Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 46

Indlela UJehova Asiqinisekisa Ngayo Ukuthi Uzokwenza Umhlaba Ube IPharadesi

Indlela UJehova Asiqinisekisa Ngayo Ukuthi Uzokwenza Umhlaba Ube IPharadesi

‘Wonke umuntu ozifunela isibusiso emhlabeni uyobusiswa nguNkulunkulu weqiniso.’—ISAYA 65:16.

INGOMA 3 Ungamandla Nethemba Lethu, Sincike Kuwe

AMAZWIBELA a

1. Wawuthini umyalezo womprofethi u-Isaya owawuya kuma-Israyeli?

 UMPROFETHI u-Isaya wachaza uJehova ngokuthi ‘unguNkulunkulu weqiniso.’ Igama elihunyushwe ngokuthi “iqiniso” ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “amen.” (Isaya 65:​16, mbhw.) Igama elithi “amen” lisho ukuthi “makube njalo,” noma “ngokuqinisekile.” Lapho kusetshenziswa igama elithi “amen” eBhayibhelini uma kukhulunywa ngoJehova noma ngoJesu, kusuke kuyisiqinisekiso sokuthi noma yini abayishoyo iyiqiniso. Ngakho, umyalezo ka-Isaya owawuya kuma-Israyeli wawucacile: Izinto ezibikezelwa uJehova ziyagcwaliseka ngaso sonke isikhathi. Ulifakazele lelo qiniso ngokugcwalisa zonke izithembiso zakhe.

2. Kungani singazethemba izithembiso zikaJehova zekusasa lethu, futhi yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

2 Singazethemba yini nathi izithembiso zikaJehova ezimayelana nekusasa lethu? Ngemva kweminyaka ecishe ibe ngu-800 u-Isaya afa, umphostoli uPawulu wachaza ukuthi kungani singazethemba ngaso sonke isikhathi izithembiso zikaNkulunkulu. Wathi: ‘Akunakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga.’ (Heb. 6:18) Njengoba nje umthombo wamanzi ungeke ukhiphe amanzi amnandi namanzi anosawoti, noJehova, uMthombo weqiniso, ngeke aqambe amanga. Ngakho, singakwethemba ngokuphelele konke uJehova akushoyo, okuhlanganisa nazo zonke izithembiso eziphathelene nekusasa lethu. Kulesi sihloko sizoxoxa ngale mibuzo: Yini uJehova athembise ukusinika yona esikhathini esizayo? Yisiphi isiqinisekiso asinikezile sokuthi isithembiso sakhe sizogcwaliseka?

YINI UJEHOVA AYITHEMBISILE?

3. (a) Yisiphi isithembiso izinceku zikaNkulunkulu ezisithanda kakhulu? (IsAmbulo 21:​3, 4) (b) Bathini abanye uma sibaxoxela ngalesi sithembiso?

3 Izinceku zikaNkulunkulu emhlabeni wonke zisithanda kakhulu lesi sithembiso esizoxoxa ngaso. (Funda isAmbulo 21:​3, 4.) UJehova uthembisa ukuthi “ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” Abaningi kithi basebenzisa leli vesi elithinta inhliziyo lapho befundisa abantu ngokuthi kuyoba njani ukuphila ePharadesi. Bathini abanye lapho sibaxoxela ngalesi sithembiso? Bangase bathi, “Kuzwakala kukuhle impela lokho enikushoyo, kodwa mina angikukholwa.”

4. (a) Yini uJehova ayeyazi? (b) Ngaphandle kokwenza isithembiso, yini enye uJehova ayenza?

4 Lapho uJehova ephefumulela umphostoli uJohane ukuba abhale lesi sithembiso esimayelana nokuphila ePharadesi, wayazi ukuthi siyoxoxa ngaso lapho sishumayeza abantu ngomyalezo woMbuso. Wayazi nokuthi kwakuyoba nzima ngabantu abaningi ukusikholwa lesi sithembiso esimayelana ‘nezinto ezintsha.’ (Isaya 42:9; 60:2; 2 Kor. 4:​3, 4) Pho, singabaqinisekisa kanjani abanye—siziqinisekise nathi—ukuthi siyozithola izibusiso ezichazwe encwadini yesAmbulo 21:​3, 4? UJehova akagcinanga nje ngokwenza lesi sithembiso esithinta inhliziyo, kodwa usinikeze nezizathu ezinamandla zokumethemba ukuthi uzosigcwalisa. Yiziphi lezo zizathu?

