Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qhubeka Wenza Izinto Ozifundile

Qhubeka Wenza Izinto Ozifundile

Qhubeka Wenza Izinto Ozifundile

“Izinto enazifunda futhi nazamukela, nazizwa, nazibona mayelana nami, zenzeni umkhuba; futhi uNkulunkulu wokuthula uyoba nani.”—FILIPI 4:9.

1, 2. Ingabe ngokuvamile iBhayibheli linalo ithonya ekuphileni kwabantu abazibheka njengabakholwayo? Chaza.

“INKOLO Iyadlondlobala, Kodwa Ukuziphatha Kuyawohloka.” Lesi sihloko esasisephephandabeni i-Emerging Trends safingqa imiphumela yenhlolo-vo eyayenziwe kulo lonke elase-United States. Ngokusobala, leli zwe liye laba nenani elandayo labantu abasontayo nabathi inkolo ibalulekile ekuphileni kwabo. Kodwa umbiko uthi: “Naphezu kwalezi zibalo ezihlaba umxhwele, abantu abaningi baseMelika balingabaza ngokucacile ithonya inkolo enalo ekuphileni kwabantu nasemphakathini wonkana.”

2 Lesi simo asitholakali ezweni elilodwa kuphela. Emhlabeni wonke, abantu abaningi abathi bayalamukela iBhayibheli futhi bayakholwa abavumi ukuba imiBhalo ibe nethonya elitheni ekuphileni kwabo. (2 Thimothewu 3:5) “Sisalihlonipha iBhayibheli,” kusho inhloko yelinye iqembu elicwaningayo, “kodwa ukulifunda ngokoqobo, silitadishe futhi senze elikushoyo—yinto yakudala leyo.”

3. (a) IBhayibheli libathonya kanjani labo ababa amaKristu eqiniso? (b) Abalandeli bakaJesu basisebenzisa kanjani iseluleko sikaPawulu esikweyabaseFilipi 4:9?

3 Nokho, kuhlukile ngamaKristu eqiniso. Ukusebenzisa iseluleko esivela eZwini likaNkulunkulu kuye kwabangela izinguquko ekucabangeni nasekuziphatheni kwawo. Futhi abanye babuphawula ngokushesha ubuntu obusha abubonisayo. (Kolose 3:5-10) Kubalandeli bakaJesu, iBhayibheli aliyona incwadi engasetshenziswa elala izintuli eshalofini. Kunalokho, umphostoli uPawulu watshela amaKristu aseFilipi: “Izinto enazifunda futhi nazamukela, nazizwa, nazibona mayelana nami, zenzeni umkhuba; futhi uNkulunkulu wokuthula uyoba nani.” (Filipi 4:9) AmaKristu enza okungaphezu kokwamukela iqiniso leZwi likaNkulunkulu. Ayakwenza lokho akufundayo, asisebenzise ngokuqhubekayo iseluleko seBhayibheli—emkhayeni, emsebenzini, ebandleni nakuzo zonke izici zokuphila.

4. Kungani kuyinselele ukuphila ngemithetho kaNkulunkulu?

4 Ukusebenzisa imithetho nezimiso zikaNkulunkulu akulula. Siphila ezweni elingaphansi kwamandla kaSathane uDeveli, lowo iBhayibheli elimbiza ngokuthi “unkulunkulu walesisimiso sezinto.” (2 Korinte 4:4; 1 Johane 5:19) Ngakho, kubalulekile ukuba siqaphele noma yini engasivimba ekuphishekeleni inkambo yobuqotho kuJehova uNkulunkulu. Singaba kanjani abagcini bobuqotho?

Bambelela ‘Esibonelweni Samazwi Amahle’

5. Asho ukuthini amazwi kaJesu athi: “Ngilandele njalo”?

5 Esinye isici sokwenza esikufundile sihilela ukusekela ukukhulekela kweqiniso ngobuqotho, naphezu kokuphikisa kwabangakholwa. Ukukhuthazela kudinga umzamo. UJesu wathi: “Uma noma ubani efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo.” (Mathewu 16:24) UJesu akashongo ukuthi simlandele isonto, inyanga noma unyaka nje kuphela. Kunalokho, wathi: “Ngilandele njalo.” Amazwi akhe abonisa ukuthi ukuba kwethu abafundi akuyona nje into yesikhashana ekuphileni kwethu noma ukuzinikela okudlulayo okukhona namuhla akusekho kusasa. Ukusekela ngobuqotho ukukhulekela kweqiniso kusho ukuthi sikhuthazela ngokwethembeka enkambweni esiyikhethile, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Singakwenza kanjani lokho?

