Lokho Ukuzithoba Kokwesaba UNkulunkulu Okukudingayo Kithi
Lokho Ukuzithoba Kokwesaba UNkulunkulu Okukudingayo Kithi
“Ngakho thobelani uNkulunkulu.”—JAKOBE 4:7.
1. Yini engase ishiwo ngohlobo lukaNkulunkulu esimkhulekelayo?
YEKA ukuthi uJehova unguNkulunkulu omangalisa kanjani! Akanakuqhathaniswa namuntu, akanakulinganiswa namuntu, akanakufaniswa namuntu, uyingqayizivele ngezindlela eziningi kakhulu! UngoPhezukonke, uMbusi Wendawo Yonke, lowo elingelakhe lonke igunya langempela. Ukhona kusukela phakade kuze kube phakade, futhi ukhazimula kakhulu kangangokuba akekho umuntu ongambona futhi aphile. (Eksodusi 33:20; Roma 16:26) Amandla nokuhlakanipha kwakhe akunamkhawulo, ubulungisa bakhe buphelele, futhi uyilo kanye uthando olwenziwe samuntu. UnguMdali wethu, uMahluleli wethu, uMniki-mthetho wethu, neNkosi yethu. Zonke izipho ezinhle nazo zonke iziphiwo ezipheleleyo zivela kuye.—IHubo 100:3; Isaya 33:22; Jakobe 1:17.
2. Ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu kuhilela ziphi izinto?
2 Ngenxa yawo wonke lamaqiniso, akunakuba nakungabaza ngesibopho sethu sokuzithoba kuye. Kodwa lokhu kuhilelani kithi? Izinto eziningi. Njengoba singenakumbona uJehova uNkulunkulu ngokwethu, ukuzithoba kuye kuhilela ukulalela izwi likanembeza ofundisiwe, ukubambisana nenhlangano kaNkulunkulu yasemhlabeni, ukuqaphela amagunya ezwe, nokuhlonipha isimiso sobunhloko elungiselelweni lomkhaya.
Ukuba Nonembeza Omuhle
3. Ukuze sibe nonembeza omuhle, hlobo luni Iwemithetho evimbelayo okumelwe siyilalele?
3 Ukuze silondoloze unembeza omuhle, kumelwe silalele imithetho engenakuphoqelelwa—okungukuthi, imithetho noma izimiso abantu abangenakuziphoqelela. Ngokwesibonelo, umyalo weshumi weMiyalo Eyishumi, omelene nokufisa, wawungenakuphoqelelwa amagunya abantu. Eqinisweni, lokhu kufakazela ukuthi iMiyalo Eyishumi yayivela ezulwini, ngoba ayikho indikimba yabantu eshaya imithetho eyayingenza umthetho owawungenakuphoqelelwa ngesijeziso lapho wephuliwe. Ngalomthetho, uJehova uNkulunkulu wanikeza umIsrayeli ngamunye umthwalo wemfanelo wokuba abe yiphoyisa lakhe siqu—uma efuna ukuba nonembeza omuhle. (Eksodusi 20:17) Ngokufanayo, phakathi kwemisebenzi yenyama ebingavimbela umuntu ekudleni ifa loMbuso kaNkulunkulu kukhona ‘umona’ ‘nomhawu’—ukumelana nayo okungenakuphoqelelwa ngabahluleli abangabantu ngezijeziso ezithile. (Galathiya 5:19-21) Kodwa ukuze sibe nonembeza omuhle, kumelwe sizigweme lezizinto.
4. Ukuze sibe nonembeza omuhle, kumelwe siphile ngaziphi izimiso zeBhayibheli?
4 Yebo, kumelwe siphile ngezimiso zeBhayibheli. Izimiso ezinjalo zingahlanganiswa emiyalweni emibili uJesu Kristu ayisho lapho ephendula umbuzo othi yimuphi umyalo omkhulu kunayo yonke emthethweni kaMose. “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho. . . . Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Mathewu 22:36-40) Okubonisa okuhilelekile kowesibili walemiyalo amazwi kaJesu alotshwe kuMathewu 7:12: “Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.”
