ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | IYINI IMPUMELELO YANGEMPELA?
Uyilinganisa Kanjani Impumelelo?
Ukuze uzihlole, cabanga ngezimo ezilandelayo zezinto ezingase zenzeke.
Ubani kulaba ongathi uphumelela ngempela?
-
U-ALEX
U-Alex unebhizinisi. Uqotho, ukhuthele futhi uyahlonipha. Ibhizinisi lakhe liyachuma futhi ngenxa yalokho, yena nomndeni wakhe baphila ngokunethezeka.
-
UCAL
UCal naye unebhizinisi elifanayo futhi wenza imali eningi kuno-Alex. Nokho, ukuze ahambe phambili kozakwabo, uCal usebenza ngokweqile futhi usenanezifo eziningi.
-
UJANET
UJanet ungumfundi wasesikoleni samabanga aphakathi ozimiselayo futhi okujabulelayo ukufunda. Ngenxa yalokho, uphumelela kahle.
-
U-ELLEN
U-Ellen uthola amamaki angcono kakhulu kunoJanet futhi uphumelela ngamalengiso
—kodwa uyakopela phakathi nokuhlolwa futhi kuncane akuthandayo ezintweni azifundayo.
Uma uthi uCal no-Ellen
Ngakolunye uhlangothi, uma ukhethe u-Alex noJanet kuphela, kungenzeka ulinganisa impumelelo nezici zobuntu bomuntu nemikhuba yakhe yokusebenza. Kunengqondo ukwenza kanjalo. Cabangela lezi zibonelo ezilandelayo:
-
Yini eyosiza uJanet ukuphila kwakhe konke
—ukuthola amamaki aphezulu noma ukuhlakulela uthando lokufunda? -
Ikuphi okuyosiza abantwana baka-Alex
—ukuba nazo zonke izinto ezingathengwa ngemali noma ukuba nobaba okwazisayo ukuchitha isikhathi nezingane zakhe?
Iphuzu elisemqoka: Impumelelo yokuzikhohlisa isekelwe kulokho okubonakala ngaphandle; impumelelo yangempela isekelwe ezindinganisweni ezifanele.