UkuShumayela Izindaba Ezinhle
Kungani wonke amaKristu eqiniso eluvuma obala ukholo lwawo?
Yisiphi isibonelo esabekwa uJesu emsebenzini wokushumayela?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Luk 4:42-44—UJesu uthi walethwa emhlabeni ukuze azoshumayela
-
Joh 4:31-34—UJesu uthi umsebenzi wakhe wokushumayela ufana nokudla kuye
-
Ingabe amadoda anemisebenzi ethile kuphela ebandleni okumele ashumayele izindaba ezinhle?
Hu 68:11; 148:12, 13; IzE 2:17, 18
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
2Kh 5:1-4, 13, 14, 17—Intombazanyana engumIsrayeli itshela inkosikazi kaNahamani ngomprofethi kaJehova u-Elisha
-
Mat 21:15, 16—UJesu ukhuza abapristi abakhulu nababhali ukuba bayeke ukunqabela abafanyana abamdumisa ethempelini
-
Ababonisi abangamaKristu badlala yiphi indima ekushumayeleni izindaba ezinhle nasekufundiseni abanye?
UJehova noJesu basisiza kanjani siwenze kahle umsebenzi wokushumayela?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
IzE 16:12, 22-24; 1Th 2:1, 2—Umphostoli uPawulu nabangani bakhe baphathwa kabi noma kunjalo bayaqhubeka beshumayela ngesibindi besizwa uNkulunkulu
-
2Ko 12:7-9—Umphostoli uPawulu ushumayela ngokungakhathali nakuba ‘eneva enyameni,’ mhlawumbe okuyisifo esithile. Naphezu kwaleso simo, uJehova umnikeza amandla okuqhubeka eshumayela
-
Ubani noma yini egunyaza umKristu ukuba ashumayele?
Sazi kanjani ukuthi uJehova ufuna siqeqeshe abanye bakwazi ukushumayela nokufundisa?
Mar 1:17; Luk 8:1; Efe 4:11, 12
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Isay 50:4, 5—Ngaphambi kokuba eze emhlabeni, uMesiya uqeqeshwa uJehova uNkulunkulu uqobo
-
Mat 10:5-7—Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, uqeqesha abafundi bakhe ngesineke ukuze baqhubeke nokushumayela
-
Kufanele siwubheke kanjani umsebenzi wokushumayela?
Sizizwa kanjani lapho sishumayela izindaba ezinhle?
Sishumayela ngani?
Mat 24:14; 28:19, 20; IzE 26:20; IsA 14:6, 7
Bheka nale miBhalo Isay 12:4, 5; 61:1, 2
Kungani amaKristu edalula izimfundiso ezingamanga?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza
-
Mar 12:18-27—UJesu ubonisana nabaSadusi ngemiBhalo ukuze abavezele ukuthi banephutha ngokungakholelwa ovukweni
-
IzE 17:16, 17, 29, 30—Umphostoli uPawulu ubonisana nabase-Athene ukuze abavezele ukuthi kubi ukukhonza izithombe
-
Siwenza kanjani umsebenzi wokushumayela?
Kungani sishumayela emphakathini?
Joh 18:20; IzE 16:13; 17:17; 18:4
Bheka nalo mBhalo IzA 1:20, 21
Kungani kudingeka sibe nesineke futhi siphikelele lapho sishumayela?
Kuba namiphi imiphumela emihle lapho sishumayela?
Kungani umKristu kufanele awasebenzise wonke amathuba awatholayo okushumayela?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Joh 4:6, 7, 13, 14—UJesu ushumayeza owesifazane ongumSamariya emthonjeni nakuba ekhathele
-
Flp 1:12-14—Ngisho nalapho eboshelwe ukholo lwakhe, umphostoli uPawulu usebenzisa wonke amathuba ukuze ashumayele futhi akhuthaze abanye
-
Ingabe kufanele silindele ukuthi wonke umuntu uzowuthanda umyalezo esiwushumayelayo?
Joh 10:25, 26; 15:18-20; IzE 28:23-28
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Jer 7:23-26—UJehova usebenzisa uJeremiya ukuze achaze indlela abantu baKhe abangabalalelanga ngayo abaprofethi ayebathumile
-
Mat 13:10-16—UJesu uthi abaningi ngeke bazilalele izindaba ezinhle njengasesikhathini sika-Isaya
-
Kungani kungasimangazi ukuthi abantu bamatasa kakhulu ukuba balalele izindaba ezinhle?
Sazi kanjani ukuthi abanye bazolalela ekuqaleni kodwa babuye bayeke?
Yiziphi izibonelo ezenza singathuki uma abanye besiphikisa ngokuqondile lapho sishumayela?
Senzenjani uma abantu esibashumayezayo bezama ukuvimba umsebenzi wethu wokushumayela?
Yini esenza siqiniseke ukuthi bakhona abazozithanda izindaba ezinhle?
Yini uNkulunkulu ayilindele kulabo abazaziyo izindaba ezinhle?
IzE 20:26, 27; 1Ko 9:16, 17; 1Ti 4:16
Bheka nalo mBhalo Hez 33:8
Kungani kufanele sishumayeze bonke abantu singakhethi izinkolo, izinhlanga nezizwe abavela kuzo?
Mat 24:14; IzE 10:34, 35; IsA 14:6
Bheka nalo mBhalo Hu 49:1, 2
Akulungile yini ukushumayela nganoma iluphi usuku noma ngeSabatha?
Yiziphi izibonelo ezibonisa ukuthi kufanele sishumayeze bonke abantu ngisho noma besonta futhi beneBhayibheli?