Ususemnyango
1. Kunez’nyon’ ez’tshiyozayo,
Nes’bhakabhaka sihle.
Uzishayelwa umoya
Osukwini olucwathile.
Ubon’ abavusiwe,
Ugajwe injabulo.
Lo mhlab’ oy’pharadesi
Kade ususemnyango.
2. Kunomuz’ emathafeni
Nomuny’ ezintabeni.
Kunabahaya ingoma
Emfuleni ogelezayo.
Amasim’ asemhlophe
Sesiqalil’ uk’vuna.
Lo mhlab’ oy’pharadesi
Kade ususemnyango.
(BRIDGE)
Bekumnandi ukuxoxa
Ngezint’ ebesiz’lindele.
Iz’nyembezi sez’suliwe.
UJah wenze kwaba kusha.
3. Kunomsindo wokwenama
Nephunga lezimbali
Ubingelela umndeni
Sekuqal’ olunye usuku
Bese n’bonga uJehova
Ngokusinakekela
Zonke lezi z’busiso
Kade sezisemnyango.
(BRIDGE)
Nsuku zonke ng’yajabula
Ngithi: “Kwamnandi uk’ba nawe!”
Bengik’bona kuyiphupho
Ukuthi ng’yoke ngikwange.
4. Izw’ engil’lindele
Liseduze emnyango.
Lithenjiswe uJehova.
Selifana nelifikile.
Uma ngicabanga ngalo
Ngiyavuseleleka.
Usuk’ engil’lindele
Luseduze, lusemnyango.