5. Singaba kanjani nobuhlobo obuhle noJehova uNkulunkulu?
5 Kumelwe senze lokho esaziyo ukuthi kulungile futhi sigweme ukwenza lokho esaziyo ukuthi kubi, kungakhathaliseki ukuthi abanye bayakuqaphela noma cha. Lokhu kunjalo ngisho nakuba singase sikwazi ukugwema imiphumela kungaba ngokungenzi okufanele sikwenze noma ukwenza okungafanele sikwenze. Kusho ukuba nobuhlobo obuhle noBaba wethu wasezulwini, sikhumbula isixwayiso umphostoli uPawulu asinikeza kumaHeberu 4:13: “Akukho-nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.” Ukuphikelela ekwenzeni okulungileyo kuyosisiza ukuba silwisane namaqhinga kaDeveli obuqili, simelane nokucindezela kwezwe, futhi silwisane nokuthambekela kobugovu esikuzuze njengefa.—Qhathanisa nabase-Efesu 6:11.
Ukuzithoba Enhlanganweni KaNkulunkulu
6. Yimiphi imizila yokuxhumana uJehova ayisebenzisa ezikhathini zangaphambi kobuKristu?
6 UJehova uNkulunkulu akasinikanga ilungelo lokuzinqumela ngokomuntu ngamunye indlela okumelwe sisebenzise ngayo izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwethu. Kusukela ekuqaleni komlando wesintu, uNkulunkulu uye wasebenzisa abantu njengemizila yokuxhumana. Ngakho, u-Adamu wayengumkhulumeli kaNkulunkulu ku-Eva. Umyalo ophathelene nesithelo esasenqatshelwe wanikwa u-Adamu ngaphambi kokuba u-Eva adalwe, ngakho kumelwe ukuba u-Adamu wamazisa u-Eva ngokuqondene nentando kaNkulunkulu ngaye. (Genesise 2:16-23) UNowa wayengumprofethi kaNkulunkulu emkhayeni wakhe nasezweni langaphambi kukazamcolo. (Genesise 6:13; 2 Petru 2:5) UAbrahama wayengumkhulumeli kaNkulunkulu emkhayeni wakhe. (Genesise 18:19) UMose wayengumprofethi kaNkulunkulu nomzila wokuxhumana esizweni sakwa-Israyeli. (Eksodusi 3:15, 16; 19:3, 7) Ngemva kwakhe, kuze kufike kuJohane uMbhapathizi, abaprofethi abaningi, abapristi, namakhosi basetshenziswa uNkulunkulu ukuze axhumane nabantu bakhe mayelana nentando yakhe.
7, 8. (a) Lapho kufika uMesiya, obani abaye basetshenziswa njengabakhulumeli bakaNkulunkulu? (b) Yini ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu okuyidingayo koFakazi BakaJehova namuhla?
7 Lapho kufika uMesiya, uJesu Kristu, uNkulunkulu wamsebenzisa kanye nabaphostoli nabafundi bakhe abaseduze ukuba bakhonze njengabakhulumeli baKhe. Kamuva, abalandeli bakaJesu Kristu abathembekile abagcotshiwe babeyokhonza ‘njengenceku ethembekileyo neqondayo’ ekuxhumaneni nabantu bakaJehova ngendlela yokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo. Ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu kwakusho ukuqaphela ithuluzi uJehova uNkulunkulu ayelisebenzisa.—Mathewu 24:45-47; Efesu 4:11-14.
8 Amaqiniso abonisa ukuthi namuhla “inceku ethembekileyo neqondayo” ihlangene noFakazi BakaJehova futhi imelelwe iNdikimba Ebusayo yalaboFakazi. Leyondikimba, nayo, imisa ababonisi ezikhundleni ezihlukahlukene—njengabadala nabameleli abajikelezayo—ukuze baqondise umsebenzi emabandleni. Ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu kudinga ukuba uFakazi ngamunye ozinikezele azithobe kulababonisi ngokuvumelana namaHeberu 13:17: “Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.”
