UKUQALA INGXOXO
ISIFUNDO 1
Khuluma Ngezinto Abantu Abazithandayo
Isimiso: “Uthando . . . aluzifuneli izinzuzo zalo.”—1 Kor. 13:4, 5.
Lokho UJesu Akwenza
1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde uJohane 4:6-9. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:
Sifundani KuJesu?
2. Cishe maningi amathuba okuba nengxoxo emnandi nomuntu uma sixoxa ngezinto azithandayo.
Lingisa UJesu
3. Vumelana nezimo. Ungaphikeleli ngokuqala ingxoxo ngesihloko osilungiselele wena. Xoxa ngento abanye abacabanga ngayo namuhla. Zibuze:
4. Qaphelisisa. Zibuze:
-
‘Wenzani lo muntu njengamanje? Yini okungenzeka ukuthi uyayicabanga?’
-
‘Izingubo zalo muntu, indlela abukeka ngayo, nendawo ahlala kuyo kungitshelani ngezinkolelo zakhe namasiko akhe?’
5. Lalela.
-
Khuthaza umuntu okhuluma naye ukuba aveze indlela azizwa ngayo ngendaba. Uma kufaneleka, buza imibuzo.