Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amalungiselelo Okunikeza Usizo Abonisa Uthando LobuKristu

Amalungiselelo Okunikeza Usizo Abonisa Uthando LobuKristu

Amalungiselelo Okunikeza Usizo Abonisa Uthando LobuKristu

“NITHANDE abazalwane,” umphostoli uPetru wanxusa amaKristu ayekanye nawo. (1 Petru 2:17) Uthando olunjalo lwaluyofinyelela ngale kwemingcele yobuhlanga, yezenhlalo, neyobuzwe, ludonsele abantu ndawonye ebuzalwaneni boqobo. Lapho kuphakama isidingo sezinto ezibonakalayo phakathi kwamaKristu akuqala, uthando Iwashukumisela abaningi ukuba banike abaphostoli iminikelo ukuze babele labo abaswele. Ukulandisa kuthi “bahlanganyela izinto zonke.”—IzEnzo 2:41-45; 4:32.

Uthando olunjalo lwabonakaliswa lapho iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, ekupheleni kuka-1991, imema amagatsha amaningana eWatch Tower Society eNtshonalanga Yurophu ukuba alungiselele ukudla nezambatho ukuze akunike abafowabo abaswele eMpumalanga Yurophu, kuhlanganise nezingxenye zezwe elaliyiSoviet Union. Lapha sininikeza uchungechunge Iwemibiko evela kwamanye amagatsha ayehilelekile.

ISweden

Ngo-December 5, 1991, incwadi echaza lesidingo yathunyelwa kuwo wonke amabandla angu-348 eSweden. Asabela ngokushesha. Phakathi nezinsuku ezimbalwa, iloli lokuqala lalisendleleni lilibhekise eSt. Petersburg, eRussia, ligcwele amathani angu-15 kafulawa, amafutha okupheka, inyama esemathinini, ubisi oluyimpuphu, nezinye izinto ezifana nalezo. OFakazi BakaJehova bakuleyondawo balithulula iloli futhi ngokushesha baba amaphakethe angu-750 kulabo abaswele. Kamuva, amanye amaloli amabili athwala ukudla akuyisa eRussia. Esewonke, amathani angaphezu kwangu-51,5 athunyelwa evela eSweden.

Ukunikela ngokuzithandela izingubo nezicathulo kwadlulela ngale kokwakulindelekile. Izinqwaba zamaphakethe ezingubo zanqwabelana ngokushesha emaHholo OMbuso. AmaKristu amaningi anikela ngezingubo zawo siqu. Amanye athenga izingubo ezintsha. Omunye umzalwane wathenga amasudi ayisihlanu. Lapho umnini-sitolo owayemangele ethola injongo yalokho, wanikela ngamanye amasudi ayisihlanu. Omunye umzalwane wathenga ibhokisi lamasokisi, amagilavu, nezikhafu. Lapho echaza injongo, umnini-sitolo wamnikeza amasudi amasha angu-30 ngenani lamasudi amabili. Umnini-sitolo sezinto zezemidlalo wanikela ngamapheya ayikhulu ezicathulo ezintsha namabhuzu.

Khona-ke zonke lezimpahla zalethwa egatsheni ukuze zihlungwe, zipakishwe kabusha, futhi zilayishwe elolini. Okokwembatha—okulingana nokungathwalwa amaloli angu-40—kwagcwalisa izindawo ezinkulu egatsheni! Abazalwane nodade basebenza amasonto amaningi bekuhlukanisa bekwenza izinqwaba okwabesilisa, okwabesifazane, nokwabantwana futhi bekupakisha emabhokisini. Amaloli ahlukene angu-15 asetshenziswa ukuba athwale lezingubo ngokulondeka aziyise eRussia, eUkraine, nase-Estonia.

Umzalwane owayeshayela elinye lamaloli eNhlangano izikhathi eziyisishiyagalombili eya ezweni elaliyiSoviet Union wathi: “Indlela abazalwane bethu ababesamukela ngayo ezindaweni esasiya kuzo yayiwumvuzo omkhulu. Basibamba futhi basanga, futhi nakuba benezinto ezincane, basinikeza isifundo esihle sokupha kobuKristu.”