Ukwamukela Isiyalo
9. Yini ngokuvamile ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu okuyihilelayo?
9 Ngokuvamile ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu kuyindaba yokwamukela isiyalo esivela kulabo abakhonza njengababonisi. Uma singazinikezi thina ngokwethu isiyalo esidingekayo ngaso sonke isikhathi, kungase kudingeke ukuba IzAga 12:15;19:20.
selulekwe futhi siyalwe yilabo abanokuhlangenwe nakho negunya lokwenza kanjalo, njengabadala bebandla lethu. Ukwamukela ukuyalwa okunjalo kuyinkambo yokuhlakanipha.—10. Yisiphi isibopho abanaso labo abanikeza isiyalo?
10 Ngokusobala, abadala abanikeza isiyalo kumelwe ngokwabo babe yizibonelo zokuzithoba kokwesaba uNkulunkulu. Kanjani? NgokweyabaseGalathiya 6:1, akufanele babe nesimo esihle sokweluleka nje kuphela kodwa kufanele babe yisibonelo: “Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina-bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.” Ngamanye amazwi, iseluleko somdala kumelwe sivumelane nesibonelo sakhe. Lokho kuvumelana nesiyalo esikweyesi-2 Thimothewu 2:24, 25 nakuThithu 1:9. Yebo, labo abanikeza ukusola noma ukulullgiisa kumelwe baqaphele kakhulu ukuba bangalokothi babe nokhahlo. Kumelwe ngaso sonke isikhathi babe mnene, babe nomusa, futhi ngesikhathi esifanayo baqine ekusekeleni izimiso eziseZwini likaNkulunkulu. Kumelwe babe izilaleli ezingakhethi, baqabule kulabo abakhathele nabasindwayo.—Qhathanisa noMathewu 11:28-30.
Ukuzithoba Emagunyeni Aphakeme
11. Yini edingekayo kumaKristu ekusebenzelaneni kwawo namagunya ezwe?
11 Ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu kudinga futhi ukuba silalele amagunya ezwe. KweyabaseRoma 13:1 siyelulekwa: “Akube-yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, ngokuba akukho-mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu; lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.” Lamazwi adinga ukuba, phakathi kokunye, silalele imithetho yomgwaqo futhi sibe qotho ngokuphathelene nokukhokha izintela, njengoba umphostoli uPawulu ephawula kweyabaseRoma 13:7.
12. Kungamuphi umqondo ukuzithoba kwethu kuKesari kulinganiselwe?
12 Nokho, ngokukhanyayo konke ukuzithoba okunjalo kuKesari kumelwe kulinganiselwe. Njalo kumelwe sikhumbule isimiso esashiwo uJesu Kristu, njengoba silotshwe kuMathewu 22:21: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Umbhalo waphansi kweyabaseRoma 13:1 kuyi-Oxford NIV [New International Version] Scofield Study Bible uthi: “Lokhu akusho ukuthi umuntu kumelwe alalele imithetho eyonakele noma emelene nobuKristu. Ezimweni ezinjalo kungumthwalo wakhe wemfanelo ukulalela uNkulunkulu kunabantu (IzEnzo 5:29; qhath. noDan. 3:16-18; 6:10 nokulandel.).”
Ukuzithoba Kokwesaba UNkulunkulu Elungiselelweni Lomkhaya
13. Ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu elungiselelweni lomkhaya kudingani emalungwini awo?
13 Elungiselelweni lomkhaya, indoda nobaba iyinhloko. Lokhu kudinga ukuba abafazi balalele iseluleko esinikezwa kwabase-Efesu 5:22, 23: “Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi, ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla.” * Ngokuqondene nabantwana, abazenzeli imithetho yabo siqu kodwa bakweleta bobabili ubaba nomama ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu, njengoba uPawulu echaza kwabase-Efesu 6:1-3: “Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile. Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso: ukuze kube-kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni.”
14. Ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu kudingani ezinhlokweni zemikhaya?
