Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yamukela Umoya KaNkulunkulu, Hhayi Owezwe

Yamukela Umoya KaNkulunkulu, Hhayi Owezwe

Yamukela Umoya KaNkulunkulu, Hhayi Owezwe

“Asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sazi izinto esizinikwe uNkulunkulu ngomusa.”—1 KOR. 2:12.

1, 2. (a) AmaKristu eqiniso asempini ngamuphi umqondo? (b) Imiphi imibuzo esizoyicabangela?

 AMAKRISTU eqiniso asempini! Isitha sethu sinamandla, sinobuqili futhi kade sizilwa izimpi. Sihlome ngesikhali esinamandla kangangokuthi sesinqobe iningi lesintu. Kodwa akudingeki sizizwe singenamandla noma kungekho lutho esingalwenza. (Isaya 41:10) Sinesivikelo esiqinile esingasoze sabhodlozwa nesingasoze sahlulwa.

2 Impi yethu akuyona engokwenyama, kodwa engokomoya. Isitha sethu nguSathane uDeveli futhi isikhali esiyinhloko asisebenzisayo “umoya wezwe.” (1 Kor. 2:12) Isivikelo sethu esiyinhloko ekuhlaseleni kwakhe siwumoya kaNkulunkulu. Ukuze sisinde kule mpi futhi sihlale siphila ngokomoya, kudingeka sicele umoya kaNkulunkulu bese sibonakalisa izithelo zawo ekuphileni kwethu. (Gal. 5:22, 23) Nokho, uyini umoya wezwe futhi kwenzeka kanjani ukuba ube nethonya elingaka? Singabona kanjani ukuthi usuyasithonya? Yini esingayifunda kuJesu ngokuphathelene nokwamukela umoya kaNkulunkulu nokumelana nomoya wezwe?

Kungani Umoya Wezwe Usabalele Kangaka?

3. Uyini umoya wezwe?

3 Umoya wezwe uvela kuSathane, “umbusi waleli zwe,” futhi umelene nomoya kaNkulunkulu. (Joh. 12:31; 14:30; 1 Joh. 5:19) Uwukuthambekela okunamandla okubusa izwe futhi okushukumisela abantu esenzweni. La mandla ashukumisayo aholela umphakathi wabantu ukuba uphikisane nentando nenjongo kaNkulunkulu.

4, 5. Kwenzeka kanjani ukuba umoya ogqugquzelwa uSathane usabalale kangaka?

4 Kwenzeka kanjani ukuba umoya ogqugquzelwa uSathane usabalale kangaka? Okokuqala, uSathane wakhohlisa u-Eva ensimini yase-Edene. Wamenza waqiniseka ukuthi ukuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu kwakuyothuthukisa ukuphila kwakhe. (Gen. 3:13) Yeka ukuthi wabonakaliswa engumqambimanga kangakanani! (Joh. 8:44) Ngemva kwalokho, esebenzisa owesifazane, wanxenxela u-Adamu ukuba angathembeki kuJehova. Ngenxa yalokho u-Adamu akukhetha, isintu sathengiselwa esonweni, sakuzuza ngaleyo ndlela ukuthambekela ekuthonyweni umoya kaSathane wokungalaleli.—Funda eyabase-Efesu 2:1-3.

5 USathane wathonya nezingelosi eziningi, ezaba amademoni. (IsAm. 12:3, 4) Zahlubuka kuNkulunkulu esikhathini esithile ngaphambi kukaZamcolo wosuku lukaNowa. Zazikholelwa ukuthi zaziyophila kahle ngokushiya izikhundla ezazizabelwe ezulwini zizozitika ngezifiso ezingezona ezingokwemvelo emhlabeni. (Jude 6) Esizana nalawo mademoni asephindele endaweni yomoya, uSathane ‘udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAm. 12:9) Ngokudabukisayo, iningi lesintu liyaqhubeka lingaliqapheli ithonya lamademoni.—2 Kor. 4:4.

