Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUBUKA OKWEZWE

Ukuhlolisisa I-Afrika

Ukuhlolisisa I-Afrika

Izinhlangano eziningi kanye neningi labantu bayaqhubeka bezama ukwenza izinga lokuphila libe ngcono e-Afrika. Nokho, leli zwekazi lisahlushwa yizinkinga ezibonakala zingenakuxazululeka.

Ukuzingelwa Kobhejane Okungekho Emthethweni

ENingizimu Afrika, bangu-1 004 obhejane ababulawa ngokungemthetho ngo-2013, kanti kwabulawa abangu-13 nje kuphela ngo-2007. Nokho, naphezu kwalokhu kwanda kwenani lezimpondo zobhejane ezitholakalayo, zisaqhubeka zifunwa kakhulu kangangokuthi ikhilogremu elilodwa lazo lingabiza ngaphezu kwekhilogremu elilodwa legolide. Uphondo olulodwa lungadayiswa ngama-dollar angafinyelela engxenyeni yesigidi.

ONGACABANGA NGAKHO: Ingabe ohulumeni bayoke bakwazi ukuqeda ukungabi namthetho?—Jeremiya 10:23.

Ukufumbathisa Okungabikwa

I-Transparency International ithi kunamazwe aseMpumalanga ye-Afrika anamanani okufumbathisa aphakathi kwaphakeme kunawo wonke emhlabeni. Noma kunjalo, cishe abantu abangamaphesenti angu-90 ababa yizisulu zako, abakubiki. Okhulumela le nhlangano eKenya uthi: “Kubonakala sengathi izakhamuzi azethembi ukuthi kukhona ohulumeni bazo abangakwenza uma zibika ngako.”

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: “Isifumbathiso siphuphuthekisa abantu ababona ngokucacile.”—Eksodusi 23:8.

Abantu Base-Afrika Abasebenzisa I-Internet

Ngokwe-International Telecommunication Union, kwakulindeleke ukuba babe amaphesenti acishe abe ngu-20 abantu base-Afrika ababezobe sebesebenzisa i-Internet ekupheleni kuka-2014. Inani labantu abakhokhela ukusebenzisa i-Internet emishinini ephathwayo inyanga ngayinye e-Afrika, likhula ngezinga elisiphinda kabili isilinganiso somhlaba wonke.