IFinland

Naphezu kokwehla komnotho eFinland, ukuntuleka kwemisebenzi okusakazeke yonke indawo, kanye nezinkinga zomnotho, ukuzimisela phakathi kwabazalwane baseFinland abangaba ngu-18 000 ukusiza abazalwane babo basezweni elaliyiSoviet Union kuye kwaba kukhulu. Bathumela amathani okudla angaphezu kwangu-58 okusemabhokisini angu-4 850 kwaya eSt. Petersburg, e-Estonia, eLatvia, eLithuania, naseKaliningrad. Babuye futhi bagcwalisa indawo engenalutho emalolini ngezingubo ezingu-12 cubic meter. Kwabuye kwanikelwa ngezimoto nangamaveni okuke kwasetshenziswa okungu-25 ukuze kusetshenziswe emsebenzini woMbuso.

Amanye amabhokisi okudla afinyelela ebandleni elinabamemezeli abangu-14 eSlanti endaweni yaseSt. Petersburg. Bazwakalisa ukwazisa okukhulu encwadini abayibhala. “Sinodade abakhulile abayishumi ebandleni lethu. Abaningi kithina bagula kakhulu futhi abakwazi ukuma emigqeni amahora amaningi ukuze bathole ukudla. Nokho, uBaba wethu wasezulwini, akasinikezi isizathu sokudumala kulezikhathi ezinzima kodwa ugcwalisa izinhliziyo zethu ngenjabulo. Siqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-43.” Lapho udade othile eSt. Petersburg ethola iphasela lakhe elinezinto ezizomsiza, wathinteka kakhulu kangangokuthi wakhala amahora amabili ngaphambi kokulivula.

IDenmark

Kulelizwe elincane elisekungeneni koLwandle iBaltic, oFakazi BakaJehova abangu-16 000 bahlangana futhi bathumela eUkraine amaloli angu-19 athwele amathani angu-64 okudla okusemabhokisini angu-4 200; amabhokisi angu-4 600 anezingubo ezisezingeni eliphakeme; kanye namapheya ezicathulo ezintsha angu-2 269. Umzalwane othile eJalimane wavumela leligatsha ukuba lisebenzise amaloli ayisihlanu, lawo kamuva awanikela kubazalwane eUkraine. Lapho ephindela ekhaya, omunye wabashayeli wathi: “Sithole ukuthi sibuye nokuningi kunalokho esasikuhambisile. Uthando nomoya wokuzidela owaboniswa abazalwane bethu baseUkraine kwaluqinisa kakhulu ukholo lwethu.”

Abashayeli kwakudingeka baqaphele abaphangi emigwaqweni ezweni elaliyiSoviet Union. Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba elilodwa lalamaloli aseDenmark lihambe, kwakukade kubanjwe inkunzi kuleyondlela. Amaloli amahlanu alandelanayo anokudla okuvela kwenye inhlangano enikeza usizo amiswa abaphangi besebenzisa indiza enophephela emhlane nezibhamu ezizishintshayo. Bawathatha wonke amaloli amahlanu, bashiya abashayeli eduze komgwaqo. Naphezu kwengozi enjalo, zonke izimpahla ezivela egatsheni laseDenmark zafinyelela kubazalwane ngokuphepha. Banikeza umshayeli incwajana ukuba aphindele nayo ekhaya, ibhalwe ngokuciciyela okukhulu ngesiNgisi: “Bazalwane nodade abathandekayo baseDenmark: Silutholile usizo Iwenu. Wehova uyonivuza.”

INetherlands

Igatsha laseNetherlands lathumela amathani angu-52 okudla kusemaphaseleni angu-2 600. Kwayiswa eUkraine ngamaloli alandelanayo ayengamaqembu amabili ahlukene. Isikhathi ngasinye kwakushiywa ayisithupha, njengoba ayenikelwe abazalwane baseJalimane benikelela umsebenzi woMbuso eMpumalanga. Abazalwane baseUkraine badlulisa ukudla okuningi bakuyisa eMoscow, eSiberia, nakwezinye izindawo lapho kwakunesidingo esikhulu. Ngaphezu kwalokho, ama-cubic meter angu-736 ezingubo nezicathulo anikelwa abazalwane abangamaDashi. Kwalethwa eLviv eUkraine ngamaloli angu-11 alandelanayo ephelezelwa yimoto encane.