Ingabe Umoya Wezwe Uyakuthonya?

6. Umoya wezwe ungasithonya ngayiphi indlela kuphela?

6 Abantu abaningi abaliqapheli ithonya likaSathane, kodwa akudingeki ukuba amaKristu eqiniso angabi nalwazi ngamacebo kaSathane. (2 Kor. 2:11) Eqinisweni, umoya wezwe ngeke usithonye ngaphandle kokuba siwuvumela. Ake sixoxe ngemibuzo emine ezosisiza sibone ukuthi sithonywa umoya kaNkulunkulu yini noma owezwe.

7. Iyiphi enye indlela uSathane azama ngayo ukusehlukanisa noJehova?

7 Ukuzijabulisa engikukhethayo kwembulani ngami? (Funda uJakobe 3:14-18.) USathane uzama ukusehlukanisa noNkulunkulu ngokusenza sithande ubudlova ezinhliziyweni zethu. UDeveli uyazi ukuthi uJehova uyamzonda umuntu othanda ubudlova. (IHu. 11:5) Ngakho, usebenzisa izincwadi, amabhayisikobho, umculo nemidlalo ye-computer—eminye yayo eyenza ukuba abadlali bayo balingise izenzo zokuziphatha okubi nobudlova obunyantisayo—ukuze ahehe izifiso zenyama yethu. Akanandaba uma ingxenye yenhliziyo yethu ithanda okulungile inqobo nje uma enye ingxenye ithanda okubi, lokho akugqugquzelayo.—IHu. 97:10.

8, 9. Imiphi imibuzo okufanele sizibuze yona ngokuphathelene nokuzijabulisa?

8 Ngakolunye uhlangothi, umoya kaNkulunkulu ushukumisela labo abawamukelayo ukuba babe msulwa, baphishekele ukuthula futhi babe nesihe. Siyobe senza kahle uma sizibuza, ‘Ingabe ukuzijabulisa engikukhethayo kungikhuthaza ukuba ngihlakulele izimfanelo ezinhle?’ Ukuhlakanipha kwaphezulu “akuzenzisi.” Labo abamukela umoya kaNkulunkulu abashumayezi omakhelwane babo ngobumsulwa nangokuthula bona bebe bezijabulisa ngokubukela ubudlova obesabekayo nokuziphatha okubi emakhaya abo.

9 UJehova ulindele ukuba sizinikele kuye kuphela. Nokho, uSathane uyokwaneliseka ngisho noma ungenza isenzo esisodwa nje sokumkhulekela, njengoba afuna ukuba noJesu enze kanjalo. (Luka 4:7, 8) Singase sizibuze: ‘Ingabe ukuzijabulisa engikukhethayo kungenza ngikwazi ukuzinikela kuNkulunkulu kuphela? Ingabe kwenza kube nzima noma kube lula ngami ukuba ngimelane nomoya wezwe? Ingabe kufanele ngenze izinguquko ezithile esikhathini esizayo?’

10, 11. (a) Mayelana nezinto ezibonakalayo, isiphi isimo sengqondo umoya wezwe osikhuthazayo? (b) IZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe ngomoya likhuthaza siphi isimo sengqondo?

10 Siyini isimo sami sengqondo ngezinto ezibonakalayo? (Funda uLuka 18:24-30.) Umoya wezwe ubhebhezela ‘isifiso samehlo’ ngokukhuthaza ukuhaha nokuthanda izinto ezibonakalayo. (1 Joh. 2:16) Kwabaningi uye wakhulisa ukuzimisela ukuceba. (1 Thim. 6:9, 10) Lowo moya ungasenza sikholelwe ukuthi ukuba nenqwaba yezinto ezibonakalayo kuyosinikeza ukulondeka okuhlala njalo. (IzAga 18:11) Nokho, uma sivumela uthando lwethu ngemali luthathe indawo yothando lwethu ngoNkulunkulu, uSathane uyobe enqobile. Kufanele sizibuze, ‘Ingabe ukuphila kwami kugxile ekuphishekeleni ukunethezeka ngokwezinto ezibonakalayo nezinjabulo?’