UJEHOVA USIQINISEKISA NGOKUTHI ISITHEMBISO SAKHE SIZOGCWALISEKA

5. Yiziphi izizathu zokwethemba isithembiso sikaNkulunkulu sePharadesi, futhi sizitholaphi?

5 Emavesini alandelayo sithola izizathu zokusethemba isithembiso sikaJehova sokuphila ePharadesi. Athi: “Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi wathi: ‘Bheka! Ngenza konke kube kusha.’ Wathi futhi: ‘Bhala, ngoba la mazwi athembekile, ayiqiniso.’ Wathi futhi kimi: ‘Sekwenzekile! Ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho.’”—IsAm. 21:​5, 6a.

6. Kungani iziqinisekiso ezisencwadini yesAmbulo 21:​5, 6 zisenza sisethembe nakakhulu isithembiso sikaNkulunkulu?

6 Kungani la mavesi esenza sisethembe nakakhulu lesi sithembiso sikaNkulunkulu? Incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo ithi ngala mavesi: “Kusengathi uJehova ngokwakhe usayinela isintu esithembekile isiqinisekiso, noma itayitela, lalezi zithembiso zesikhathi esizayo.” b Isithembiso sikaNkulunkulu sisencwadini yesAmbulo 21:​3, 4Emavesini 5 no-6, sibe sesithola isignesha kaJehova engokomfanekiso esiqinisekisa ngokuthi lesi sithembiso sizogcwaliseka nakanjani. Ake sibhekisise amagama uJehova awasebenzisayo kulesi siqinisekiso.

7. Kungani sikhethekile isethulo sesiqinisekiso sikaNkulunkulu, futhi kubaluleke ngani lokho?

7 Isiqinisekiso sikaNkulunkulu siqala ngalesi sethulo: “Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi wathi.” (IsAm. 21:5a) Lesi yisikhathi sokuqala kwezintathu encwadini yesAmbulo uJehova akhuluma kuzo esemibonweni. Lesi siqinisekiso sishiwo uJehova ngokwakhe, asishiwo ingelosi enamandla noma ngisho uJesu ovusiwe! Leli qiniso ligcizelela ukuthi singawethemba ngokuphelele amazwi awasho ngemva kwalo. Kungani singawethemba? Kungoba uJehova ‘akawaqambi amanga.’ (Thithu 1:2) Leyo nkulumo yenza sikwethembe ngokuphelele esikufunda encwadini yesAmbulo 21:​5, 6 ukuthi kuzogcwaliseka.

“BHEKA! NGENZA KONKE KUBE KUSHA”

8. UJehova ugcizelela kanjani ukuthi isithembiso sakhe sizogcwaliseka nakanjani? (Isaya 46:10)

8 Manje ake sixoxe ngegama elithi “Bheka!” (IsAm. 21:5) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “bheka!” lisetshenziswe kaningi encwadini yesAmbulo. Enye incwadi ithi lesi sibabazo sisetshenziselwe “ukwenza umfundi anakisise lokho okulandelayo.” Yini elandelayo ngemva kwalesi sibabazo? Amazwi kaNkulunkulu athi: “Ngenza konke kube kusha.” Yiqiniso, uJehova ukhuluma ngoshintsho oluzokwenzeka esikhathini esizayo, kodwa ngenxa yokuthi uyaqiniseka ukuthi uzosigcwalisa nakanjani lesi sithembiso, ukhuluma sengathi selwenzekile kakade lolu shintsho.—Funda u-Isaya 46:10.

9. (a) Inkulumo ethi “ngenza konke kube kusha” ibhekisela kumiphi imisebenzi kaJehova emibili? (b) Kuzokwenzekani ‘ezulwini nasemhlabeni’ okukhona njengamanje?

