaba, iBhayibheli lingifundise ukuthi ngingawakhulisa kanjani amadodana ami amathathu”

Ngijabula kakhulu ngokuthi nakuba ngakhula kanzima, uJehova unginike ithuba lokuba indoda ejabulayo.

 “Ngaba Intombazane Eyisidlamlilo.”—UNABIHA LAZAROVA

  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1974
  • IZWE AZALELWA KULO: IBULGARIA
  • UMLANDO: WAYESHUSHUMBISA IZIDAKAMIZWA

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa eSofia, eBulgaria, emndenini ongaswele lutho. Ubaba wasishiya ngineminyaka eyisithupha ubudala. Lokho kwangishaqisa futhi kwangiphatha kabi kakhulu. Ngaba nomuzwa wokuthi ngilahliwe, angikufanele ukuthandwa. Njengoba ngikhula, le mizwa yangenza ngaba umdlwembe. Ngaba intombazane eyisidlamlilo.

Sengineminyaka engu-14, ngeqa ekhaya. Ngangivame ukuntshontsha imali kamama, kagogo nekamkhulu. Esikoleni ngangingena ezinkingeni njalo nje ngoba nganginolaka oluxakile, futhi ngenxa yalo ngaxoshwa ezikoleni zaze zaba nhlanu phakathi neminyaka embalwa nje. Sekusele iminyaka emithathu ngiphothule, ngasiyeka isikole. Ngangingenasimilo. Ngaba umlutha kagwayi nensangu. Ngangibuhlaba utshwala, ngilala emaphathini futhi ngaqala nokushushumbisa izidakamizwa. Kwakungixaka ukuthi kungani siphila ezweni elibi kangaka lapho abantu behlupheka khona futhi befa. Ngakho usuku ngalunye ngangiphilela ubumnandi.

Ngo-1998, lapho sengineminyaka engu-24, ngaboshwa esikhumulweni sezindiza eSão Paulo, eBrazil, ngisashushumbisa izidakamizwa. Ngagwetshwa iminyaka emine.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ngo-2000, oFakazi BakaJehova baqala ukuvakashela ejele engangikulo kanye ngesonto. Omunye wabo, uMarines, wayenomusa kakhulu kimi. Wakha isifiso sokuba ngifunde okwengeziwe ngeBhayibheli. Njengoba ngangiqala ukuzwa ngoFakazi BakaJehova, ngabuza ezinye iziboshwa ngabo. Okwangimangaza ukuthi iningi leziboshwa engazibuza lasho izinto ezimbi ngabo. Esinye isiboshwa sathi ngingasonta noma kuliphi isonto kodwa hhayi koFakazi BakaJehova. Lokho kwakhulisa ilukuluku kimi; ngafuna ukwazi ukuthi kungani bezondwa kangaka. Ngathola ukuthi yingoba basenkolweni yeqiniso. Angithi nalo iBhayibheli lithi bonke abazama ngobuqotho ukulandela uJesu bayoshushiswa.—2 Thimothewu 3:12.

Phakathi naleso sikhathi kwathiwa angiyosebenza ehhovisi labaphathi bejele. Ngelinye ilanga ngazithela emabhokisini ayenomagazini abadala INqabayokulinda ne-Phaphama! * endaweni okugcinwa kuyo izimpahla. Ngabathatha ngaya nabo esitokisini sami ngabafunda. Njengoba ngiqhubeka ngibafunda, ngazizwa ngifana nomuntu osogwadule osanda kuhlangana nomthombo wamanzi aqabulayo. Ngenxa yokuthi nganginesikhathi, ngangichitha amahora amaningi nsuku zonke ngitadisha iBhayibheli.

Langa limbe ngabizelwa ehhovisi lasejele. Ngangithi ngizodedelwa ejele, ngakho ngaqoqa izimpahla zami ngokushesha, ngavalelisa kwezinye iziboshwa, yimi lowaya ngigijimela ehhovisi. Hhawu, uma ngifika ngathola ukuthi sekunecala elisha elivuliwe, ngangimangalelwe ngokuba namaphepha omgunyathi. Ngabe sengigwetshwa eminye iminyaka emibili.

