Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inkinga Yomhlaba Wonke Yesifo Sokuphazamiseka Kwengqondo

Inkinga Yomhlaba Wonke Yesifo Sokuphazamiseka Kwengqondo

“Njalo nje ngihlale ngikhathazekile, ngisho ngizihlalele ngedwa.”

“Uma ngijabule kakhulu ngiyakhathazeka. Ngivele ngibone ukuthi kukhona okuzongidumaza.”

“Ngizama ukugxila osukwini olulodwa ngesikhathi. Kodwa ngezinye izikhathi ngikhathazeka ngokuthi kuzokwenzekani ngosuku olulandelayo.”

Lawa amazwi avame ukushiwo abantu abanenkinga yokuphazamiseka kwengqondo. Ingabe wena—noma umuntu omthandayo—wake wazizwa ngale ndlela?

Qiniseka ukuthi awuwedwa. Abaningi namuhla ziyabathinta izinkinga eziphathelene nokuphazamiseka kwengqondo, kungakhathaliseki ukuthi ezabo noma ezalabo ababathandayo.

Asingabazi ukuthi siphila ‘ezinsukwini zokugcina okunzima ukubhekana nazo,’ ezenza sicindezeleke ngezindlela ezihlukahlukene. (2 Thimothewu 3:1) Ucwaningo olwenziwa emhlabeni wonke lwathola ukuthi kubantu abangu-8 oyedwa wabo unenkinga yokuphazamiseka kwengqondo. a Ngo-2020, ubhubhane lwe-COVID-19 lwenza kwanyuka inani labantu abakhathazekile ngamaphesenti angu-26 nenani labantu abacindezelekile ngamaphesenti angu-28 uma kuqhathaniswa nonyaka ka-2019.

Nakuba kubalulekile ukwazi ukuthi bangaki abantu abanesifo sokucindezeleka, okubaluleke nakakhulu ukwazi ukuthi wena nabantu obathandayo yini eningayenza ukuze nihlale niphilile futhi ningcono.

Onjani umuntu ophile kahle engqondweni?

Umuntu ophile kahle engqondweni uhlale ejabule futhi enza izinto kahle. Uyakwazi ukubhekana nezinkinga ezivamile zokuphila, ukhuthele futhi uyakujabulela ukuphila.

Isifo sokuphazamiseka kwengqondo . . . 

  • Ukuphazamiseka kwengqondo AKUBANGELWA ukuthi umuntu ubuthaka.

  • Yisifo ESIBANGELWA ukucindezeleka okukhulu, esiphazamisa indlela umuntu acabanga ngayo simenze angakwazi ukulawula indlela azizwa ngayo nendlela enza ngayo izinto.

  • Singenza umuntu abe unkom’ idla yodwa, ahluleke ukubhekana nezinkinga zokuphila zansuku zonke.

  • Singaphatha noma yimuphi umuntu, kungakhathaliseki ukuthi uneminyaka emingaki, isizinda, ubuzwe, inkolo, ukuthi ufunde kangakanani noma ukuthi unemali engakanani.

Thola usizo uma unesifo sokuphazamiseka kwengqondo

Ngezinye izikhathi, umuntu angase enze izinto angajwayele ukuzenza nobuntu bakhe bungase bushintshe. Angase alale isikhathi eside kakhulu noma esifushane kakhulu, ashintshe indlela adla ngayo, acindezeleke isikhathi eside, akhathazeke noma adumale. Uma lokhu kwenzeka, angase adinge usizo lwezokwelashwa ukuze athole ukuthi yini ebangela lokhu nokuthi yini angayenza ukuze abe ngcono. Angaluthola kuphi usizo?

Umuntu ohlakaniphe kunabo bonke owake waphila, uJesu Kristu, wake wathi: “Abantu abayimiqemane abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo.” (Mathewu 9:12) Kungaba ngcono kakhulu uma izifo zalabo abagulayo zelashwa ngendlela efanele futhi bedla amaphilisi nemithi yezifo zabo. Lokhu kungabasiza bajabule, baphile nokuphila okunenjongo. Uma izifo zabo zizimbi kakhulu noma sebegule isikhathi eside, kubalulekile ukuba bathole usizo lokwelashwa ngokushesha. b

Nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi yezokwelapha, elikuqukethe kungasisiza ezinkingeni zokuphazamiseka kwengqondo. Sicela ufunde izihloko ezikulo magazini ukuze uthole ukuthi iBhayibheli lingakusiza kanjani ezinkingeni zokuphazamiseka kwengqondo.

a Kulo magazini, amagama ezifo zokuphazamiseka kwengqondo afakwe kubakaki ngesiNgisi.

b Ayikho indlela yokwelashwa ekhuthazwa yile Nqabayokulinda. Umuntu ngamunye kufanele ahlaziye ngokucophelela izindlela zokwelashwa bese ezenzela isinqumo esingangqubuzani nemithetho yeBhayibheli.