ISIFUNDO 52
Okwenza Izingubo Esizigqokayo Nendlela Esibukeka Ngayo Kubaluleke
Sonke siyathanda ukuzikhethela izingubo esizozigqoka nokuthi sizobukeka kanjani. Uma silandela izimiso zeBhayibheli ezilula nezimbalwa, singakwazi ukukhetha izinto esizithandayo esizozigqoka ngesikhathi esifanayo sijabulise uJehova. Ake sifunde ngezinye zalezo zimiso.
1. Yiziphi izimiso okufanele zisisize sikhethe ukuthi sizogqokani futhi sizozilungisa kanjani?
Kufanele sikhethe ‘izingubo ezifanelekayo, ezinesizotha nezibonisa ukuhluzeka kwengqondo,’ futhi sihlale sibukeka kahle ukuze abantu babone ukuthi ‘sizinikele kuNkulunkulu.’ (1 Thimothewu 2:9, 10) Cabangela lezi zimiso ezine: (1) Izingubo zethu kufanele zibe “ezifanelekayo.” Njengoba usubonile emihlanganweni yebandla, abantu bakaJehova bagqoka ngezindlela ezingefani, kodwa izingubo esizigqokayo nendlela esilungisa ngayo izinwele itshengisa ukuthi siyamhlonipha uNkulunkulu esimkhonzayo. (2) Ukugqoka ngendlela ‘enesizotha’ kusho ukuthi akufanele sigqoke ngendlela evusa inkanuko futhi akufanele isidonsele amehlo. (3) Sibonisa “ukuhluzeka kwengqondo” ngokungalandeli zonke izitayela ezifikayo zokugqoka nezokuzilungisa. (4) Indlela esibukeka ngayo kufanele ngaso sonke isikhathi ibonise ukuthi ‘sizinikele kuNkulunkulu,’ ibonise abanye ukuthi sikhonza uNkulunkulu weqiniso.—1 Korinte 10:31.
2. Indlela esibukeka ngayo ingaba namuphi umthelela kwesikhonza nabo?
Nakuba sinenkululeko yokuzikhethela ukuthi sizogqokani, kufanele sicabange ngokuthi indlela esibukeka ngayo ingaba namuphi umthelela kwabanye. Sizama okusemandleni ukungadumazi muntu ngendlela esigqoka ngayo, kunalokho sizama ‘ukujabulisa umakhelwane [wethu] ukuze simakhe.’—Funda eyabaseRoma 15:1, 2.
3. Indlela esibukeka ngayo ingabenza kanjani abantu bafune ukukhonza uJehova?
Nakuba sizama ukugqoka ngendlela efanelekayo kuzo zonke izimo, sizama ukugqoka ngendlela ehlonipheke nakakhulu lapho siya emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini. Asifuni ukuba abantu bangazilaleli izindaba ezinhle ngenxa yendlela esibukeka ngayo. Kunalokho, indlela esibukeka ngayo ingenza abanye bafune ukufunda ngoJehova futhi “ihlobise imfundiso yoMsindisi wethu.”—Thithu 2:10.
FUNDA OKWENGEZIWE
Funda ukuthi singaqiniseka kanjani ukuthi indlela esigqoka nesibukeka ngayo isifanele njengamaKristu.
4. Ukubukeka kahle kubonisa ukuthi siyamhlonipha uJehova
Yisiphi isizathu esibaluleke kunazo zonke sokukhathalela indlela esibukeka ngayo? Fundani iHubo 47:2, bese nixoxa ngale mibuzo:
-
Ukwazi ukuthi simelela uJehova kufanele kube namuphi umthelela endleleni esigqoka ngayo?
-
Ucabanga ukuthi kuyadingeka sizikhathaze ngendlela esibukeka ngayo lapho siya emihlanganweni nasensimini? Kungani usho kanjalo?
5. Indlela yokwenza izinqumo ezinhle endabeni yokugqoka nokuzilungisa
Kungakhathaliseki ukuthi izingubo zethu ziyabiza noma zishibhile, kufanele zihlanzeke futhi zifanelane nendawo esikuyo. Fundani eyoku-1 Korinte 10:24 neyoku-1 Thimothewu 2:9, 10. Ngemva kwalokho, xoxani ngokuthi kungani kufanele sifune ukugwema izingubo . . .
-
ezibonisa ukuthi singamadlabha futhi asinaki.
-
ezimpintshayo, eziveza umzimba noma ezivusa inkanuko.
Nakuba amaKristu engekho ngaphansi koMthetho KaMose, angafunda kuwo indlela uJehova acabanga ngayo. Fundani uDuteronomi 22:5, bese nixoxa ngalo mbuzo:
-
Kungani kufanele sigweme ukugqoka nokuzilungisa ngendlela eyenza abesilisa babukeke njengabesifazane, nabesifazane babukeke njengabesilisa?
Fundani eyoku-1 Korinte 10:32, 33 neyoku-1 Johane 2:15, 16, bese nixoxa ngale mibuzo:
-
Kungani kufanele sikhathazeke ngokuthi indlela esibukeka ngayo iyabacika yini abanye emphakathini noma ebandleni?
-
Yiziphi izitayela zokugqoka nezokuzilungisa ezijwayelekile lapho uhlala khona?
-
Ucabanga ukuthi ezinye zalezo zitayela zingase zingamfaneli umKristu? Kungani usho kanjalo?
ABANYE ABANTU BATHI: “Ngingagqoka noma yini engiyithandayo, umzimba wami.”
-
Ingabe uyavumelana nabo? Kungani usho kanjalo?
UKUBUYEKEZA
Lapho senza izinqumo ezinhle mayelana nendlela esibukeka ngayo, sibonisa ukuthi siyamhlonipha uJehova nabanye.
Ufundeni?
-
Kungani indlela esigqoka nesibukeka ngayo ibalulekile kuJehova?
-
Yiziphi izimiso okufanele zisisize senze izinqumo ngendlela esibukeka ngayo?
-
Indlela esibukeka ngayo ingayithinta kanjani indlela abanye ababheka ngayo ukukhonza kwethu?
HLOLA OKWENGEZIWE
Hlola ukuthi izingubo ozigqokayo zibatshelani abanye ngawe.
Funda ukuthi kungani kuwukuhlakanipha ukucabanga ngaphambi kokuyodweba i-tattoo.
“Lithini IBhayibheli Ngokudweba Umzimba?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)
Thola ezinye izimiso ezingasisiza senze izinqumo.
“Ingabe Indlela Ogqoka Ngayo Ikhazimulisa UNkulunkulu?” (INqabayokulinda, Septhemba 2016)
Owesifazane wafunda kanjani ukwamukela imibono yabanye endabeni yokugqoka?
“Indlela Yokugqoka Nokuzilungisa Yayiyisithiyo Kimi” (Phaphama!, Disemba 22, 2003)