Ukubuka Okwezwe
Ukubuka Okwezwe
◼ INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ephelele itholakala ngezilimi ezingu-43 nangemibhalo emithathu ye-Braille; INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YesiGreki itholakala ngezinye izilimi ezingu-18 kanye nombhalo owodwa we-Braille. Ngo-January 2007, ingqikithi yamakhophi anyathelisiwe yayingu-143 458-577.
◼ Umbhalo weBhayibheli owaziwayo omdala kunayo yonke ubizwa ngokuthi umbhalo kaNumeri 6:24-26 oneSibusiso Sobupristi. Watholakala ulotshwe eziqwini ezimbili zesiliva, ezisongwe njengemiqulu, ezihlehlela emuva ngasekupheleni kwekhulu lesi-7 noma ekuqaleni kwelesi-8 B.C.E.—I-BIBLICAL ARCHAEOLOGY REVIEW, E-U.S.A.
◼ Ngo-December 31, 2006, inani lezilimi ezinkulu nezezigodi okwase kunyatheliswe ngazo okungenani incwadi eyodwa yeBhayibheli lalingu-2 426—okuwukwanda ngezilimi ezingu-23 kunangonyaka owawandulele.—I-UNITED BIBLE SOCIETIES, EBRITHANI.
◼ Amaphesenti angaba ngu-28 abantu baseMelika abheka iBhayibheli “njengezwi likaNkulunkulu ngempela . . . okufanele lithathwe njengoba linjalo,” amaphesenti angu-49 alibheka “njengezwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe kodwa akuzona zonke izinto ezikulo okufanele zithathwe njengoba zinjalo,” kanti amaphesenti angu-19 alibheka “njengencwadi yezinganekwane.” —I-GALLUP NEWS SERVICE, E-U.S.A.
IBhayibheli LesiShayina Elidala Kunawo Wonke?
Isazi sasePeking University, uYiyi Chen, sithi: “Umlando wokuqala mayelana nenguqulo yesiShayina yeBhayibheli lesiHebheru utholakala etsheni eliqoshiwe [kwesobunxele] elihlehlela emuva onyakeni ka-781 CE.” Leli tshe, elamiswa amaKristu ehlelo likaNestoria, latholakala edolobheni laseXi’an ngo-1625. UChen uyachaza: “Igama lesiShayina laleli tshe ngokomthetho lihunyushwa ngokuthi ‘iSikhumbuzo Sokuqhutshwa Kwenkolo Yokukhanya yaseDaqin eChina’ (. . . elithi Daqin yigama lesiShayina loMbuso WamaRoma). Phakathi kwamagama aqoshwe kuleli tshe, sithola izinkulumo zesiShayina ezinjengethi ‘iqoqo langempela lemibhalo engcwele’ nethi ‘ukuhumusha iBhayibheli.’”
[Umthombo Wesithombe ekhasini 30]
© Réunion des Musées Nationaux/Art Resource
Igugu Elivela Odakeni
Ngo-2006, izisebenzi ezazimba odakeni e-Ireland zathola incwadi yamaHubo, noma i-Psalter, okucatshangwa ukuthi ihlehlela emuva ekhulwini lesi-8 C.E. Lo mbhalo wesiLatini, ophakathi kwembalwa kakhulu esekhona yangaleso sikhathi, ubhekwa njengegugu. Amakhasi awo esikhumba angaba yikhulu, asaboshwe ngendlela ayeboshwe ngayo ekuqaleni, awezinga eliphezulu. I-Times yaseLondon ithi: “Izinsalela zikamata oyisembozo kanye nesikhwama sesikhumba kubonisa ukuthi lo mbhalo wamaHubo wafihlwa ngamabomu, mhlawumbe ukuze ungatholwa lapho kuhlasela amaViking eminyakeni engu-1 200 edlule.” Nakuba amakhasi esehlangene futhi esebolile ngokwengxenye, ochwepheshe bayaqiniseka ngokuthi bayokwazi ukuwahlukanisa futhi bawalondoloze.
Inqwaba Yezinto Ezingokomlando
Imibiko ithi abavubukuli ababephenya enhlabathini eningi endaweni okwakukhona kuyo ithempeli laseJerusalema bathola izinkulungwane zezinto zobuciko ezisukela ezikhathini zangaphambi kuka-Israyeli kuze kube namuhla. Phakathi kwazo kwakunesihloko somcibisholo sohlobo olwalusetshenziswa yibutho likaNebukhadinezari, elabhubhisa ithempeli lokuqala lamaJuda elalikuleyo ndawo. Into ethakazelisa kakhulu etholakele uphawu lobumba, lwangekhulu lesi-7 noma lesithupha B.C.E, okuthiwa lunegama lesiHebheru elithi Gedalyahu Ben Immer Ha-Cohen. Umvubukuli uGabriel Barkai uthi umnikazi walo “kungenzeka kwakungumfowabo kaPashur Ben Immer, ochazwa eBhayibhelini [kuJeremiya 20:1] njengompristi nesikhulu sethempeli.”