Ingabe Ubuhle Buyoke Bunqobe Ububi?
Ingabe Ubuhle Buyoke Bunqobe Ububi?
CISHE eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, uJesu Kristu, umuntu ongenacala, wayesecaleni elihilela ukuphila kwakhe. Abantu ababi babeceba ukumbulala ngoba wayekhuluma iqiniso. Wamangalelwa ngamanga ngokuthi uvukela umbuso, futhi isixuku sahlokoma sithi akabulawe. Umbusi ongumRoma, owayazisa kakhulu isikhundla sakhe sezombangazwe ngaphezu kokuphila kombazi ongumuntukazana, walahla uJesu ukuba afe ukufa konya. Kulokho okwakubonakala ngaphandle, kwakusengathi ububi babunqobile.
Nokho, ngobusuku bangaphambi kokubulawa kwakhe, uJesu watshela abafundi bakhe: “Ngilinqobile izwe.” (Johane 16:33) Wayesho ukuthini? Ngokwengxenye, wayesho ukuthi ububi obusezweni abuzange bumenze abe nenzondo noma bumenze aphindisele ngendlela efanayo. Izwe alizange limlolonge ukuba enze ububi balo. (Qhathanisa namaRoma 12:2, Phillips.) Ngisho nalapho efa, wathandazela ababulali bakhe: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.”—Luka 23:34.
UJesu wabonisa—kwaze kwaba yilapho efa—ukuthi ububi bunganqotshwa. Wanxusa abalandeli bakhe ukuba balwe impi yabo siqu ngokumelene nobubi. Bangakwenza kanjani lokho? Ngokulalela iseluleko esingokomBhalo ‘sokungaphindiseli-muntu okubi ngokubi’ ‘nokunqoba okubi ngokuhle,’ njengoba uJesu enza. (Roma 12:17, 21) Kodwa ingabe inkambo enjalo iyasebenza ngempela?
Ukulwa Nobubi EDachau
UElse wayengowesifazane waseJalimane owayeboshwe eDachau owanikeza intombazane yaseRussia eneminyaka engu-14 ubudala isipho esiyigugu, isipho sokholo nethemba.
IDachau kwakuyinkambu yokuhlushwa edumile lapho izinkulungwane zafa khona, futhi amakhulu, kuhlanganise nalentombazanyana yaseRussia, abhekana nokuhlolwa kwezokwelapha okusabisayo. IDachau yabonakala iyisibonelo esingokoqobo sobubi. Naphezu kwalokho, ngisho nasemhlabathini onjalo obonakala ungakhiqizi, ubuhle bahluma futhi baze banda nokwanda.
UElse wazizwa eyidabukela kakhulu lentombazanyana esentsha nayo eyayiphoqelelwe ukuba ibukele lapho abalindi bamaSS bedlwengula unina ngonya. UElse, ebeka ukuphila kwakhe siqu engozini, wafuna amathuba okukhuluma nalentombazane ngokuhle nokubi nangethemba elingokomBhalo lovuko. Wafundisa umngane wakhe osemncane ukuba athande kunokuba azonde. Futhi ngenxa kaElse, lentombazane yaseRussia yakwazi ukubekezelela izinto ezisabekayo zaseDachau.
UElse wenza lokho akwenza ngoba wayefuna ukulandela isibonelo sikaKristu sokuzidela. Njengoba engomunye woFakazi BakaJehova, wayefunde ukungaphindiseli okubi ngokubi, futhi ukholo lwakhe lwamshukumisela ukuba asize abanye ukuba benze okufanayo. Nakuba ahlupheka eDachau, wanqoba umbuso owawumubi ngokuziphatha okuhle. Futhi wayengeyedwa.
UPaul Johnson, encwadini yakhe ethi A History of Christianity, waphawula ukuthi “[OFakazi BakaJehova] benqaba noma yikuphi ukubambisana nezwe lobuNazi abalilahla njengelibi ngokuphelele. . . . Amaphesenti angamashumi ayisishiyagalolunye nesikhombisa athola ushushiso lohlobo oluthile.” Ingabe kwakuwumzabalazo ongenathemba? Encwadini ethi Values and Violence in Auschwitz, isazi sezenhlalo sasePoland uAnna Pawelszynska wathi ngoFakazi: “Leliqembu elincane leziboshwa lalingamandla aqinile ngokwengqondo futhi layinqoba impi yalo yokumelana nobuNazi.”
Nokho, ngabaningi bethu, impi eyinhloko ilwiwa nobubi obungaphakathi kithina kunobubi obungaphandle. Iyimpi engaphakathi kithi.
Ukunqoba Ububi Obungaphakathi Kithina
Umphostoli uPawulu wachaza lempi ngalendlela elandelayo: “Okuhle engifuna ukukwenza akukhona engikwenzayo ngempela; engiqhubeka ngikwenza okubi engingafuni ukukwenza.” (Roma 7:19, The New Testament, kaWilliam Barclay) Njengoba uPawulu ayazi, ukwenza okuhle akuzenzekeli ngaso sonke isikhathi.