11 Ngokuphambene nalokhu, iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe ngomoya lisikhuthaza ukuba sibe nombono olinganiselayo ngemali futhi sisebenze kanzima ukuze sinakekele izidingo zethu ezingokwenyama nezomkhaya wethu. (1 Thim. 5:8) Umoya kaNkulunkulu usiza labo abawamukelayo ukuba babonakalise ubuntu bukaJehova ophanayo. Nabo baba abantu abaphanayo hhayi abajatshuliswa ukwamukela. Bazisa abantu kakhulu kunezinto futhi bajabulela ukukuhlanganyela nabanye lokho abanakho uma bekwazi ukwenza kanjalo. (IzAga 3:27, 28) Abalokothi futhi bavumele ukuphishekela imali kuze kuqala kunokukhonza uNkulunkulu.

12, 13. Ngokuphambene nomoya wezwe, umoya kaNkulunkulu ungaba kanjani ithonya elihle kithi?

12 Ubuntu bami bubonakalisa ukuthi nginamuphi umoya? (Funda abaseKolose 3:8-10, 13.) Umoya wezwe ukhuthaza imisebenzi yenyama. (Gal. 5:19-21) Uvivinyo lwangempela lokuthi imuphi umoya osithonyayo alufiki lapho izinto zihamba kahle kodwa lapho zingahambi kahle, njengalapho umzalwane noma udade othile engasinaki, esicasula noma ngisho esona. Ngaphezu kwalokho, lapho sisodwa emakhaya, yilapho kungase kubonakale khona ukuthi sithonywe imuphi umoya. Kungase kudingeke sizihlole. Zibuze, ‘Ezinyangeni eziyisithupha ezedlule, ingabe ubuntu bami buye basondela kobukaKristu noma ngiye ngahlehlela kweminye yemikhuba emibi yokukhuluma noma yokuziphatha?’

13 Umoya kaNkulunkulu ungasisiza ukuba ‘sihlubule ubuntu obudala nemikhuba yabo’ futhi sigqoke ‘ubuntu obusha.’ Lokhu kuyosisiza ukuba sibe nothando nomusa ngokwengeziwe. Siyothambekela ekuthethelelaneni ngokukhululekile, ngisho noma kunesizathu esizwakalayo sokukhononda. Lapho sinomuzwa wokuthi siphathwé ngendlela engenabulungisa, mhlawumbe kungenjalo, ngeke sisasabela ‘ngokufutheka okubi’ nangokuqhuma ‘ngentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza.’ Kunalokho, siyokwenza umzamo wokuba sibe “nobubele besisa.”—Efe. 4:31, 32.

14. Abaningi ezweni balibheka kanjani iZwi likaNkulunkulu?

14 Ingabe ngiyazihlonipha futhi ngiyazithanda izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha? (Funda izAga 3:5, 6.) Umoya wezwe ubonakaliswa ukuvukela iZwi likaNkulunkulu. Labo abathonywe yiwo bazishaya indiva izingxenye zeBhayibheli abazibheka njengezibaphazamisayo, bancamele amasiko namafilosofi abantu. (2 Thim. 4:3, 4) Abanye abalinaki nhlobo iZwi likaNkulunkulu. Bayakungabaza ukuthi lisasebenza nokuthi liyiqiniso, bezibona behlakaniphile emehlweni abo. Balulaza izindinganiso zalo ezihlanzekile ngokuphathelene nokuphinga, ubungqingili nesahlukaniso. Bafundisa ukuthi “okuhle kubi nokubi kuhle.” (Isaya 5:20) Ususithonyile yini lo moya? Lapho sibhekene nezinkinga, ingabe sithembela ekuhlakanipheni kwabantu nasemibonweni yethu? Noma ingabe silwela ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli?