6. Siyini isibonelo samazwi amahle amaKristu ekhulu lokuqala asifunda kuPawulu?

6 UPawulu wakhuthaza ayesebenza naye uThimothewu: “Qhubeka ubambe isibonelo samazwi amahle owawezwa kimi ngokholo nothando olumayelana noKristu Jesu.” (2 Thimothewu 1:13) Wayesho ukuthini uPawulu? Igama lesiGreki elihunyushwe lapha ngokuthi “isibonelo” ngokwezwi nezwi libhekisela emdwebweni wengcweti ongenayo imininingwane. Yize unjalo, lowo mdwebo unomklamo ocacile ukuze umuntu okwaziyo ukubona asibone kahle isithombe. Ngokufanayo, isibonelo seqiniso uPawulu asifundisa uThimothewu nabanye sasingaklanyelwe ukunika izimpendulo eziqondile zayo yonke imibuzo engase ivele. Nokho, leli qoqo lezimfundiso linikeza isiqondiso esanele—njengokungathi umklamo—ukuze abanhliziyo ziqotho babone lokho uJehova akufuna kubo. Yiqiniso, ukuze bajabulise uNkulunkulu, kwakuyodingeka baqhubeke bebambelele kuleso sibonelo seqiniso ngokwenza abakufundile.

7. AmaKristu anganamathela kanjani esibonelweni samazwi amahle?

7 Ngekhulu lokuqala, abantu abanjengoHimenewu, u-Aleksandru noFiletu babethuthukisa imibono eyayingavumelani ‘nesibonelo samazwi amahle.’ (1 Thimothewu 1:18-20; 2 Thimothewu 2:16, 17) AmaKristu okuqala ayengakugwema kanjani ukudukiswa izihlubuki? Ngokutadisha ngokucophelela imibhalo ephefumulelwe nangokuyisebenzisa ekuphileni. Labo ababelandela isibonelo sikaPawulu nabanye abathembekile babekwazi ukubona futhi benqabe noma yini eyayingahambisani nesibonelo seqiniso ababelifundisiwe. (Filipi 3:17; Heberu 5:14) Kunokuba ‘baguliswe imibuzo nayizinkulumo-mpikiswano ngamazwi,’ baqhubeka bethuthuka enkambweni efanele yokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu. (1 Thimothewu 6:3-6) Nathi senza okufanayo lapho siqhubeka senza ngokuvumelana namaqiniso esiwafundile. Yeka ukuthi kuluqinisa kanjani ukholo ukubona izigidi ezikhonza uJehova emhlabeni wonke zibambelele ngokuqinile esibonelweni seqiniso leBhayibheli ezilifundisiwe.—1 Thesalonika 1:2-5.

Zenqabe ‘Izindaba Ezingamanga’

8. (a) USathane uzama kanjani ukucekela phansi ukholo lwethu namuhla? (b) Yisiphi isixwayiso sikaPawulu esitholakala kweyesi-2 Thimothewu 4:3, 4?

8 USathane uzama ukuphula ubuqotho bethu ngokuhlwanyela ukungabaza ngalokho esikufundisiwe. Namuhla, njengasekhulwini lokuqala, izihlubuki nabanye bafuna ukucekela phansi ukholo lwabantu abangenacala. (Galathiya 2:4; 5:7, 8) Ngezinye izikhathi basebenzisa imithombo yezindaba ukuze basakaze ukwaziswa okusontekile noma ngamabomu basenge ezimithiyo mayelana nezisusa zabantu bakaJehova nezindlela abazisebenzisayo. UPawulu waxwayisa ngokuthi abanye babeyolishiya iqiniso. Wabhala: “Kuyoba khona inkathi yesikhathi lapho bengayikuyibekezelela khona imfundiso enempilo, kodwa, ngokuvumelana nezifiso zabo siqu, bayozibuthela abafundisi ukuze kukitazeke izindlebe zabo; futhi bayofulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, kuyilapho beyophendulelwa eceleni ezindabeni ezingamanga.”—2 Thimothewu 4:3, 4.

