INGOMA 42
Umthandazo Wenceku KaNkulunkulu
-
1. Baba Jehova othandekayo,
Malidunyisw’ igama lakh’ elihle.
Mayenzeke intando yakho,
Sithandazela uMbuso wakho.
Mawufike ukuze
Sithol’ izibusiso.
-
2. Siyabonga usuku ngalunye
Ngeziph’ ezinhl’ ezimangalisayo.
Ukuw’ umthombo wokuphila.
Us’nik’ ulwazi nok’hlakanipha.
Siyokubonga njalo
Ngokusithanda kwakho.
-
3. Lapho izinkinga zisixaka,
Sibheka kuwe sithol’ induduzo.
Baba thatha umthwalo wethu,
Siphe amadla sikhuthazele.
Sisize sigcine
izifungo zethu kuwe.
(Bheka neHu. 36:9; 50:14; Joh. 16:33; Jak. 1:5.)