15. Kunokuba sincike ekuhlakanipheni kwethu, kufanele senzeni?

15 Umoya kaNkulunkulu usenza sihloniphe iBhayibheli. Njengomhubi sibheka iZwi likaNkulunkulu njengesibani ezinyaweni zethu nokukhanya endleleni yethu. (IHu. 119:105) Kunokuba sincike kokwethu ukuhlakanipha, sithembela ngokuqiniseka eZwini likaNkulunkulu elilotshiwe ukuba lisisize sikwazi ukuhlukanisa okuhle nokubi. Asigcini nje ngokufunda ukuhlonipha iBhayibheli, kodwa nokuthanda imithetho kaNkulunkulu.—IHu. 119:97.

Funda Esibonelweni SikaJesu

16. Yini ehilelekile ekubeni ‘nomqondo kaKristu’?

16 Ukuze samukele umoya kaNkulunkulu, kumelwe sihlakulele “umqondo kaKristu.” (1 Kor. 2:16) Ukuze sibe “nesimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso,” kudingeka sazi indlela ayecabanga futhi enza ngayo izinto bese simlingisa. (Roma 15:5; 1 Pet. 2:21) Ake sicabangele ezinye zezindlela esingakwenza ngazo lokho.

17, 18. (a) Sifundani kuJesu ngomthandazo? (b) Kungani kufanele ‘siqhubeke sicela’?

17 Thandazela umoya kaNkulunkulu. Ngaphambi kokubhekana nobunzima, uJesu wathandazela umoya kaNkulunkulu ukuba umsize. (Luka 22:40, 41) Nathi kudingeka sicele uNkulunkulu ukuba asinike umoya ongcwele. UJehova ubapha ngokukhululekile nangesandla esivulekile labo abawucela ngokholo. (Luka 11:13) UJesu wathi: “Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa. Ngoba wonke umuntu ocelayo uyamukela, nawo wonke umuntu ofunayo uyathola, futhi wonke umuntu ongqongqozayo uyovulelwa.”—Math. 7:7, 8.

18 Lapho ufuna umoya kaJehova nosizo lwakhe, ungabosheshe uyeke ukuwucela. Kungase kudingeke sithandaze kaningi futhi sikhulume noJehova isikhathi esijana emthandazweni ngamunye. Ngezinye izikhathi, uJehova unika labo abacelayo ithuba lokubonisa ukuthi isifiso sabo sijule kangakanani nokuthi ukholo lwabo luqotho yini ngaphambi kokuba aphendule imithandazo yabo. a

19. Yini uJesu ayeyenza ngaso sonke isikhathi, futhi kungani kufanele simlingise?

19 Lalela uJehova ngokuphelele. UJesu wayenza izinto ezijabulisa uYise ngaso sonke isikhathi. Kunesikhathi okungenani esisodwa lapho ukuthambekela kukaJesu kwake kwahluka khona kulokho uYise ayekufuna. Nakuba kunjalo, ngokuqiniseka wathi kuYise: “Makungenzeki intando yami, kodwa eyakho.” (Luka 22:42) Zibuze, ‘Ingabe ngiyamlalela uNkulunkulu ngisho nalapho kungelula?’ Ukulalela uNkulunkulu kubalulekile ukuze siphile. NjengoMenzi wethu, uMthombo noMsekeli wokuphila kwethu, simkweleta ukumlalela ngokuphelele. (IHu. 95:6, 7) Akukho okungathatha isikhundla sokulalela. Ngeke uNkulunkulu asamukele uma singamlaleli.

