Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izisulu Zenzondo Zigcwele Yonke Indawo

Izisulu Zenzondo Zigcwele Yonke Indawo

Abantu bayahlupheka ngenxa yokusakazeka kwenzondo yonke indawo.

Izindaba nezinkundla zokuxhumana zikhuluma nakakhulu ngabantu ababonisa inzondo lapho bekhuluma, lapho bethumelelana imiyalezo ngeposi nange-inthanethi nangabantu ababonisa inzondo ebhekiswe eqenjini elithile labantu. Cabanga nangezenzo eziningi zobandlululo nezokuhlotshaniswa neqembu elithile, ukwenziwa inhlekisa, ukuthukwa, ukwesatshiswa nokucekelwa phansi kwempahla. Kunezisulu zenzondo nokungaphathwa kahle kwabantu kuyo yonke indawo!

Lo magazini ubonisa indlela okungaqedwa ngayo ukuzondana okungapheli. Lokhu akulona iphupho nje. Lolu ushintsho olungokoqobo, oluzohlala phakade, oseluqalile kakade emhlabeni wonke.