UMBONO WEBHAYIBHELI
Ukuzindla
Kuyini ukuzindla?
“Ngokuqinisekile ngizozindla ngawo wonke umsebenzi wakho, futhi ngizozikhathaza ngezenzo zakho.”
—IHubo 77:12.
OKUSHIWO ABANTU
Ziningi izindlela zokuzindla, eziningi zazo zinomsuka wezinkolo zaseMpumalanga zasendulo. Omunye umbhali wathi: “Kufanele ingqondo ingacabangi lutho nhlobo ukuze ikwazi ukuzindla.” Amazwi akhe abonisa ukuthi ukungacabangi lutho, kuyilapho ugxile emagameni noma ezithombeni ezithile kuletha ukuthula kwangaphakathi, kukuvule ingqondo futhi kukulethele ukukhanyiselwa okungokomoya.
OKUSHIWO YIBHAYIBHELI
EBhayibhelini, ukuzindla kuyinto ebaluleke kakhulu. (1 Thimothewu 4:15) Nokho uhlobo lokuzindla elikukhuthazayo, akukona ukungacabangi lutho nhlobo noma ukuphindaphinda inkulumo noma amazwi athile, ngezinye izikhathi okungabizwa ngokuthi imilolozelo. Kunalokho, ukuzindla okukhulunywa ngakho eBhayibhelini kuhlanganisa ukucabanga ngezihloko ezakhayo, njengalezo ezikhuluma ngezimfanelo zikaNkulunkulu, izimiso zakhe nendalo. Indoda ethembekile kuNkulunkulu yathandaza: “Ngizindlé ngawo wonke umsebenzi wakho; ngokuzithandela ngizigcine ngiwukhathalela umsebenzi wezandla zakho.” (IHubo 143:5) Yaphinde yathi: “Ngikukhumbulile embhedeni wami, ngizindla ngawe phakathi nemilindo yasebusuku.”
Ukuzindla kungakuzuzisa kanjani?
“Inhliziyo yolungileyo iyazindla ukuze iphendule.”
—IzAga 15:28.
OKUSHIWO YIBHAYIBHELI
Ukuzindla ngezinto ezakhayo kusenza sibe ngabantu abangcono, sizithibe futhi kusenze sibe nesimilo
Ukuzindla kuphinde kusize nasekuthuthukiseni ukuqonda nenkumbulo yethu. Ngokwesibonelo, lapho sicwaninga ngesici sendalo noma ngesihloko seBhayibheli esithile, sifunda ngamaqiniso amaningi athakazelisayo. Kodwa lapho sizindla ngalawo maqiniso, sikwazi ukubona indlela ahlobana ngayo nalokho esikufunde esikhathini esidlule. Ngakho, njengoba umbazi engakha ifenisha enhle ngokuhlanganisa nje amapulangwe, nokuzindla kusenza sikwazi “ukuhlanganisa” amaqiniso ukuze sikwazi ukuthola umqondo ophelele.
Ingabe ukuzindla kufanele kulawulwe?
“Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi yenza ngokuphelelwa yithemba. Ubani ongase ayazi?”
—Jeremiya 17:9.
OKUSHIWO YIBHAYIBHELI
“Ngaphakathi, enhliziyweni yabantu, kuphuma imicabango emibi: ubufebe, ukweba, ukubulala, ukuphinga, ukukhanuka, izenzo zobubi, inkohliso, ukuziphatha okubi, iso elinomona, . . . ukungabi nangqondo.” (Marku 7:
Yingakho iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sizindle ‘ngezinto eziyiqiniso, ezilungileyo, ezihlanzekile, ezithandekayo, okukhulunywa kahle ngazo, ezinhle nezikufanelekelayo ukudunyiswa.’ (Filipi 4: