INGXENYE 12
Ungaba Kanjani Nokuphila Komndeni Okujabulisayo?
Uthando luyisihluthulelo senjabulo emikhayeni. Efesu 5:33
Umthetho kaNkulunkulu uthi umshado kufanele ube phakathi kwendoda nowesifazane.
Umyeni onothando uphatha umkakhe ngomusa nangokuqonda.
Inkosikazi kufanele ibambisane nomyeni wayo.
Izingane kufanele zilalele abazali bazo.
Kolose 3:5, 8-10
Yiba nomusa futhi uthembeke, ungabi nonya futhi ungabi ongathembekile.IZwi likaNkulunkulu lithi indoda kufanele ithande umkayo njengomzimba wayo futhi inkosikazi kufanele ibe nenhlonipho ejulile ngomyeni wayo.
Ukuya ocansini nomuntu ongashadile naye akulungile. Isithembu naso asilungile.
IZwi likaJehova lifundisa imindeni indlela engajabula ngayo.