Intsha Enjengamazolo Aqabulayo
“Wozani Kimi, . . . Ngizonenza Niqabuleke”
Intsha Enjengamazolo Aqabulayo
AKUNGABAZEKI ukuthi uJesu wayehlanganisa nabalandeli bakhe abasebasha lapho ethi: “Wozani kimi, . . . ngizonenza niqabuleke.” (Mathewu 11:28) Lapho abantu beqala ukuletha izingane zabo kuye, abafundi bakhe bazama ukubavimba. Kodwa uJesu wathi: “Bayekeni abantwana abancane beze kimi; ningazami ukubavimba.” UJesu waze “wabasingatha abantwana waqala ukubabusisa.” (Marku 10:14-16) Impela, uJesu wayezibheka njengeziyigugu izingane.
IBhayibheli likhuluma ngezinsizwa nezintombi ezithembekile, nangentsha nezingane ezincane, eziyisibonelo esihle ekukhonzeni uNkulunkulu. Incwadi yeHubo ibikezela ‘iqembu lezinsizwa’ eliqabula njengamazolo. Ikhuluma ‘nangezinsizwa’ ‘nezintombi’ ezidumisa igama likaJehova.—IHubo 110:3; 148:12, 13, qhathanisa ne-NW.
Indawo Intsha Echuma Kuyo
Isifaniso samazolo siyafaneleka, ngoba amazolo ahlotshaniswa nenala nesibusiso. (Genesise 27:28) Amazolo athambile futhi ayaqabula. Kulesi sikhathi sokuba khona kukaKristu, amaKristu asemasha azinikela ngokuzithandela nangokuzimisela ngobuningi. Njengamazolo aqabulayo, izinsizwa nezintombi eziningi zikhonza uNkulunkulu ngokwenama futhi zisiza labo ezikholwa nabo.—IHubo 71:17.
Abasha abangamaKristu abagcini ngokuqabula abanye; nabo bathola ukuqabuleka enkonzweni yabo. Inhlangano kaNkulunkulu iyindawo abangachuma kuyo. Njengoba zilondoloza izimiso eziphakeme zokuziphatha, izinsizwa nezintombi zijabulela ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu. (IHubo 119:9) Ebandleni, zenza nemisebenzi emihle zithole nabangane abahle—okuyizici ezinomthelela ekuphileni okwanelisayo nokunenjongo.
‘Impilo Nokuhlunyelelwa’
Ingabe abasha abangamaKristu bayazizwa ‘benjengamazolo’? Nangu uTania, owesifazane osemusha okhuthele ebandleni nojabulela ukusebenza amahora angaphezu kwangu-70 ngenyanga enkonzweni. Uzizwa kanjani? Uthi: “Ngizizwa ngiqabulekile futhi ngikhuthazekile. Ukusekelwa nguJehova nenhlangano yakhe yasemhlabeni ekuphileni kwami kuye kwaba ‘yimpilo nokuhlunyelelwa’ kimi.”—IzAga 3:8.
U-Ariel, esinye isikhonzi sesikhathi esigcwele esingomusha, uyakwazisa ukondliwa okungokomoya akuthola ebandleni. Uthi: “Lapho ngiya emihlanganweni yobuKristu, emihlanganweni yesigodi neyesifunda bese ngikwazi ukuzitika etafuleni likaJehova elingokomoya, ngiqabuleka ngempela ngokomoya. Jakobe 2:23.
Futhi kuyangikhuthaza ukwazi ukuthi kunezisebenzi ezikanye nami emhlabeni wonke.” Echaza umthombo ophakeme wokuqabuleka, uthi: “Akuve kuqabula ukuba noJehova njengomngane, ikakhulu lapho ngizwa noma ngibona imiphumela emibi lesi simiso esiba nayo kubantu.”—U-Abishai, oneminyaka engu-20 ubudala, usekhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele nanjengenceku ekhonzayo ebandleni. Usichaza kanje isimo sakhe: “Ngizizwa ngiqabulekile ngoba ngiyazi ukuthi ngingazisingatha kanjani izinkinga intsha eningi ebhekana nazo namuhla. Iqiniso leBhayibheli liye langisiza ukuba ngihlale ngigxile kulokho okudingeka ngikwenze ukuze ngikhonze uJehova ngomphefumulo wonke.”
Lapho esanda kweva eshumini nambili, u-Antoine wayesheshe ahluthuke. Wake washaya ayefunda naye ngesitulo, wagwaza omunye ngepeni. U-Antoine wayengaqabuli neze! Kodwa ukufundiswa yiBhayibheli kwakushintsha ukuziphatha kwakhe. Njengoba manje eseneminyaka engu-19 ubudala futhi esekhonza njengenceku ekhonzayo nesikhonzi sesikhathi esigcwele ebandleni, uthi: “Ngiyambonga uJehova ngokungivumela ngithole ulwazi ngaye nangokungisiza ngibone isidingo sokuzithiba futhi ngishintshe indlela engenza ngayo izinto. Ngenxa yalokhu, ngiye ngagwema izinkinga eziningi.”
Abanye bayasiqaphela isimo sengqondo esiqabulayo samaKristu asemasha. UMatteo uFakazi osemusha e-Italy. Uthisha wakhe wanquma ukuthi noma ubani othuka inhlamba ekilasini uzohlawuliswa imadlana ethile. Ngemva kwesikhathi, izingane zacela ukuba lo mthetho uyekwe ngoba, zathi, “akunakwenzeka ukuthi ungayisebenzisi inhlamba.” “Kodwa uthisha wathi akunjalo, wayesesebenzisa mina njengesibonelo, njengoba ngingomunye woFakazi BakaJehova, wangincoma phambi kwalo lonke ikilasi ngolimi lwami oluhlanzekile,” kuchaza uMatteo.
Ekilasini elingalaleli eThailand, uthisha wabizela uRacha oneminyaka engu-11 ubudala phambi kwekilasi, wamncoma ngokuziphatha kwakhe okuhle, wathi: “Yini nonke ningalingisi isibonelo sakhe? Ukhuthele ezifundweni zakhe futhi uziphethe kahle.” Wabe esethi kubafundi: “Kodwa-ke, mhlawumbe kungadingeka nibe oFakazi BakaJehova, njengoRacha, ukuze niziphathe kangconywana.”
Kuyajabulisa ukubona izinkulungwane zabasha abangamaKristu zimazi kangcono uJehova futhi zenza intando yakhe. Abasha abahle abanjalo babonisa ukuhlakanipha okudlula iminyaka yabo yobudala. UNkulunkulu angabasiza ukuba baphumelele ekuphileni kwabo kwamanje futhi abanike ikusasa elihle ngokumangalisayo ezweni elisha elizayo. (1 Thimothewu 4:8) Ogwadule olungokomoya lwalesi simiso sezinto samanje, olugcwele intsha enganelisekile nekhungathekile, bahluke ngendlela eqabulayo!