14 Yebo, lapho amadoda nobaba ngokwabo bebonisa ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu kuba lula ngabafazi nabantwana ukuba bazithobe ngokwesaba uNkulunkulu. Lokhu bakwenza ngokusebenzisa ubunhloko babo ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli, njengalezo ezitholakala kwabase-Efesu 5:28, 29 no-6:4: “Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla.” “Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa [kukaJehova, NW].”
Usizo Ekuboniseni Ukuzithoba Kokwesaba UNkulunkulu
15. Yisiphi isithelo somoya esiyosisiza ukuba sibonise ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu?
15 Yini eyosisiza ukuba sibonise ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu kulezindawo ezihlukahlukene? Okokuqala, uthando olungenabugovu—uthando ngoJehova uNkulunkulu nangalabo ababeke phezu kwethu. Kweyoku-1 Johane 5:3 siyatshelwa: “Ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima.” UJesu waveza iphuzu elifanayo kuJohane 14:15: “Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.” Ngempela, uthando—isithelo somoya esiyinhloko—luyosisiza ukuba sikwazise konke uJehova aye wasenzela khona futhi kanjalo luyosisiza ukuba sibonise ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu.—Galathiya 5:22.
16. Ukwesaba uNkulunkulu kunaluphi usizo ekuboniseni ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu?
16 Okwesibili, ukwesaba uNkulunkulu. Ukwesaba ukudumaza uJehova uNkulunkulu kuyosisiza ngoba kusho “ukuzonda okubi.” (IzAga 8:13) Ngokungangabazeki, ukwesaba ukudumaza uJehova kuyosivimbela ekubeni sihlehle ngenxa yokwesaba abantu. Kuyosisiza futhi ukuba silalele imiyalo kaNkulunkulu kungakhathaliseki ubunzima okumelwe bunqotshwe. Ngaphezu kwalokho, kuyosivimbela ekubeni sivumele ukunqotshwa izilingo noma ukuthambekela kokwenza okungalungile. ImiBhalo ibonisa ukuthi kwakuwukwesaba uJehova okwenza ukuba u-Abrahama azame ukunikela ngendodana yakhe ethandekayo u-Isaka njengomhlatshelo, nokuthi kwakuwukwesaba ukudumaza uJehova okwenza ukuba uJosefa akwazi ukumelana ngokuphumelelayo nokweshela komkaPotifari kokuziphatha okubi.—Genesise 22:12; 39:9.
17. Ukholo lufeza yiphi indima ekuboniseni kwethu ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu?
17 Usizo lwesithathu ukuba nokholo kuJehova uNkulunkulu. Ukholo luyosenza sikwazi ukulalela iseluleko esinikezwa kuzAga 3:5, 6: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.” Ukholo luyosisiza ikakhulukazi lapho kubonakala sengathi sihlupheka ngokungafanele noma sinomuzwa wokuthi siyabandlululwa ngenxa yohlanga noma ubuzwe bethu noma ngenxa yokungezwani okuthile nabanye. Abanye bangase futhi babe nomuzwa wokuthi baye banganakwa ngokungafanele lapho bengatuswa ukuba bakhonze njengabadala noma izinceku ezikhonzayo. Uma sinokholo, siyolindela ukuba uJehova aqondise izindaba ngesikhathi sakhe esifanele. Okwamanje kungase kudingeke sihlakulele ukukhuthazela ngesineke.—IsiLilo 3:26.
18. Yiluphi usizo Iwesine ekuboniseni kwethu ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu?
18 Usizo lwesine ukuthobeka. Umuntu othobekile akanabo ubunzima bokubonisa ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu ngoba ‘ngokuthobeka ushaya sengathi abanye bakhulu kunaye.’ Umuntu othobekile uzimisele ukuziphatha ‘njengomncinyane.’ (Filipi 2:2-4; Luka 9:48) Kodwa umuntu oqhoshayo uyakuzonda ukuzithoba futhi uyakucasukela. Kuye kwathiwa umuntu onjalo uncamela ukuba atuswe noma onile kunokuba asolwe futhi asizwe.