9. Yini okungenzeka uPawulu wayeyicabanga lapho ekhuluma ‘ngezindaba ezingamanga’?

9 Kunokuba babambelele esibonelweni samazwi anempilo, abanye babekhangwa ‘yizindaba ezingamanga.’ Zaziyini lezi zindaba ezingamanga? Mhlawumbe uPawulu wayecabanga ngezinganekwane ezikhangayo, njengalezo ezisencwadini iTobit ekuthembeka kwayo kuyangabazeka. * Kungenzeka futhi izindaba ezingamanga zazihlanganisa namahemuhemu avusa ilukuluku nawukucabangela. Kanti abanye bona—“ngokuvumelana nezifiso zabo siqu”—kungenzeka ukuthi bakhohliswa ngokuhlakanipha yilabo abavumelana nombono oyekethisayo ngezindinganiso zikaNkulunkulu noma ababegxeka abaholayo ebandleni. (3 Johane 9, 10; Jude 4) Noma ngabe kwakunaziphi izikhubekiso, kusobala ukuthi abanye babekhetha amanga kunamaqiniso eZwi likaNkulunkulu. Ngokushesha bayeka ukwenza izinto ababezifundile, futhi lokhu kwakulimaza bona ngokomoya.—2 Petru 3:15, 16.

10. Yiziphi ezinye zezindaba ezingamanga zosuku lwanamuhla, futhi uJohane wasigcizelela kanjani isidingo sokuqapha?

10 Singakugwema ukuchezukela ezindabeni ezingamanga namuhla uma sikuhlaziya futhi sikukhetha esikulalelayo nesikufundayo. Ngokwesibonelo, abezindaba bagqugquzela ukuziphatha okubi. Abantu abaningi bakhuthaza umbono wokuthi uNkulunkulu akaziwa noma ukungakholelwa nhlobo ebukhoneni bakhe. Abacusumbuli bahleka usulu uma iBhayibheli lithi liphefumulelwe uNkulunkulu. Futhi izihlubuki zanamuhla ziyaqhubeka zizama ukuhlwanyela ukungabaza ukuze zibhidlize ukholo lwamaKristu. Mayelana nengozi ethi ayifane yabaprofethi bamanga ngekhulu lokuqala, umphostoli uJohane waxwayisa: “Bathandekayo, ningakholwa yizo zonke izinkulumo eziphefumulelwe, kodwa vivinyani izinkulumo eziphefumulelwe ukuze nibone ukuthi zisuka kuNkulunkulu yini, ngoba abaprofethi bamanga abaningi baphumele ezweni.” (1 Johane 4:1) Ngakho kudingeka siqaphele.

11. Iyiphi enye indlela yokuhlola ukuthi sisesokholweni yini?

11 Ngalokhu, uPawulu wabhala: “Qhubekani nivivinya ukuthi nisokholweni yini.” (2 Korinte 13:5) Umphostoli wasinxusa ukuba siqhubeke sizivivinya ukuze sibone ukuthi sinamathele yini kuzo zonke izimfundiso zobuKristu. Uma sithambekele ekulaleleni abantu abakhonondayo, kudingeka sizihlaziye ngomthandazo. (IHubo 139:23, 24) Ingabe sithambekele ekutholeni amaphutha kubantu bakaJehova? Uma kunjalo, kungani? Ingabe siye salinyazwa amazwi noma yizenzo zothile? Uma kunjalo, ingabe sibheka izinto ngendlela elinganiselayo? Noma yiluphi usizi esibhekana nalo kulesi simiso sezinto lungolwesikhashana. (2 Korinte 4:17) Ngisho noma sibhekana nokulingwa okuthile ebandleni, kungani kufanele siyeke ukukhonza uNkulunkulu? Uma sicunulwe okuthile, akungcono yini ukwenza esingakwenza ukuxazulula indaba bese siyishiya ezandleni zikaJehova?—IHubo 4:4; IzAga 3:5, 6; Efesu 4:26.

12. Abantu baseBereya basibekela kanjani isibonelo esihle?

12 Kunokuba sigxeke, masilondoloze umbono onempilo ngokomoya ngokwaziswa esikuthola esifundweni somuntu siqu nasemihlanganweni yobuKristu. (1 Korinte 2:14, 15) Futhi kunokuba singabaze iZwi likaNkulunkulu, yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kangakanani ukuba nesimo sengqondo sabantu baseBereya bekhulu lokuqala abayihlola ngokucophelela imiBhalo! (IzEnzo 17:10, 11) Khona-ke, masikwenze esikufundayo, sizenqabe izindaba ezingamanga futhi sinamathele eqinisweni.

