INgoma 44
Ukuhlanganyela Ngentokozo Ekuvuneni
1. Sisesikhathini sok’vuna,
Yek’ ilungel’ esinalo.
Abavuni yizingelosi;
Nathi siyavuna nazo.
UKristu wabek’ is’bonelo
Ngokuhola ensimini.
Yek’ ilungelo es’nikwe lona
Lokusekela uJesu.
2. Uthando lwethu ngoJehova
Lukhuthaza intshiseko.
Ukuvuna kuyaphuthuma,
Uk’phela sekusondele.
Intokozo yethu inkulu;
Sisebenza noJehova.
Masibekezele s’shumayele.
Saz’ukuth’ uzos’busisa.
(Bheka noMath. 24:13; 1 Kor. 3:9; 2 Thim. 4:2.)