20. Ukuphila kukaJesu kwakugxilephi, futhi singamlingisa kanjani?

20 Lazi kahle iBhayibheli. Lapho uSathane ehlasela ukholo lwakhe ngokuqondile, uJesu wamelana naye ngokucaphuna imiBhalo. (Luka 4:1-13) Lapho ephendula abaphikisi bakhe benkolo, uJesu wasebenzisa iZwi likaNkulunkulu njengegunya lakhe. (Math. 15:3-6) Ukuphila kukaJesu konke kwakugxile ekwazini nasekugcwaliseni umthetho kaNkulunkulu. (Math. 5:17) Nathi sifuna ukuqhubeka sondla izingqondo zethu ngeZwi likaNkulunkulu eliqinisa ukholo. (Fil. 4:8, 9) Ukuthola isikhathi sesifundo somuntu siqu nesomkhaya kungase kube inselele kwabanye bethu. Nokho, kunokuba sithole isikhathi, kungase kudingeke ukuba sisenze.Efe. 5:15-17.

21. Iliphi ilungiselelo elingasisiza ukuba sazi iZwi likaNkulunkulu kangcono futhi silisebenzise?

21 “Inceku ethembekileyo neqondayo” iye yasisiza ukuba sibe nesikhathi sesifundo somuntu siqu nesomkhaya ngokwenza ilungiselelo lokuba kube nosuku lokuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa isonto ngalinye. (Math. 24:45) Ingabe ulisebenzisa ngokuhlakanipha leli lungiselelo? Ukuze likusize ube nomqondo kaKristu, esifundweni sakho ungahlanganisa yini nokucabangela ngokulandelana lokho uJesu akufundisa ngezindaba ozikhethile? Ungasebenzisa i-Watch Tower Publications Index ukuze uthole izingxoxo eziningiliziwe ngendaba ohlose ukufunda ngayo. Ngokwesibonelo, kusukela ngo-2008 kuya ku-2010, umagazini womphakathi uye waba nochungechunge lwezihloko ezingu-12 ezithi “Lokho Esikufunda KuJesu.” Mhlawumbe uyokujabulela ukusebenzisa lezi zihloko njengesisekelo sesifundo. Kusukela ngo-2006, i-Phaphama! yaba nezihloko ezithi “Ubungaphendula Kanjani?” Le mibuzo yayiklanyelwe ukukusiza ukuba wandise futhi ujulise ulwazi lwakho ngeZwi likaNkulunkulu. Kunganjani ngezinye izikhathi ufake izindaba okuxoxwa ngazo kulezi zihloko esimisweni sokuKhulekela Komkhaya?

Singalinqoba Izwe

22, 23. Yini okumelwe siyenze ukuze sinqobe izwe?

22 Uma sifuna ukuholwa umoya kaNkulunkulu, kumelwe simelane nomoya wezwe. Akulula ukumelana nawo. Kungaba umshikashika, kudinge silwe kanzima. (Jude 3) Kodwa singanqoba! UJesu wathi kubafundi bakhe: “Ezweni nilusizi, kodwa yimani isibindi! Mina ngilinqobile izwe.”—Joh. 16:33.

23 Nathi singalinqoba izwe uma simelana nomoya walo futhi senze konke esingakwenza ukuze samukele umoya kaNkulunkulu. Ngempela, “uma uNkulunkulu engakithi, ubani oyomelana nathi?” (Roma 8:31) Ngokwamukela umoya kaNkulunkulu nangokulandela isiqondiso sawo njengoba siboniswe eBhayibhelini, siyothola ukwaneliseka, ukuthula, injabulo nesiqinisekiso sokuphila okuphakade ezweni elisha eseliseduze.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? amakhasi 170-173.

Ingabe Uyakhumbula?

• Kungani umoya wezwe usabalele kangaka?

• Imiphi imibuzo emine okufanele sizibuze yona?

• Iziphi izinto ezintathu esizifunda kuJesu ngokwamukela umoya kaNkulunkulu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 8]

Ezinye izingelosi zaba kanjani amademoni?

[Isithombe ekhasini 10]

USathane usebenzisa umoya wezwe ukuze alawule abantu, kodwa singagqashula ethonyeni lawo