ISIFUNDO 25
UNkulunkulu Ufuna Siphile Kanjani?
IBhayibheli liyavuma ukuthi abantu ‘baphila isikhashana futhi ukuphila kwabo kugcwele izinkathazo.’ (Jobe 14:1) Ingabe yilolu hlobo lokuphila uNkulunkulu asifunela lona? Uma kungelona, ufuna siphile kanjani? Ingabe siyoke siphile ngaleyo ndlela? Ake uzwe izimpendulo zeBhayibheli eziduduzayo.
1. UJehova ufuna siphile kanjani?
UJehova ufuna sikujabulele ukuphila. Lapho edala abantu bokuqala, u-Adamu no-Eva, wababeka epharadesi elihle ensimini yase-Edene. Ngemva kwalokho, “uNkulunkulu wababusisa wathi kubo: ‘Zalani nande, nigcwalise umhlaba niwunqobe.’” (Genesise 1:28) UJehova wayefuna babe nabantwana, benze umhlaba wonke ube ipharadesi futhi banakekele izilwane. Wayefuna bonke abantu babe imiqemane futhi baphile phakade.
Nakuba lokho kungenzekanga, a injongo kaNkulunkulu ayikashintshi. (Isaya 46:10, 11) Usafuna abantu abamlalelayo baphile phakade ngaphansi kwezimo ezijabulisayo.—Funda isAmbulo 21:3, 4.
2. Singakujabulela kanjani ukuphila manje?
UJehova wasidala saba nesidingo sokuqondiswa nguye, yingakho sinesifiso sokumazi nokumkhonza. (Funda uMathewu 5:3-6.) Ufuna sibe abangane bakhe abakhulu, ‘sihambe kuzo zonke izindlela zakhe simthande,’ simkhonze ‘ngayo yonke inhliziyo.’ (Duteronomi 10:12; IHubo 25:14) Uma senza kanjalo sizojabula ngempela ngisho noma sinezinkinga. Ukukhonza uJehova kwenza sikujabulele ukuphila ngoba sisuke siphila ngendlela ayifunayo.
FUNDA OKWENGEZIWE
Funda ukuthi uJehova wasibonisa kanjani ukuthi uyasithanda lapho esidalela umhlaba, nokuthi iZwi lakhe lisifundisa ukuthi ufuna siphile kanjani.
3. UJehova ufuna abantu baphile kamnandi
Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
-
Kungani uNkulunkulu adala umhlaba wethu omuhle?
Fundani umShumayeli 3:11, bese nixoxa ngalo mbuzo:
-
Leli vesi likufundisani ngoJehova?
4. Injongo kaJehova ayikashintshi
Fundani iHubo 37:11, 29; no-Isaya 55:11, bese nixoxa ngalo mbuzo:
-
Sazi kanjani ukuthi injongo kaJehova ngathi ayikashintshi?
5. Ukukhonza uJehova kwenza sibe nesizathu sokuphila
Ukwazi ukuthi siphilelani kungasenza sijabule. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
-
UTerumi kwamzuzisa kanjani ukufunda ngenjongo yokuphila?
Fundani umShumayeli 12:13, bese nixoxa ngalo mbuzo:
-
Ngenxa yokuthi uJehova usesenzele okuningi kakhulu, yini esingayenza ukuze sitshengise ukuthi siyabonga?
OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Siphilelani?”
-
Ungaphendula uthini?
UKUBUYEKEZA
UJehova ufuna siphile phakade emhlabeni ngaphansi kwezimo ezijabulisayo. Lapho simkhonza ngenhliziyo yonke, siyakujabulela ukuphila—ngisho kwamanje.
Ufundeni?
-
Ekuqaleni uJehova wayehloseni ngo-Adamu no-Eva?
-
Sazi kanjani ukuthi lokho uNkulunkulu ayekuhlosile ngabantu akukashintshi?
-
Yini engenza ukujabulele ukuphila?
HLOLA OKWENGEZIWE
Funda ubufakazi obubonisa ukuthi insimu yase-Edene yayikhona ngempela.
“Insimu Yase-Edene—Ingabe Iyinganekwane Noma Iyiqiniso?” (INqabayokulinda, Januwari 1, 2011)
Funda ukuthi yini esenza siqiniseke ukuthi umhlaba uyohlala ukhona.
Hlola ukuthi iBhayibheli lithini ngokuthola injongo yokuphila.
Bona ukuthi indoda eyayicabanga ukuthi inakho konke yakuthola kanjani okwakushoda ekuphileni kwayo.
a Esifundweni esilandelayo uzofunda ukuthi kungani kungenzekanga.