19. Yisiphi isibonelo esihle sokuthobeka esanikezwa owayengumongameli we-Watch Tower Society?
19 Isibonelo esihle sokuthobeka nokuzithoba kokwesaba uNkulunkulu sake sabekwa uJoseph Rutherford, umongameli wesibili we-Watch Tower Bible and Tract Society. Lapho uHitler evimbela umsebenzi woFakazi BakaJehova eJalimane, abazalwane lapho bambhalela bebuza ukuthi yini okufanele bayenze njengoba imihlangano yabo nomsebenzi wabo wokushumayela kwakuvinjelwe. Wakhuluma ngalokhu emkhayeni waseBethel futhi wavuma ngokuqondile ukuthi wayengazi ukuthi kufanele athini kubazalwane baseJalimane, ikakhulukazi uma kucatshangelwa izijeziso ezinzima ezazihilelekile. Wathi uma kwakukhona othile owayekwazi okwakumele bakutshelwe, wayengakujabulela ukukuzwa. Yeka umoya wokuthobeka! *
Izinzuzo Zokubonisa Ukuzithoba Kokwesaba UNkulunkulu
20. Yiziphi izibusiso eziwumphumela wokubonisa ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu?
20 Kungase kubuzwe, Ziyini izinzuzo bonisa ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu? Empeleni ziningi. Siyaphepha ezinkathazweni nasekukhungathekeni okwehlela labo abenza izinto ngokuzibusa. Sijabulela ubuhlobo obuhle noJehova uNkulunkulu. Sinobudlelwane obuhle kakhulu nabafowethu abangamaKristu. Ngaphezu kwalokho, ngokuziphatha kwethu okuvu melana nomthetho, sigwema ukuba nezinkinga ezingadingekile namagunya ezwe. Futhi sijabulela ukuphila komkhaya okujabulisayo njengamadoda nabafazi, njengabazali nabantwana. Ngaphezu kwalokho, ngokulondoloza ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu, senza ngokuvumelana neseluleko esinikezwa kuzAga 27:11: “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.”
[Imibhalo yaphansi]
^ par. 13 Isikhonzi esiyiphayona satusa inhlonipho nokusekela kothando kwelinye iphayona elingashadile. Leliphayona elingashadile lacabanga ukuthi umngane walo kwakufanele ngabe usho okuthile nangezinye izimfanelo zomkakhe. Kodwa eminyakeni ethile kamuva lapho leliphayona ehngashadile nalo lishada, laqaphela indlela ukusekela kothando komfazi okubaluleke ngayo enjabulweni yomshado.
^ par. 19 Ngemva kwemithandazo eminingi nokutadisha izwi likaNkulunkulu, uJoseph Rutherford wayibona ngokucacile impendulo okwakufanele ayinikeze abazalwane baseJalimane. Kwakungekhona okwakhe ukuba abatshele ukuthi yini okufanele bayenze nokungafanele bayenze. Bahenezwi likaNkulunkulu elalibatshela ngokucacile lokho okufanele bakwenze ngokuphathelene nokuhlangana ndawonye nokufakaza. Ngakho abazalwane baseJalimane basebenza ngomshoshaphansi kodwa baqhubeka belalela umyalo kaJehova wokuba bahlangane ndawonye nowokuba bafakaze ngegama lakhe nangoMbuso.
Imibuzo Yokubukeza
□ Yimaphi omadoda uNkulunkulu awosebenzisa njengemizila yokuxhumana, futhi yini izinceku zakhe ezaziwakweleto yona?
□ Kukuziphi izinhlobo ezihlukahlukene zokusebenzelana ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu okusebenza kuzo?
□ Yiziphi izimfanelo eziyosisiza ukuba sibonise ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu?
□ Ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu kuphumela kuziphi izibusiso?
[Imibuzo Yesifundo]
[Isithombe ekhasini 16]
UNkulunkulu wasebenzisa uhlelo wethempeli laseJerusalema ukuze axhumane nabantu bakhe ngentando yakhe
[Izithombe ekhasini 18]
Izindawo esingabonisa kuzo ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu