Thola Usizo
Ukuba nabantu abazokweluleka akubalulekile nje kuphela lapho usesesikoleni kodwa nalapho usumdala.
OBANI abangakusiza emizamweni yakho yokuphumelela esikoleni?
Abakini.
UBruna, intombazane yaseBrazil eneminyaka engu-18, uthi: “Lapho ngidinga usizo ngomsebenzi wesikole, ubaba wayengichazela lokho okuqukethwe yindaba abese engibuza imibuzo eholela empendulweni. Kodwa wayengiyeka ngizitholele izimpendulo.” *
Icebiso: Qala ngokubuza umzali wakho ukuthi wayesazi kangakanani isifundo wena osithola sinzima. Uma ayesazi kahle, uyena muntu ongakusiza-ke lowo.
Othisha.
Iningi lothisha liyakujabulela ukwazi ukuthi umfundi ufuna ngempela ukuphasa futhi bangakujabulela ukukusiza.
Icebiso: Vele uthi kuthisha, “Siyangehlula lesi sifundo, kodwa ngiyafuna ukusiphumelela. Ucabanga ukuthi yini okumelwe ngiyenze?”
Abeluleki.
Mhlawumbe umngane womndeni enimethembayo angakusiza. Lokho kungazuzisa ngezindlela ezimbili: Eyokuqala, uzothola usizo oludingayo; eyesibili, uzofunda ukuthembela osizweni lwabanye uma kunesidingo—into eyokusiza lapho usumdala. Iqiniso liwukuthi ukuphumelela ezintweni eziningi kudinga umzamo wabantu abaningi, hhayi owakho wedwa.—IzAga 15:22.
Icebiso: Buza abazali bakho ukuthi ubani ongaba umeluleki okahle.
Iphuzu eliyinhloko: Akukubi ukucela usizo!
Kungani ungaqali manje? Bhala phansi abantu ababili noma abathathu abayizibonelo ezinhle kuwe. Ukhona yini kubo ongaba nethuba lokukusiza ngomsebenzi wakho wesikole?
^ isig. 4 Ingane yakini endala ingakwazi nayo ukukusiza.