INGOMA 141
Isimangaliso Sokuphila
-
1. Umntwan’ ozelwe, necons’ lemvula,
Imisebe yelanga, nesikhwebu—
Kuvela kuJah; usiphe kona.
Ngakho uyasisekela nsuku zonke.
(CHORUS)
Singamenzelani ngalesi sipho
Ngaphandle kokubonis’ abanye uthando.
Noma singenzani, sithembele kuJah.
Isipho yisipho—Isipho sok’phila.
-
2. Abany’ abantu baphel’ amandla,
Balingis’ umkaJobe, owadana.
Cha, asinjalo. Siyadumisa,
Sibonga uJehova ngok’phila kwethu.
(CHORUS)
Singamenzelani ngalesi sipho
Ngaphandle kokubonis’ abanye uthando.
Noma singenzani, sithembele kuJah.
Isipho yisipho—Isipho sok’phila.