Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isibonakaliso Sothando LukaNkulunkulu Esihlala Njalo

Isibonakaliso Sothando LukaNkulunkulu Esihlala Njalo

Isibonakaliso Sothando LukaNkulunkulu Esihlala Njalo

IZIMANGALISO ezingu-7 zasendulo zabizwa kanjalo ngoba zazenza abantu bakhexe. Kodwa ngaphandle nje kwemibhoshongo yaseGibhithe, lezi zakhiwo azisatholakali. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli, nakuba lalotshwa amadoda athobekile ezintweni ezigugayo, lisekhona futhi liye lakopishwa ngokunembile kuze kube namuhla. Singayethemba ngokuphelele le ncwadi eyingqayizivele.—Isaya 40:8; 2 Thimothewu 3:16, 17.

Ngokuloba imicabango yakhe phansi, uJehova uNkulunkulu waqinisekisa ukuthi ukudluliselwa kwayo kwakungeke kuthonywe inkumbulo yabantu eyiphutha. Ngaphezu kwalokho, ulimi olulula olwasetshenziswa abalobi abasetshenziswa uNkulunkulu lwenza ngisho nabantu abanemfundo ephansi bakwazi ukufunda iBhayibheli futhi baliqonde. (IzEnzo 4:13) Ubungalindela okuhlukile ngoMdali nonobhala abaphefumulele? Ngaphezu kwalokho, ukusakazwa kweBhayibheli kabanzi kunikeza ubufakazi bothando olukhulu lukaNkulunkulu ngesintu asidalile, kungakhathaliseki ukuthi abantu bahlala kuphi noma bakhuluma luphi ulimi. (1 Johane 4:19) Ngokuqinisekile, ukutholakala kweBhayibheli kabanzi akulilulazi, kodwa kunalokho, kuyaliphakamisa!

Okuqukethwe yiBhayibheli kwembula lukhulu ngothando lukaNkulunkulu. Njengoba sibonile ezihlokweni ezandulele, iZwi likaNkulunkulu lichaza imvelaphi yethu, ukuthi kungani ukuphila kukufushane kangaka futhi kunezinkathazo, nokuthi uNkulunkulu uyosilungisa kanjani lesi simo ngohulumeni woMbuso wakhe. Sicabangelé neseluleko esihle esiseBhayibhelini sendlela yokujabulela ukuphila okujabulisayo nokunenzuzo ngisho kwamanje. (IHubo 19:7-11; Isaya 48:17, 18) Ngaphezu kwakho konke, sifunde ukuthi uMdali wethu uyosusa sonke isihlamba esilethwe amanga kaSathane egameni lakhe.—Mathewu 6:9.

Iyiphi enye incwadi ezuzisayo, esebenzayo futhi enikeza ithemba esintwini esinezinkinga? Yebo, ngokungafani nezimangaliso ezingu-7 zasendulo, eziningi zazo ezaziklanyelwe ukukhazimulisa onkulunkulu bamanga noma abantu abanamandla, iBhayibheli ngempela liyisibonakaliso esihlala njalo sothando lukaJehova olungenabugovu ngesintu asidalile.

Kungani ungayihloli imiBhalo, uma ungakakwenzi lokho kakade? Njengamanje, oFakazi BakaJehova baqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abangaphezu kwezigidi eziyisithupha emhlabeni wonke. Bakubheka njengelungelo ukusiza abantu abaqotho ukuba babone ukuthi iBhayibheli linokwethenjelwa ngempela, liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe.—1 Thesalonika 2:13.