Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe uJakobe waba ukhokho kaMesiya ngenxa yokuthenga kwakhe ilungelo lobuzibulo lika-Esawu?

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Kwa-Israyeli wasendulo, ingabe uhlu lozalo oluholela kuMesiya lwaluncike elungelweni lobuzibulo?

Ngaphambili sike sasho izinto ezisikisela lokho. Lokho kwakubonakala kuvumelana nalokho esikufunda kweyamaHebheru 12:16. Leli vesi lithi u-Esawu ‘akazazisanga izinto ezingcwele’ wanika uJakobe “amalungelo akhe njengezibulo ewenana ngesidlo esisodwa.” Lokhu kwasenza saphetha ngokuthi lapho uJakobe ethola ‘amalungelo njengezibulo,’ waba sohlwini lozalo lukaMesiya.​—Math. 1:2, 16; Luka 3:23, 34.

Nokho, ukuhlolisisa ukulandisa kweBhayibheli kubonisa ukuthi indoda kwakungadingeki ibe yizibulo ukuze ibe ukhokho kaMesiya. Cabanga ngalobu bufakazi.

Emadodaneni kaJakobe (u-Israyeli), izibulo lakhe ngoLeya kwakunguRubeni. Bese kuthi izibulo ngomkakhe ayemthanda kakhulu uRaheli kwakunguJosefa. Lapho uRubeni eziphatha kabi, ilungelo lobuzibulo ladluliselwa kuJosefa. (Gen. 29:31-35; 30:22-25; 35:22-26; 49:22-26; 1 IziKr. 5:1, 2) Noma kunjalo, uhlu lozalo lukaMesiya aluvelanga ngoRubeni noma ngoJosefa. Kunalokho lwavela ngoJuda, indodana kaJakobe yesine ngoLeya.​—Gen. 49:10.

ULuka 3:32 uveza abantu abahlanu abasohlwini lozalo oluholela kuMesiya. Kubonakala sengathi ngamunye kubo wayeyizibulo. UBhowazi wazala u-Obede owazala uJese.​—Ruthe 4:17, 20-22; 1 IziKr. 2:10-12.

Nokho, uDavide, indodana kaJese, wayengelona izibulo. Wayenguthumbu emadodaneni angu-8. Noma kunjalo, uhlu lozalo lukaMesiya lweza ngoDavide. (1 Sam. 16:10, 11; 17:12; Math. 1:5, 6) Ngemva kwalokho, kwabe sekulandela uSolomoni ohlwini, owayengelona izibulo likaDavide.​—2 Sam. 3:2-5.

Lokhu akusho ukuthi ukuba yizibulo kwakungabalulekile. Indodana eyizibulo yayinesikhundla esibalulekile futhi ngokuvamile yayiba yinhloko yekhaya. Yiyo eyayithola ifa eliningi.​—Gen. 43:33; Dut. 21:17; Josh. 17:1.

Kodwa ilungelo lobuzibulo lalingadluliselwa komunye umuntu. U-Abrahama wamxosha u-Ishmayeli, wadlulisela ilungelo lobuzibulo ku-Isaka. (Gen. 21:14-21; 22:2) Njengoba sekubonisiwe, ilungelo lobuzibulo lathathwa kuRubeni ladluliselwa kuJosefa.

Manje ake siphinde sihlole eyamaHebheru 12:16, ethi: “Kungabikho sifebe nanoma ubani ongazazisi izinto ezingcwele, njengo-Esawu owaphana ngamalungelo akhe njengezibulo ewenana ngesidlo esisodwa.” Yiliphi iphuzu elalivezwa lapha?

Lapha umphostoli uPawulu wayengaxoxi ngohlu lozalo lukaMesiya. Wayesanda kukhuthaza amaKristu ukuba ‘enzele izinyawo zawo izindlela eziqondileyo.’ Lokho kwakuzowasiza ekutheni “kungabikho muntu ophucwa umusa ongafanelwe kaNkulunkulu,” ngokudabukisayo okuyinto eyayingenzeka uma eziphatha kabi. (Heb. 12:12-16) Uma amaKristu ayengenza lokho, ayeyofana no-Esawu. ‘Akazazisanga izinto ezingcwele’ futhi wazinikela kulokho okuwukungcola.

U-Esawu wayephila ngesikhathi sezinzalamizi futhi kungenzeka ngesinye isikhathi wayenelungelo lokwenza imihlatshelo. (Gen. 8:20, 21; 12:7, 8; Jobe 1:4, 5) Kodwa ngenxa yokungazazisi izinto ezingcwele, u-Esawu walahla wonke amalungelo ukuze athole nje isitshulu. Kungenzeka wayefuna ukugwema ukuhlupheka okwakubikezelwe okwakuzokwehlela inzalo ka-Abrahama. (Gen. 15:13) U-Esawu wazibonisa ethambekele ekugcoleni, ngokungazazisi izinto ezingcwele, nangokushada abesifazane ababili bezizwe, okwenza abazali bakhe baphatheka kabi. (Gen. 26:34, 35) Yeka ukuthi wayehluke kanjani kuJakobe, owaqikelela ukuthi ushada umuntu owayekhulekela uNkulunkulu weqiniso!​—Gen. 28:6, 7; 29:10-12, 18.

Ngakho, singaphetha ngokuthini mayelana nohlu lozalo oluholela kuJesu, uMesiya? Ngezinye izikhathi ohlwini kwakuba namazibulo, kodwa hhayi njalo. AmaJuda akuqaphela lokhu futhi akwamukela, avuma ukuthi uKristu wavela ohlwini lozalo olusuka kuDavide, uthumbu kaJese.​—Math. 22:42.