Mbonge UNkulunkulu Ngendalo
Dawuniloda:
1. Amagquma ahlobe ngezimbali,
Izintaba nomoya ohelezayo,
Ilanga nalo lithokomele,
Nezinyon’ phezulu emafwini—
(PRE-CHORUS)
Yek’ ubuhle,
Ob’ngas’fanele
Ng’zokwenzenjani
Ukuze ngimbonge?
(CHORUS)
Kumelwe ngimbonge,
Ngomthandazo uJah
Ngithi ng’yambonga
Ngothando lwakhe.
Buka, qalaza,
Jabulela ubuhle bendalo kaJah.
Ungayithathi kalul’ indalo.
Kumelwe ngibonge.
Ngibong’ uMdali.
2. Im’balabal’ esibhakabhakeni,
Yaze yayinhle indalo yakho Jehova!
Umsindo wemifula egelezayo
Nezinkanyezi ezicwaz’mulayo—
(PRE-CHORUS)
Yek’ ubuhle,
Ob’ngas’fanele
Kodwa ngazi kahle
Ngizombonga ng’thini?
(CHORUS)
Kumelwe ngimbonge,
Ngomthandazo uJah
Ngithi ng’yambonga ngothando lwakhe.
Buka, qalaza,
Jabulela ubuhle bendalo kaJah.
Ungay’thathi kalul’ indalo.
Kumelwe ngibonge.
(BRIDGE)
Uk’hlakanipha namandla,
Kanye nobuhle bakho,
Nothando lwakho.
Angive ng’bonga;
Kumelwe ngimbonge.
(CHORUS)
Kumelwe ngibonge,
Ngomthandazo kuJah
Ngithi ng’yabonga ngothando lwakhe.
Buka, qalaza,
Jabulela ubuhle bendalo kaJah.
Ungay’thathi kalul’ indalo.
Kumelwe ngibonge.
Kumelwe ngimbonge
Kumelwe simbonge.