Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umbono WeBhayibheli

“Iqiniso Liyonikhulula”—Kanjani?

“Iqiniso Liyonikhulula”—Kanjani?

IZIGIDI zabantu zicabanga ukuthi zikhululekile, nakuba eqinisweni kungenjalo. Ngokwesibonelo, abaningi bayizigqila zezinkolelo-ze. Abanye besaba abafileyo futhi bangase bazame ukushweleza kubo ngokwenza imihlatshelo ebizayo. Kanti abanye abangaqiniseki ngokuthi kwenzekani lapho umuntu efa, basaba ukufa ngezinga elidlulele. Ingabe abanjalo bangakhululwa kulezi zinkathazo ezingokwengqondo, ezingokomzwelo ngisho nezingokwezimali? Yebo! Njengoba amazwi kaJesu acashunwe ngenhla ebonisa, isihluthulelo senkululeko iqiniso. Kodwa iqiniso lani? Iqiniso nje ngomqondo ovamile noma iqiniso lohlobo oluthile?

UJesu akasishiyanga ebumnyameni. Wathi: “Uma nihlala ezwini lami, niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:31, 32) ‘Izwi’ likaJesu, eliyizimfundiso zakhe, litholakala eBhayibhelini.

Lapho uJesu ethi “iqiniso liyonikhulula,” ngokuyinhloko wayebhekisele ekukhululweni esonweni nasekufeni. Noma kunjalo, ukwazi iqiniso leZwi likaNkulunkulu kusikhulula nasezintweni ezifana nezinkolelo-ze, ukwesaba abafileyo nokwesaba ukufa ngokwedlulele. Kanjani?

1. Ukukhululeka ezinkolelweni eziyize. Abaningi bakholelwa ukuthi izinto ezithile noma izinombolo ziletha amashwa. Abanye bayakugwema ukwenza izinqumo ezibalulekile kuze kube yilapho sebeye kwababhulayo noma babheka inkanyezi yabo noma baya kwabanemimoya.

Indlela iqiniso leBhayibheli elikhulula ngayo: Ngezikhathi zeBhayibheli, abanye babantu bakaNkulunkulu baba nezinkolelo-ze kangangokuba baze bakhulekela ‘unkulunkulu weNhlanhla nonkulunkulu weSimiselo’! UJehova uNkulunkulu wakubheka kanjani lokhu? Wathi: “Naqhubeka nenza okwakukubi emehlweni ami.” (Isaya 65:11, 12) UNkulunkulu wayezizwa ngendlela efanayo nangabantu ababeya kwabasebenzelana nemimoya ukuze bathole isiqondiso ekuphileni: ‘Noma ubani obuza konemimoya uyinto enengekayo kuJehova.’—Duteronomi 18:11, 12.

Izinkolelo-ze kanye nokusebenzelana nemimoya kuyingozi ngoba ‘kungamaqhinga kaDeveli,’ lowo uJesu ambiza ngokuthi ‘uyise wamanga.’ (Efesu 6:11; Johane 8:44) Ake sithi ufuna isiqondiso endabeni ebalulekile, ubungabuza yini kumqambimanga? Lutho neze! Khona-ke, uyobe wenza ngokuhlakanipha uma ugwema noma yini ehlobene “noyise wamanga.”

Isihluthulelo sokwenza izinqumo ezihlakaniphile ekuphileni, siwukuhlakanipha okusekelwe olwazini olunembile lwezimiso zeBhayibheli nasenjongweni kaNkulunkulu ngesintu. “UJehova unikeza ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ulwazi nokuqonda,” kusho IzAga 2:6.

2. Ukukhululeka ekwesabeni abafileyo. Abantu abaningi bakholelwa ukuthi “imimoya” yokhokho asebafa ingabathonya abaphilayo. Banomuzwa wokuthi kufanele kushwelezwe kule “mimoya,” ngokuyenzela imihlatshelo ehlukahlukene, ngale kwalokho izothukuthela. Ngenxa yalokho, abanye abantu bangena shí ezikweletini ukuze bakhokhele imihlatshelo nemicimbi ebizayo.

