Amalungu Amasha ENdikimba Ebusayo
Amalungu Amasha ENdikimba Ebusayo
NGOLWESITHATHU ekuseni, ngo-August 24, 2005, umkhaya waseBethel wase-United States nowaseCanada eyayixhunywe nge-video yezwa isaziso esijabulisayo. Kusukela ngo-September 1, 2005, kwakuzokwenezelwa amalungu amabili—uGeoffrey W. Jackson no-Anthony Morris III—eNdikimbeni Ebusayo YoFakazi BakaJehova.
UMfoweth’ uJackson waqala ukuphayona ngo-February 1971 eTasmania, eyisiqhingi sase-Australia. Ngo-June 1974, washada noJeanette (uJenny). Ngokushesha ngemva kwalokho, batuswa baba amaphayona akhethekile. Kusukela ngo-1979 kuze kube ngo-2003, babekhonza njengezithunywa zevangeli eTuvalu, eSamoa naseFiji—amazwe ayiziqhingi ase-South Pacific. Ngesikhathi bekulezo ziqhingi, uMfowethu noDadeweth’ uJackson baba nengxenye enkulu ekuhumusheni izincwadi zeBhayibheli. Kusukela ngo-1992, uMfoweth’ uJackson wakhonza njengelungu leKomiti Yegatsha yaseSamoa, kanti kusukela ngo-1996 wakhonza eKomitini Yegatsha yaseFiji. Ngo-April 2003, yena noJenny baba amalungu omkhaya waseBethel e-United States futhi baqala ukusebenza eMnyango Wezinkonzo Zokuhumusha. Ngokushesha ngemva kwalokho, uMfoweth’ uJackson waba umsizi eKomitini Yokufundisa yeNdikimba Ebusayo.
UMfoweth’ uMorris wangenela inkonzo yamaphayona ngo-1971 e-United States. Ngo-December walowo nyaka, washada noSusan, futhi baqhubeka nokuphayona iminyaka ecishe ibe mine kwaze kwazalwa indodana yabo yokuqala, uJesse. Ngokuhamba kwesikhathi, bathola enye indodana, uPaul. UMfoweth’ uMorris waphindela enkonzweni yesikhathi esigcwele ngo-1979 ekhonza njengephayona elivamile. Umkakhe wamjoyina lapho abafana sebefunda isikole. Lo mkhaya wakhonza lapho kunendingeko enkulu khona eRhode Island naseNyakatho Carolina, e-United States. ENyakatho Carolina, uMfoweth’ uMorris wakhonza njengombonisi wesifunda obambele, futhi amadodana akhe aba amaphayona avamile. UJesse noPaul babizelwa ukuyokhonza ehhovisi legatsha lase-United States lapho ngamunye eba neminyaka engu-19. Ngaleso sikhathi, uMfoweth’ uMorris waqala ukujikeleza. Kwabe sekuthi ngo-2002, yena noSusan babizwa ukuba bayokhonza eBethel, baqala esabelweni sabo esisha ngo-August 1. UMfoweth’ uMorris wasebenza eMnyango Wenkonzo ePatterson futhi kamuva wasebenza njengomsizi eKomitini Yenkonzo yeNdikimba Ebusayo.
Ngaphezu kwala malungu amabili amasha, abanye abazalwane abakha iNdikimba Ebusayo yilaba: UC. W. Barber; uJ. E. Barr; uS. F. Herd; uM. S. Lett; uG. Lösch; uT. Jaracz; uG. H. Pierce; u-A. D. Schroeder; uD. H. Splane kanye noD. Sydlik. Wonke amalungu eNdikimba Ebusayo angamaKristu agcotshiwe.