13. Singazibhebhethekisa kanjani izindaba ezingamanga singaqondile?

13 Kunolunye uhlobo lwendaba engamanga esidinga ukuluqaphela. Kunezindaba eziningi ezihlaba umxhwele ezisakazwa nge-E-mail. Kuwukuhlakanipha ukuqapha mayelana nezindaba ezinjalo, ikakhulu uma singawazi umsuka wokwaziswa okunjalo. Ngisho nalapho okuhlangenwe nakho noma indaba ithunyelwe umKristu onedumela elihle, kungenzeka ukuthi naye uyazi ngokuyixoxelwa. Yingakho kubalulekile ukuqapha mayelana nokuxoxa noma ukuthumelela abanye izindaba ezingaqinisekisiwe. Ngokuqinisekile ngeke sithande ukuzixoxa “izinganekwane eziphika uNkulunkulu,” noma “izindaba ezingamanga ezingcolisa okungcwele.” (1 Thimothewu 4:7; New International Version) Njengoba futhi sinesibopho sokukhuluma iqiniso komunye nomunye, senza ngokuhlakanipha uma sigwema noma yini engasenza sibhebhethekise amanga ngisho singaqondile.—Efesu 4:25.

Imiphumela Emihle Yokwenza Iqiniso Umkhuba

14. Yiziphi izinzuzo eziwumphumela wokwenza izinto esizifunde eZwini likaNkulunkulu?

14 Ukwenza esikufunde esifundweni somuntu siqu nasemihlanganweni yobuKristu kuyosilethela izinzuzo eziningi. Ngokwesibonelo, singase sithole ukuthi ubuhlobo bethu nalabo esikholwa nabo buyathuthuka. (Galathiya 6:10) Ubuntu bethu buyoshintsha bube ngcono uma sisebenzisa izimiso zeBhayibheli. (IHubo 19:8) Ngaphezu kwalokho, ngokwenza esikufundayo, ‘sihlobisa imfundiso kaNkulunkulu’ futhi singadonsela abanye ekukhulekeleni kweqiniso.—Thithu 2:6-10.

15. (a) Omunye osemusha wasiqunga kanjani isibindi wafakaza esikoleni? (b) Ufundeni wena kulesi senzakalo?

15 Phakathi koFakazi BakaJehova kunentsha eningi eyenza lokho ekufunde esifundweni sayo siqu seBhayibheli, ezincwadini zobuKristu nangokuba khona njalo emihlanganweni yebandla. Ukuziphatha kwayo okuhle kuwubufakazi obunamandla kothisha nakulabo efunda nabo esikoleni. (1 Petru 2:12) Cabanga ngoLeslie, intombazane eneminyaka engu-13 yase-United States. Uyavuma ukuthi wayekuthola kunzima ukuxoxa nafunda nabo ngokholo lwakhe, kodwa lokho kwashintsha ngolunye usuku. “Ekilasini kwakuxoxwa ngemizamo abantu abayenzayo ukuze bakuthengisele izinto. Enye intombazane yaphakamisa isandla yenza isibonelo ngoFakazi BakaJehova.” NjengoFakazi, wenzenjani uLeslie? Uthi: “Ngaluvikela ukholo lwami, engineqiniso lokuthi kwabamangaza bonke, ngoba ngiyathula ngempela esikoleni.” Waba yini umphumela wesibindi sikaLeslie? “Ngakwazi ukumhambisela incwajana nepheshana lowo mfundi, njengoba ayeneminye imibuzo,” kusho uLeslie. Yeka ukuthi kumelwe ukuba ujabula kanjani uJehova lapho abasha abenza lokho abakufundile bequnga isibindi ukuze bafakaze esikoleni!—IzAga 27:11; Heberu 6:10.

16. ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini simzuzise kanjani omunye uFakazi osemusha?

16 Esinye isibonelo esika-Elizabeth. Kusukela le ntombazanyana ineminyaka engu-7 ubudala nakuyo yonke iminyaka isesikoleni esiphansi yayimemela othisha bayo eHholo LoMbuso noma nini lapho inenkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Uma uthisha engakwazanga ukuba khona, u-Elizabeth wayesala ngemva kwesikole ukuze ayibekele uthisha inkulumo. Onyakeni wakhe wokugcina esikoleni esiphakeme, u-Elizabeth wabhala umbiko onamakhasi ayishumi ngezinzuzo zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini futhi wawethula phambi kothisha abane. Wacelwa nokuba anikeze inkulumo eyisibonelo yaseSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, futhi wakhetha isihloko esithi “Kungani UNkulunkulu Evumela Ububi?” U-Elizabeth uye wazuza esimisweni semfundo esiqhutshwa oFakazi BakaJehova eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Uphakathi kwentsha eningi engamaKristu eletha udumo kuJehova ngokwenza izinto ezifunde eZwini lakhe.