9 Ake sixoxe ngenkulumo elandelayo esencwadini yesAmbulo 21:5: “Ngenza konke kube kusha.” Kulesi sahluko seBhayibheli, leyo nkulumo ibhekisela emisebenzini kaJehova emibili—ukubhubhisa nokubuyisela. Okokuqala, yini uJehova azoyibhubhisa? Encwadini yesAmbulo 21:​1, siyafunda: “Izulu langaphambili nomhlaba wangaphambili kwase kudlulile.” “Izulu langaphambili” libhekisela kohulumeni baleli zwe abathonywe uSathane namademoni akhe. (Math. 4:​8, 9; 1 Joh. 5:19) Ngomqondo elisetshenziswe ngawo eBhayibhelini, igama elithi “umhlaba” lingabhekisela kubantu abahlala emhlabeni. (Gen. 11:1; IHu. 96:1) Ngakho, ‘umhlaba wangaphambili’ ubhekisela kubantu abangalungile besikhathi esiphila kuso. UJehova ngeke amane nje alungise, noma athuthukise, “umhlaba” ‘namazulu’ okukhona njengamanje; kunalokho uzokususa kungaphinde kube khona. Uzobhubhisa izulu nomhlaba okukhona manje, esikhundleni sako alethe “izulu elisha nomhlaba omusha”—okuwuhulumeni omusha nabantu abalungile.

10. Yini uJehova azoyenza ibe yintsha?

10 Encwadini yesAmbulo 21:5 sibe sesifunda ngalokho uJehova akushoyo ngezinto azozenza zibe zintsha. Phawula ukuthi uJehova akazange athi: “Ngenza zonke izinto ezintsha.” Kunalokho wathi: “Ngenza konke kube kusha.” Uzokwenza umhlaba ube musha asuse nesono kubantu. Njengoba u-Isaya abikezela, wonke umhlaba uzokwenziwa ube muhle njengepaki—ufane nensimu yase-Edene. Umuntu ngamunye naye uzokwenziwa abe musha, noma abuyiselwe esimweni sokungabi nesono. Olunyonga, oyimpumputhe noyisithulu bazokwelashwa, ngisho nabafile bazovuswa.—Isaya 25:8; 35:​1-7.

“LA MAZWI ATHEMBEKILE, AYIQINISO. . . . SEKWENZEKILE!”

11. Yimuphi umyalo uJehova awunika uJohane futhi sasiyini isizathu?

11 Yini enye eyingxenye yesiqinisekiso sikaNkulunkulu? UJehova watshela uJohane: “Bhala, ngoba la mazwi athembekile, ayiqiniso.” (IsAm. 21:5) UJehova wenza okungaphezu kokumane anikeze umyalo wokuba ‘kubhalwe.’ Wanikeza nesizathu. Wathi: “Ngoba la mazwi athembekile, ayiqiniso”—okusho ukuthi amazwi kaNkulunkulu singawethemba futhi anembile. Siyabonga ngokuthi uJohane wawulalela umyalo wokuba ‘abhale.’ Lokhu kusenza sikwazi ukufunda ngesithembiso sikaNkulunkulu sePharadesi, sizindle nangezibusiso ezimangalisayo esizozithola.

12. Kungani kufaneleka ukuba uJehova athi: “Sekwenzekile!”?

12 Yini enye uNkulunkulu abe eseyisho? “Sekwenzekile!” (IsAm. 21:6) Manje uJehova ukhuluma sengathi zonke izinto ezimayelana nePharadesi esithenjiswe lona sezenzekile. Kuyafaneleka ukuba akhulume kanjalo ngoba akukho okungamvimba ukuba agcwalise injongo yakhe. Uphinde asho okuthile okusenza siqiniseke ngokuthi isithembiso sakhe sizogcwaliseka nakanjani. Uthini?

