“Sawubona! Ingabe Uyalazi Igama LikaNkulunkulu?”
“Sawubona! Ingabe Uyalazi Igama LikaNkulunkulu?”
IHHOVISI legatsha loFakazi BakaJehova eBrazil, lathola incwadi elandelayo ivela emantombazaneni angamawele aneminyaka engu-12 ubudala edolobheni laseFortaleza:
“Emuva ngo-1990 lapho sisebangeni lesihlanu, isikole sethu sahlela umbukiso wokuncintisana wezesayensi, ezobuciko, nezomdabu. Sachaza kuthisha ukuthi sasifuna ukuletha okuhlukile kulokho abanye abafundi ababehlela ukukulungiselela. Njengoba ayeke wasizwa sikhuluma ngoJehova nangeBhayibheli ngaphambili, wasikisela: ‘Khona-ke ningabhala ngoNkulunkulu wenu!’
“Sabona lokhu kuyithuba lokunikeza ubufakazi futhi sanquma ukufaka izincwadi zeBhayibheli kwesasizobukisa ngakho ezaziqokomisa igama likaJehova. Senza ikhophi ekhulisiwe yamazwi eHubo 83:18 futhi sayinamathisela emfanekisweni weBhayibheli elivuliwe. Futhi, sabeka etafuleni izinguqulo zeBhayibheli ezihlukene ezinegama likaJehova. Kulo lelotafula sabeka izincwadi zeBhayibheli ezihlukahlukene. Ngasekugcineni kwetafula, sabeka i-VCR (umshini we-video) neTV ukuze sibonise izivakashi isibonelo esisodwa lapho igama likaJehova lasetshenziswa khona emdlalweni webhayisikobho owawuthandwa kakhulu.
“Phakathi nalombukiso wokuncintisana, lapho umuntu eza etafuleni lethu, sasithi: ‘Sawubona! Ingabe uyalazi igama likaNkulunkulu?’ Ngemva kokunika isivakashi ithuba lokuphendula, sasiqhubeka: ‘Buka lapha! Izinguqulo zeBhayibheli eziningana zibonisa ukuthi igama lakhe nguJehova,’ sibabonisa leligama emaBhayibhelini ahlukene njengelikaJoao Ferreira de Almeida, i-Jerusalem Bible, ne-New World Translation. Khona-ke sasidlala ingxenye lapho umdlali oyinhloko womdlalo webhayisikobho eqokomisa khona elithi Jehova njengeliyigama likaNkulunkulu. Lapho abantu bebonisa isithakazelo, sasibanika umagazini noma ipheshana okunokwaziswa okwengeziwe.
“Omunye entsheni eyeza etafuleni lethu wacela incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Uthisha wethu wahlola incwadi ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise futhi wababaza: ‘Yeka incwadi ethakazelisayo!’ Ekupheleni kwalombukiso wokuncintisana sase sihambise izincwadi ezingu-7, amapheshana angu-18, kanye nomagazini abangu-67. Sathola umklomelo wesithathu kulombukiso wokuncintisana. Kodwa ngaphezu kwakho konke, sasijabule kakhulu ngelungelo lokulenza laziwe igama laphezulu, elithi Jehova.”