INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Mashi 2013

Lo magazini ukhumbuza wonke amaKristu ukuthi angahlala kanjani esemncintiswaneni wokuphila. Unikeza nokuqonda kwendlela esingazazi ngayo izinhliziyo zethu futhi sazi noNkulunkulu wethu, uJehova.

“Akunasikhubekiso” Kulabo Abathanda UJehova

Labo abathanda umthetho kaJehova abanasikhubekiso ngamuphi umqondo? Funda uthole ukuthi yini engasisiza ukuba siqhubeke sisemncintiswaneni wokuphila.

Ingabe ‘Unenhliziyo Yokwazi’ UJehova?

Amazwi omprofethi uJeremiya angakusiza ukuba ube nenhliziyo engokomfanekiso ephilile futhi uyilondoloze.

Njengoba ‘Sesimazi UNkulunkulu’—Yini Okumelwe Siyenze?

Funda ukuthi kungani kudingeka ukuba uluhlole njalo ukholo lwakho nokuzinikela kwakho kuJehova uNkulunkulu.

Duduzwa—Ududuze Nabanye

Sonke sike sagula, abanye baze bagula ngisho nakakhulu. Lapho sibhekene nobunzima obunjalo, yini engasisiza?

UJehova Uyindawo Yethu Yokuhlala

Nakuba siphila ezweni elibi, kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova uyobavikela abantu bakhe?

Dumisa Igama LikaJehova Elikhulu

Ulibheka kanjani ilungelo lokusebenzisa igama likaJehova? Kusho ukuthini ukwazi igama likaNkulunkulu nokuhamba ngalelo gama?

Ingabe Walotshwa NguJosephus Ngempela?

ingabe isazimlando esingumJuda uFlavius Josephus sayiloba indinyana eyaziwa ngokuthi i-Testimonium Flavianum?

Ungalokothi Ulilahle Ithemba!

Akufanele nanini ulilahle ithemba lokuthi othile uyogcina elamukele iqiniso. Funda ngabathile abalamukela nokuthi kungani.