“NGINGU-ALFA NO-OMEGA”

13. Kungani uJehova athi: “Ngingu-Alfa no-Omega”?

13 Njengoba kushiwo ngaphambili, uJehova wakhuluma kathathu emibonweni eya kuJohane. (IsAm. 1:8; 21:​5, 6; 22:13) Isikhathi ngasinye wathi: “Ngingu-Alfa no-Omega.” U-alfa uyi-alfabhethi yokuqala kuma-alfabhethi esiGreki, u-omega ungeyokugcina. Ngokusebenzisa incazelo ethi “ngingu-Alfa no-Omega,” uJehova ubonisa ukuthi lapho eqala ukwenza okuthile, ukwenza aze akuqede futhi aphumelele.

Lapho uJehova eqala ukwenza okuthile, ukwenza aze akuqede (Bheka izigaba 14, 17)

14. (a) Kunini lapho uJehova kwaba sengathi uthi “Alfa” futhi kunini lapho kuyoba sengathi uthi “Omega?” (b) Yisiphi isiqinisekiso esisithola kuGenesise 2:​1-3?

14 Ngemva kokuba uJehova edale u-Adamu no-Eva, waveza ukuthi iyini injongo yakhe ngabantu nomhlaba. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu wababusisa wathi kubo: ‘Zalani nande, nigcwalise umhlaba niwunqobe.’” (Gen. 1:28) Kufana nokuthi ngaleso sikhathi uJehova wayethi “Alfa.” Wayisho ngokucacile injongo yakhe: Kwakuyofika isikhathi lapho inzalo ka-Adamu no-Eva engenasono nelalelayo yayiyogcwalisa khona umhlaba, iwenze ube iPharadesi. Ngaleso sikhathi esizayo, kuyofana nokuthi uJehova uthi “Omega.” Lapho eseqedile ukudala “amazulu nomhlaba nakho konke okukukho,” uJehova wanikeza isiqinisekiso. SikuGenesise 2:​1-3. (Yifunde.) UJehova wabeka usuku lwesikhombisa lwaba usuku olungcwele kuye. Kusho ukuthini lokho? UJehova wayeqinisekisa ukuthi uzoyifeza nakanjani injongo yakhe ngabantu nangomhlaba. Iyofezeka ngokugcwele ekupheleni kwalolo suku lwesikhombisa.

15. Kungani kwakungase kubonakale sengathi uSathane uyibhuntshisile injongo kaNkulunkulu ngabantu?

15 Ngemva kokuba u-Adamu no-Eva behlubukile, baba nesono futhi badlulisela isono nokufa enzalweni yabo. (Roma 5:12) Ngenxa yalokho, kwakungase kubonakale sengathi uSathane uyibhuntshisile injongo kaNkulunkulu yokuba umhlaba ugcwale abantu abangenasono nabalalelayo. Kwabonakala sengathi uSathane wenze ukuba uJehova angakwazi ukuthi “Omega.” Kungenzeka uSathane wayecabanga ukuthi wayesemvalele ekhoneni uJehova. Mhlawumbe wayecabanga nokuthi uJehova uzobabulala o-Adamu no-Eva bese edala indoda nomkayo abangenasono ukuze afeze injongo yakhe ngabantu. Kodwa ukube uNkulunkulu wababulala, uDeveli wayezomsola ngokuthi ungumqambimanga. Kungani? Kungoba, njengoba kubhalwe kuGenesise 1:​28, uJehova wayetshele u-Adamu no-Eva ukuthi eyabo inzalo eyayizogcwalisa umhlaba.

16. Kungani uSathane ayengase acabange ukuthi uJehova uyisehluleki?

16 Yikuphi okunye uSathane ayengase acabange ukuthi uNkulunkulu angakwenza? Mhlawumbe uSathane wacabanga ukuthi uJehova uzovumela u-Adamu no-Eva bazale izingane ezinesono ezaziyoqhubeka zinesono unomphela. (UmSh. 7:20; Roma 3:23) Ukube kwaba njalo, akungabazeki ukuthi uDeveli wayeyothi uJehova uyisehluleki. Kungani? Kungoba lokho kwakungeke kuyifeze injongo kaNkulunkulu, ewukuba umhlaba oyiPharadesi ugcwale inzalo ka-Adamu no-Eva elalelayo nengenasono.

17. UJehova wayixazulula kanjani indaba yokuhlubuka kukaSathane nabantu bokuqala, futhi kuyokwenzekani ekugcineni? (Bheka nesithombe.)