UEugenio * wayeyinsizwa yaseSpain eyalwa impi ngokumelene nokuthambekela kwayo okubi, iminyaka emibili. Uyachaza: “Kwakudingeka ngiziphathe ngesandla esiqinile. Kusukela ngisemncane, nganginokuthambekela kokuziphatha okubi. Ngisemusha, ngahlanganyela ngokuzithandela ekuziphatheni okubi kongqingili, futhi uma ngikhuluma iqiniso, ngangilujabulela lolohlobo lokuphila.” Ekugcineni yini eyamenza ukuba afune ukushintsha?
UEugenio wathi: “Ngangifuna ukujabulisa uNkulunkulu, futhi ngafunda eBhayibhelini ukuthi wayengayivumeli indlela engangiphila ngayo. Ngakho nganquma ukuba ngibe uhlobo oluhlukile lomuntu, ngizivumelanise neziqondiso zikaNkulunkulu. Zonke izinsuku, kwakudingeka ngilwe nemicabango ephambene, nengcolile eyayisalokhu ifika engqondweni yami. Ngangizimisele ukunqoba lempi, futhi ngathandaza ngokungaphezi ngicela usizo lukaNkulunkulu. Ngemva kweminyaka emibili okubi kakhulu kwase kudlulile, nakuba ngisaziphatha ngesandla esiqinile. Kodwa lowomzabalazo wawungozuzisayo. Manje sengiyazihlonipha, nginomshado omuhle, futhi, ngaphezu kwakho konke, nginobuhlobo obuhle noNkulunkulu. Ngiyazi kusukela kokuhlangenwe nakho kwami siqu ukuthi imicabango emibi ingaxoshwa ngaphambi kokuba ithele izithelo—uma uwenza ngempela umzamo.”
Okuhle kuyakunqoba okubi ngaso sonke isikhathi lapho umcabango omubi ulahlwa, ngaso sonke isikhathi lapho sinqaba ukuphindisela okubi ngokubi. Nokho, ukubunqoba okunjalo, nakuba kubalulekile, akuyisusi imithombo emibili eyinhloko yobubi. Kungakhathaliseki ukuthi sizama kanzima kangakanani, asinakukwazi ukubunqoba ngokuphelele ubuthakathaka bethu esibuzuze njengefa, futhi uSathane usenethonya elibi phezu kwesintu. Ngakho ingabe lesimo siyoke sishintshe?
Ukuchitha UDeveli
Ukwethembeka kukaJesu kuze kube sekufeni kwakuwukunqotshwa okukhulu kukaSathane. UDeveli wahluleka emzamweni wakhe wokwephula ubuqotho bukaJesu, futhi lokho kwehluleka kwaphawula ukuqala kwesiphetho sikaSathane. Njengoba iBhayibheli lichaza, uJesu wafa ukuze “amchithe . . . uDeveli.” (Heberu 2:14, qhathanisa neNW) Ngemva kokuvuka kwakhe uJesu watshela abafundi bakhe: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.” (Mathewu 28:18) Futhi lamandla ayeyosetshenziselwa ukwenza imisebenzi kaSathane ibe yize.
Incwadi yesAmbulo ichaza usuku uJesu ayeyokhipha ngalo uSathane emazulwini. LoMenzi Wobubi Omkhulu, kanye namademoni akhe, babeyogcinwa endaweni yasemhlabeni. Ngenxa yalokho, iBhayibheli liyaxwayisa, ububi babuyokwanda: “Maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhuIu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!”—IsAmbulo 12:7-9, 12.
Isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi lesenzakalo esingokomlando sesenzekile kakade—phakathi nesikhathi seMpi Yezwe Yokuqala. * Lokho kuchaza ukwanda kobubi okuphawulekayo esiye sakubona esikhathini sethu. Kodwa ngokushesha uSathane uzovinjelwa ngokuphelele ukuze angabe esathonya muntu.—Bheka isAmbulo 20:1-3.
Konke lokhu kuyosho ukuthini ngesintu?
“Abayikwenza Okubi”
NjengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uJesu ngokushesha uzosebenzisa ‘amandla anawo phezu komhlaba’ ukuze alungiselele isimiso sokufundiswa kabusha ngokomoya. “Abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.” (Isaya 26:9) Izinzuzo ziyoba sobala kuwo wonke umuntu. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “abayikwenza okubi, bangachithi . . . ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Isaya 11:9.
Ngisho namanje, ukuthambekela kwethu okubi okuningi kunganqotshwa. Lapho ithonya lamademoni lingasekho, kuyoba lula kakhulu ‘ukudeda ebubini senze okuhle.’—1 Petru 3:11.
Sinesizathu sokuqiniseka ngokuthi ubuhle buyobunqoba ububi ngoba uNkulunkulu muhle, futhi ngosizo Iwakhe labo abafisa ukwenza okuhle bangakunqoba okubi njengoba uJesu abonisa ngesibonelo sakhe siqu. (IHubo 119:68) Labo manje abazimisele ukulwa nobubi bangabheka phambili ekuphileni emhlabeni ohlanziwe oyobuswa uMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni ozinikele ekususeni ububi phakade. Umhubi wachaza umphumela: “Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula. Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni, kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini.”—IHubo 85:10, 11.
[Imibhalo yaphansi]
^ par. 14 Akulona igama lakhe langempela.
^ par. 20 Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe bheka amakhasi 20-2 encwadini ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, enyatheliswe yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.