Ngemva kohambo olude edabula eJalimane nasePoland, lamaloli alandelanayo adlula ngaphandle kwezinkinga emahhovisi okukhokhwa kuwo izintela aseUkraine, futhi afika emaphandleni aseLviv ngo3:00 ekuseni. Abashayeli bayabika: “Ngesikhathi esifushane, iqulu labazalwane abangu-140 lase lifikile ukuzothulula amaloli. Ngaphambi kokuqalisa lomsebenzi, labazalwane abathobekile babonisa ukuthembela kwabo kuJehova, bathandaza ngobunye. Lapho umsebenzi usuqediwe, babuye bahlangana ukuze bathandaze babonge kuJehova. Ngemva kokujabulela umoya wokungenisa izihambi wabazalwane bakuleyondawo, abasipha kakhulu kokuncane ababenakho, saphelezelwa sayiswa emgwaqweni omkhuIu, lapho bafika benza khona umthandazo eceleni komgwaqo ngaphambi kokuba basishiye.

“Phakathi nohambo olude oluya ekhaya, kwakunokuningi kakhulu esasingacabanga ngakho—umoya wokungenisa izihambi wabazalwane baseJalimane nasePoland, nowabazalwane bethu eLviv; ukholo Iwabo oluqinile nesimo sabo sengqondo sokuthandaza; umoya wabo wokungenisa izihambi ngokusilungisela kwabo izindawo zokulala nokudla nakuba besezimweni zokuswela bona ngokwabo; ukubonisa kwabo ubunye nokusondelana; nokubonga kwabo. Sacabanga nangabazalwane bethu nodade emuva ekhaya, ababeye banikela ngokungagodli.”

ISwitzerland

Igatsha laseSwitzerland liqalisa umbiko walo ngokucaphuna kuJakobe 2:15, 16: “Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba-ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla, kusho omunye kini kubo ukuthi: Hambani nibe-nokuthula, nifudumale, nisuthe, kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na?” Khona-ke umbiko ube usuqhubeka: “Sakhumbula lomBhalo lapho iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova isimema ukuba sinikeze usizo olungokwezinto ezibonakalayo kubazalwane bethu abaswele.

“Ngokushesha wonke umuntu waba matasa! Ngezinsuku nje ezimbili, amathani angu-12 okudla okusemaphaseleni angu-600 athunyelwa eUkraine ngamaloli amathathu avela eJalimane, ayezonikelwa emsebenzini lapho. Izindaba zokuthi wonke ayefike ngokuphepha zabangela intokozo enkulu phakathi kwabazalwane bethu lapha. Ngalesosikhathi, amabandla aqoqa izingubo, futhi ngokushesha igatsha lethu lase lichichima amabhokisi, amapotimende, kanye nezikhwama! Lokho okwakunezingubo zezingane kwakuhlanganisa namathoyizi avela ezinganeni zaseSwitzerland ziya kubangane abangaziwa eNyakatho ekude. Oshokoledi abaningi nabo babefakwe phakathi kwezingubo.”

Kwakuzothunyelwa kanjani konke lokhu? Umbiko uthi: “Igatsha laseFrance lasisiza ngokusinikeza amaloli amabili nabashayeli abane. Ngaphezu kwalokho, kwakudingeka iloli elilodwa lasegatsheni lethu namanye amane angawabazalwane balendawo ukuze athuthe amathani angu-72 aye eUkraine.” Uhide lwamaloli alandelanayo olwalungamamitha angu-150 ubude, lwafika ngokuphepha endaweni yokuthulula izimpahla eLviv, lapho abazalwane bendawo abangaba yikhulu babelinde khona ukuze bathulule amaloli. Abashayeli babika ukuthi umgoqo wolimi wawungesona isithiyo ngoba ubuso babo babubonakalisa ukwazisa okujulile.