17 UJehova waxazulula indaba yokuhlubuka kukaSathane nokwabantu bokuqala ngendlela okumele ukuba wayengayilindele uSathane. (IHu. 92:5) Kunokuba uJehova azibonise engumqambimanga, wazibonisa ukuthi uneqiniso ngokuvumela ukuba u-Adamu no-Eva babe nezingane. Kunokuba uJehova azibonise eyisehluleki, wabonisa ukuthi akukho okumhlulayo. Waqiniseka ukuthi injongo yakhe iyafezeka ngokulungiselela ‘inzalo’ eyayiyosindisa inzalo elalelayo ka-Adamu no-Eva. (Gen. 3:15; 22:18) Kumele ukuba uSathane lammangaza ilungiselelo likaJehova lesihlengo! Kungani? Kungoba liyilungiselelo elisekelwe othandweni olungenabugovu. (Math. 20:28; Joh. 3:16) USathane akanalo lolo thando ngoba yena unobugovu. Yini-ke eyokwenzeka ngenxa yelungiselelo lesihlengo? Ekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane, inzalo ka-Adamu no-Eva elalelayo nengenasono iyohlala emhlabeni oyipharadesi—njengoba nje uJehova ayehlosile ekuqaleni. Ngaleso sikhathi, kuyoba sengathi uJehova uthi, “Omega.”

INDLELA ESINGASETHEMBA NGAYO NAKAKHULU ISITHEMBISO SIKAJEHOVA SEPHARADESI

18. Yiziphi iziqinisekiso ezintathu esizinikwa uNkulunkulu? (Bheka nebhokisi elithi “ Izizathu Ezintathu Zokwethemba Isithembiso SikaJehova.”)

18 Ngokwalokho esesixoxe ngakho, yiziphi iziqinisekiso esingaxoxa ngazo nabantu abangabaza ukuthi isithembiso sikaNkulunkulu sePharadesi sizofezeka nakanjani? Esokuqala, nguJehova ngokwakhe owenza leso sithembiso. IsAmbulo sithi: “Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi wathi: ‘Bheka! Ngenza konke kube kusha.’” Unokuhlakanipha, amandla nesifiso sokufeza lesi sithembiso sakhe. Esesibili, ukugcwaliseka kwesithembiso sakhe kuqiniseke kangangokuba ngombono kaJehova, sesigcwalisekile kakade. Yingakho ethi: “La mazwi athembekile, ayiqiniso. . . . Sekwenzekile!” Esesithathu, lapho uJehova eqala ukwenza okuthile, ukwenza aze akuqede futhi aphumelele, yingakho athi: “Ngingu-Alfa no-Omega.” UJehova uyobonisa ukuthi uSathane ungumqambimanga nesehluleki.

19. Lapho abantu bengabaza isithembiso sikaNkulunkulu sePharadesi, yini ongayenza?

19 Khumbula, isikhathi ngasinye lapho uxoxa nabantu ensimini ngalesi siqinisekiso sikaNkulunkulu, uzethemba nakakhulu izithembiso zakhe. Ngakho, esikhathini esizayo lapho ufundela umuntu lesi sithembiso esithinta inhliziyo esikhuluma ngePharadesi elizayo esisencwadini yesAmbulo 21:​4, bese lowo muntu ethi, “Kuzwakala kukuhle impela lokho okushoyo, kodwa mina angikukholwa,” yini ongayenza? Ungamfundela bese umchazela amavesi 5 no-6. Mbonise indlela uJehova aqinisekise ngayo isithembiso sakhe, kwaba njengokungathi usayina isignesha yakhe kuso.—Isaya 65:16.

INGOMA 145 Isithembiso SikaNkulunkulu SePharadesi

a Kulesi sihloko sizofunda ngesiqinisekiso uJehova asinike sona sokuthi isithembiso sakhe sePharadesi sizogcwaliseka. Isikhathi ngasinye lapho sixoxa nabanye ngalesi sithembiso, sizethemba nakakhulu izithembiso zikaJehova.

b Bheka incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! kk. 303-304, izig. 8-9.