Indlela iqiniso leBhayibheli elikhulula ngayo: IBhayibheli lisitshela iqiniso ngesimo sabafileyo. Ngokwesibonelo, uJesu wathi abafileyo ‘balele.’ (Johane 11:11, 14) Wayesho ukuthini? Impendulo itholakala kumShumayeli 9:5: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho.” Yebo, kunjengokungathi abafileyo basebuthongweni obujulile, abazi nhlobo ukuthi kwenzekani. Eqinisweni, abasaphili nhlobo futhi ngenxa yalokho ngeke basenzela okuhle noma basilimaze.

Nokho, abanye abantu bathi bake baxhumana nabafileyo. Kungenzeka kanjani lokho? Nalapha futhi iBhayibheli liyaphendula. Lisitshela ukuthi ekuqaleni komlando wesintu, izingelosi ezithile zavukela uNkulunkulu. (2 Petru 2:4) Le mimoya emibi ebizwa ngokuthi amademoni izama ukudukisa isintu. (1 Thimothewu 4:1) Enye indlela akwenza ngayo lokhu ukuzenza abafileyo, ngaleyo ndlela aqambe amanga okuthi abafileyo bayaphila bekwesinye isimo noma kwenye indawo.

3. Ukukhululeka ekwesabeni ukufa ngokwedlulele. Ukufa ngempela kuyisitha, njengoba nje iBhayibheli lisho. (1 Korinte 15:26) Ngakho, sikwesaba kufanele size sizame nokukususa ezingqondweni zethu. Noma kunjalo, akudingeki sikwesabe ngokwedlulele ukufa.

Indlela iqiniso leBhayibheli elikhulula ngayo: Ngaphandle kokwembula iqiniso ngesimo sabafileyo, iBhayibheli libuye libonise nokuthi uNkulunkulu uhlose ukubabuyisela ekuphileni ngovuko. UJesu wathi: ‘Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi lakhe [uKristu] baphume.’—Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.

‘Bayophuma’ bekusiphi isimo? UJesu wakubonisa lokhu lapho evusa abantu abathile. Esimweni ngasinye umuntu wayevuka esesimweni somuntu—eyilowo abenguye ngaphambili. (Marku 5:35-42; Luka 7:11-17; Johane 11:43, 44) Lokhu kuyavumelana negama elithi “uvuko,” elisho “ukusukuma.” Lapho ekhuluma nenceku yakhe eyase ikhulile uDaniyeli, uNkulunkulu wathi: “Uyophumula [noma uyolala ekufeni], kodwa uyosukuma umele isabelo sakho ekupheleni kwezinsuku.” (Daniyeli 12:13) Yeka ukuthi lawo mazwi amduduza kanjani uDaniyeli, amenza wabhekana nokufa ngesibindi nangokuzihlonipha!

Ngokwengxenye, uJesu wayethunywe ukuba ‘ashumayele ukukhululwa ezithunjweni’—labo ababoshwe izinkolelo zamanga. (Luka 4:18) Ngenxa yokuthi izimfundiso zakhe zitholakala eBhayibhelini, ziyaqhubeka zikhulula abantu nsuku zonke. Sethemba ngobuqotho ukuthi iqiniso leBhayibheli lizokulethela inkululeko ehlala njalo.

INGABE WAKE WAZIBUZA?

Iqiniso leBhayibheli lisikhulula kanjani

● ezinkolelweni eziyize?—Isaya 8:19, 20; 65:11, 12.

● ekwesabeni abafileyo?—UmShumayeli 9:5; Johane 11:11, 14.

● ekwesabeni ukufa?—Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]

Iqiniso leBhayibheli likhulula abantu ezinkolelweni eziyize, ekwesabeni abafileyo nasekwesabeni ukufa ngokwedlulele