17, 18. (a) IBhayibheli linikeza siphi iseluleko ngokwethembeka? (b) Ukwethembeka komunye woFakazi BakaJehova kwayithinta kanjani enye indoda?

17 IBhayibheli liyala amaKristu ukuba aziphathe ngokwethembeka kuzo zonke izinto. (Heberu 13:18) Ukungathembeki kungonakalisa ubuhlobo bethu nabanye, ikakhulu noJehova. (IzAga 12:22) Ukuziphatha kwethu kokwethembeka kunikeza ubufakazi bokuthi siyazenza izinto esizifundile, futhi kungabangela abaningi babahloniphe nakakhulu oFakazi BakaJehova.

18 Cabanga ngesibonelo sesosha okuthiwa uPhillip. Walahla isheke elisayiniwe kodwa lingabhaliwe ukuthi ngelamalini, futhi akabonanga kwaze kwaba yilapho libuyiselwa kuye ngeposi. Leli sheke lalitholwe omunye woFakazi BakaJehova, futhi ipheshana elalihambisana nalo lalithi izinkolelo zolitholile zazimenze walibuyisa. UPhillip wamangala. “Ubengangendlula wonke u-$9 000!” esho. Ngesinye isikhathi wayedunyazwe ukuntshontshwa kwesigqoko sakhe esontweni. Ngokusobala, umuntu omaziyo wathatha isigqoko sakhe, kodwa umuntu ongamazi walibuyisa isheke lezinkulungwane zama-dollar! Ngokuqinisekile, amaKristu athembekile aletha udumo kuJehova uNkulunkulu!

Qhubeka Wenza Lokho Okufundile

19, 20. Siyozuza kanjani ngokwenza ngokuvumelana nezinto esizifunda emiBhalweni?

19 Labo abenza lokho abakufunde eZwini likaNkulunkulu bathola izinzuzo eziningi. Umfundi uJakobe wabhala: “Lowo osinga umthetho ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, lomuntu, ngoba akabanga umuntu ozwayo oyisikhohlwa kodwa ube umenzi womsebenzi, uyojabula ekuwenzeni kwakhe.” (Jakobe 1:25) Yebo, uma senza ngokuvumelana nezinto esizifunda emiBhalweni, siyoba nenjabulo yangempela futhi siyobhekana kangcono nezingcindezi zokuphila. Ngaphezu kwakho konke, siyothola isibusiso sikaJehova nethemba lokuphila phakade!—IzAga 10:22; 1 Thimothewu 6:6.

20 Ngakho-ke, qhubeka uzikhandla ekutadisheni iZwi likaNkulunkulu. Hlanganyela njalo nabakhulekeli bakaJehova, futhi ukunake lokho okufundiswa emihlanganweni yobuKristu. Kusebenzise okufundayo, qhubeka ukwenza, khona-ke “uNkulunkulu wokuthula uyoba [nawe].”—Filipi 4:9.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 9 ITobit, okungenzeka yabhalwa ngekhulu lesithathu B.C.E., inenganekwane egcwele inkolelo-ze ngomJuda okuthiwa uTobias. Kuthiwa wayekwazi ukuthola amandla okwelapha nokukhipha amademoni ngokusebenzisa inhliziyo, inyongo nesibindi senhlanzi eyesabekayo.

Uyakhumbula?

• Siyini “isibonelo samazwi amahle,” futhi singahlala kanjani sisibambile?

• Yiziphi “izindaba ezingamanga” okudingeka sizenqabe?

• Zinzuzo zini ezitholwa yilabo abenza izinto abazifunda eZwini likaNkulunkulu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 17]

AmaKristu okuqala ayengakugwema kanjani ukudukiswa yizihlubuki?

[Izithombe ekhasini 18]

Imithombo yezindaba, i-Internet, nezihlubuki zanamuhla kungahlwanyela ukungabaza

[Isithombe ekhasini 19]

Akukhona ukuhlakanipha ukusakaza imibiko engaqinisekisiwe

[Izithombe ekhasini 20]

Emsebenzini, esikoleni nakwezinye izindawo, oFakazi BakaJehova bayakusebenzisa abakufunda eZwini likaNkulunkulu