IAustria

Abazalwane baseAustria bathumela amathani okudla angu-48,5, amabhokisi ezingubo angu-5 114, namapheya ezicathulo angu-6 700 kuya eLviv naseUzhgorod eUkraine. Bathumela futhi amathani ayisikhombisa okudla, amabhokisi ezingubo angu-1 418, namapheya ezicathulo angu-465 eBelgrade, eMostar, eOsijek, eSarajevo, naseZagreb ezweni elaliyiYugoslavia. Umbiko wegatsha uthi: “Sasinamaloli angu-12 ayelayishiwe, ahamba amakhilomitha angu-34 000. Okuningi kwalokhu kuthutha kwenziwa umzalwane othile nendodana yakhe abanebhizinisi lokuthutha ngamaloli.”

Ngokuphathelene nezingubo ezazinikelwa, lombiko uyaqhubeka: “Sasebenzisa iHholo LoMhlangano njengendawo eyinhloko okulethwa kuyo izinto. Amaloli agcwele ayelokhu etheleka, kwaze kwaphela indawo. Njengasezinsukwini zikaMose, abantu kwadingeka ukuba bavinjwe ukuba bangabe besaletha okwengeziwe. (Eksodusi 36:6) Ngisho nabanye abantu abangebona oFakazi BakaJehova banikela ngemali, ‘ngoba,’ besho, ‘ngalendlela siyazi ukuthi abantu abaswele bazoyithola.’ Futhi ezinkampanini zezwe sathola mahhala amabhokisi angenalutho esasiwadinga kakhulu.” Abazalwane nodade ababehlunga futhi bepakisha zonke izinto babesukela eminyakeni engu-9 kuya kwengu-80 ubudala. Baze ngisho bazama nokuhlanganisa uthayi nehembe okufanelanayo nesudi ngayinye.

Umbiko uthi: “Iziphathimandla zaseAustria nezasemingceleni ziye zaba usizo kakhulu ekwenzeni ukuthutha okunhlobonhlobo kokunikeza usizo kube nokwenzeka nasekunikezeni izincwadi ezidingekayo ukuze konke okuthuthwayo kuthuthwe ngaphandle kobunzima.”

I-Italy

Amathani okudla angaba ngu-188 avela eRome athunyelwa ngamaloli amakhulu amabili alandelanayo anqamula iAustria, iCzechoslovakia, nePoland eya ezweni elaliyiSoviet Union. Iqembu ngalinye leloli lalihlanganisa abashayeli abayisithupha, umakhenika, isazi sezintambo zikagesi zezimoto, umhumushi, inxusa lezokuthutha, umpheki, udokotela, umholi walamaloli owayehamba ngeveni, kanye nomzalwane owayephethe izinto zokulala.

Ukudla kwatholakala kuvela ezimbonini eziyisikhombisa. Igatsha liyabika: “Lapho izimboni esisebenzelana nazo zizwa isizathu salokhu, ezinye zazo zafisa ukuba nengxenye. Amakhilogremu amaningana e-pasta nelayisi, kanye namabhokisi okwakufakwa kuwo, kwanikelwa yizimboni zezwe. Ngaphezu kwalokho abanye banikela ngamathayi ahamba eqhweni noma banikela ngemali.