 Ekuqaleni, ngafa olwembiza. Kepha ngemva kwezinsukwana, ngabona ukuthi empeleni yisibusiso lesi. Nakuba ngase ngifunde izinto eziningi eBhayibhelini, enhliziyweni yami ngangisafuna ukuqhubeka nokuphila kwami kwangaphambili lapho ngiphuma ejele. Ngangidinga isikhathi esiningi sokwenza izinguquko.

Ngezinye izikhathi ngangiba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu ngeke neze angamukele njengomunye wabakhulekeli bakhe. Kodwa ngazindla ngemiBhalo enjengeyoku-1 Korinte 6:9-11. La mavesi athi ekhulwini lokuqala C.E., amanye amaKristu ayengamasela, izidakwa nabaphangi ngaphambi kokuba akhonze uJehova. Kepha ngosizo lwakhe, ashintsha. Isibonelo sawo sasiyisikhuthazo esikhulu kimi.

Eminye imikhuba emibi kwakulula ukuyiyeka. Ngokwesibonelo, akubanga nzima kangako ukuyeka izidakamizwa. Kodwa ukuyeka ugwayi kwakunzima kakhulu. Kwaba umzukuzuku owathatha isikhathi esingaphezu konyaka, kodwa ngagcina ngiphumelele. Okunye okwangisiza kwaba ukufunda ngezinto ezimbi ugwayi ozenza empilweni yomuntu. Ngaphezu kwakho konke, okwangisiza ngakwazi ukuyeka, ukuthandaza kuJehova ngingaphezi.

“Ngase ngithole uBaba isibili—ubaba ongasoze angilahla!”

Njengoba ngangisondela kuJehova, kancane kancane ngayinqoba imizwa yokuba olahliwe eyayilokhu ingihlupha selokhu ubaba asilahla. Amazwi eHubo 27:10 angithinta ekujuleni kwenhliziyo. Athi: “Noma kungenzeka ubaba nomama bangishiye, yebo uJehova yena ubeyongamukela.” Ngabona ukuthi ngase ngithole ubaba isibili—ubaba ongasoze angilahla! Ukuphila kwami kwase kunenjongo-ke manje. Ngo-April 2004, ngemva kwezinyanga eziyisithupha ngiphumile ejele, ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Manje ngijabule. Angisazenzi izinto ezizongilimaza, ngiphila kangcono manje emzimbeni nangokomzwelo kunangesikhathi ngisemncane. Ngijabule emshadweni wami futhi uBaba wasezulwini uJehova ungumngane wami omkhulu. Phakathi kwabakhulekeli bakhe, ngizitholele obaba, omama, abafowethu nodadewethu abaningi. (Marku 10:29, 30) Ngiyabonga ngokuthi kukhona okuhle abakubona kimi—ngingakakuboni nakukubona mina.

Ngezinye izikhathi ngidliwa isazela ngenxa yezinto engangizenza. Kodwa kuyangiduduza ukwazi ukuthi ezweni elisha elithenjiswe uNkulunkulu, izinkumbulo ezimbi “ngeke zikhunjulwe.” (Isaya 65:17) Okwamanje, izinto engidlule kuzo ziyangisiza ngikwazi ukuzwelana nabantu ababhekene nezinselele ezifanayo. Ngalowo mqondo, engangikwenza kuwusizo. Ngokwesibonelo, lapho ngishumayela kuba lula ukuxoxa nabantu abayimilutha yezidakamizwa notshwala noma abayizigebengu—ngoba ngidlule kuzo lezi zinto. Ngiyaqiniseka ukuthi uma ngakwazi ukwenza izinguquko ukuze ngikhonze uJehova, noma ubani angazenza!

^ isig. 29 Banyatheliswa oFakazi BakaJehova.