“Abazalwane baseItaly balazisa lelithuba lokusiza. Izingane nazo zazifuna ukunikela. Umfana oneminyaka emihlanu ubudala wathumela umnikelo omncane ayenethemba lokuthi wawuzothengela ‘abazalwane baseRussia ithini elikhulu lenhlanzi i-tuna.’ Ngenxa yokuthi yayithole amamaki amahle esikoleni, intombazanyana ethile yathola imali ivela kugogo nomkhulu wayo ukuze ithengele abazali bayo isipho. ‘Kodwa,’ ibhala, ‘lapho ngiqaphela ukuthi abaningi babazalwane bami abanako konke ukudla enginakho, ngacabanga ukuthi isipho esihle kakhulu engangingasithengela abazali bami kwakuwukusiza labobazalwane.’ Yafaka isamba esikhulu ebhokisini lomnikelo. Yathi, ‘ngithemba ukuthi ngizoqhubeka ngithola amamaki amahle, ukuze ngikwazi ukuthumela imali eyengeziwe.’” Umbiko wegatsha uphetha ngokuthi izincwadi zokwazisa okufudumele ezivela kubazalwane eUkraine, amazwi amaningi okwazisa avela kubazalwane baseItaly, kanye nokuhlangenwe nakho okuhle ekulungiseleleni nasekuthutheni izimpahla kwakushukumisa, kukhuthaza, futhi kusenza sibe munye.

Ukudla Kwezinkulungwane Zezihambeli

Umhlangano wokuqala wezizwe zonke woFakazi BakaJehova ezweni elaliyiSoviet Union wawuseNkundleni Yezemidlalo iKirov eSt. Petersburg eRussia, ngo-June 26-28, 1992. Lomhlangano oyingqopha-mlando, owawunesihloko esithi “Abaphathi Bokukhanya,” wawunezihambeli ezingaphezu kuka-46 200 ezivela emazweni angu-28. Wanikeza elinye ithuba lokubonisa uthando lobuKristu ‘ngobuzalwane bomhlaba wonke.’—1 Petru 2:17NW.

Amathani amaningi okudla okuvela eDenmark, eFinland, eSweden, nakwamanye amazwe aseNtshonalanga Yurophu anikezwa mahhala izinkulungwane zezihambeli zomhlangano ezazivela ezweni elaliyiU.S.S.R., okwakuzodliwa phakathi nomhlangano. Njengoba seziphuma enkundleni yomhlangano ngemva kwesimiso sokugcina, zanikezwa futhi iphasela lokudla elinomphako wendlela lapho ziphindela ekhaya.

Lemibiko ephawulwe lapha ibonisa ukuthi ukupha bekungayi ohlangothini olulodwa—empumalanga—kuphela. Kuye kwaba nokuphana. Yebo, ukudla nokokwembatha bekuya empumalanga, kodwa entshonalanga bekuya ukubonakaliswa kothando okuningi okujabulisayo kanye nokuhlangenwe nakho okuqinisa ukholo okubonisa ukubekezela nokwethembeka kwezinkulungwane zabakhulekeli bakaJehova phakathi neminyaka engamashumi amaningi yokucindezelwa nobunzima. Ngaleyondlela, izinhlangothi zombili ziye zakubona ukuba yiqiniso kwamazwi kaJesu: “Kubusisekile ukupha kunokwamukela.”—IzEnzo 20:35.

[Umdwebo/Isithombe ekhasini 21]

1. Okuvela eFinland: eSt. Petersburg, eRussia; eTallinn naseTartu, e-Estonia; eRiga, eLatvia; eVilnius naseKaunas, eLithuania; eKaliningrad, eRussia; ePetrozavodsk, eKarelia

2. Okuvela eNetherlands: eLviv, eUkraine

3. Okuvela eSweden: eSt. Petersburg, eRussia; eLviv, eUkraine; eNevinnomyssk, eRussia

4. Okuvela eDenmark: eSt. Petersburg, eRussia; eLviv, eUkraine

5. Okuvela eAustria: eLviv, eUkraine; eBelgrade, eMostar, eOsijek, eSarajevo, eZagreb (ezweni elaliyiYugoslavia)

6. Okuvela eSwitzerland: eLviv, eUkraine

7. Okuvela eltaly: eLviv, eUkraine

[Izithombe ekhasini 23]

Amabhokisi ezingubo egatsheni laseSweden

Ukulayisha izimpahla zosizo

Ukudla okusephaseleni elilodwa

Unbhekeni nesipeke (‘ham’) kuvela eDenmark

Amaloli alandelanayo angu-11 nemoto eyodwa

Amaphasela kanye namapotimende egatsheni laseAustria

Ukuthulula iloli eLviv, eUkraine