UJesu Kristu
Ibaluleke kangakanani indima kaJesu ekugcwalisekeni kwenjongo kaJehova?
IzE 4:12; 10:43; 2Ko 1:20; Flp 2:9, 10
Bheka nale miBhalo IzA 8:22, 23, 30, 31; Joh 1:10; IsA 3:14
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Mat 16:13-17—Umphostoli uPetru uthi uJesu unguKristu futhi uyiNdodana kaNkulunkulu
-
Mat 17:1-9—UJesu uguqulwa isimo phambi kwabaphostoli bakhe abathathu, uJehova uthi uJesu uyiNdodana yakhe
-
Yini eyenza uJesu wahluka kubo bonke abantu?
Joh 8:58; 14:9, 10, Kol 1:15-17; 1Pe 2:22
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Mat 21:1-9—Lapho uJesu engena eJerusalema egibele imbongolo, ugcwalisa isiprofetho esiphathelene neNkosi enguMesiya ekhethwe uJehova
-
Heb 7:26-28—Umphostoli uPawulu uchaza ukuthi uJesu, uMpristi Ophakeme kunabo bonke, uhluke kanjani kwabanye abapristi abaphakeme
-
Izimangaliso ezenziwa uJesu zisifundisani ngaye nangoYise?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Mat 4:23, 24—UJesu ubonisa ukuthi unamandla kunamademoni nokuthi angelapha noma isiphi isifo nobuthakathaka
-
Mat 14:15-21—Ngokuyisimangaliso, uJesu usuthisa izinkulungwane zabantu abalambile ngezinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili
-
Mat 17:24-27—Ngokuyisimangaliso, uJesu wenza uPetru akwazi ukuthola imali yokukhokhela intela yasethempelini ukuze kungakhubeki muntu
-
Mar 1:40, 41—UJesu welapha indoda enochoko ngoba ezwelana nayo, okubonisa ukuthi unesifiso esijulile sokwelapha abagulayo
-
Mar 4:36-41—UJesu uthulisa isiphepho esikhulu esinamandla, okubonisa ukuthi uYise umnika igunya lokulawula ngisho nesimo sezulu
-
Joh 11:11-15, 31-45—UJesu uyakhala lapho kushona umngani wakhe uLazaru, ube esemvusa, okubonisa ukuthi uyakuzonda ukufa nobuhlungu okububangelayo kubantu
-
Wawuthini umyalezo kaJesu oyinhloko?
Yiziphi izimfanelo ezinhle uJesu azibonisa ngesikhathi esemhlabeni? Nazi ezinye zazo . . .
Kwakulula ukukhuluma naye—Mat 13:2; Mar 10:13-16; Luk 7:36-50
Wayenozwela nesihe—Mar 5:25-34; Luk 7:11-15
Wayenesibindi—Mat 4:2-11; Joh 2:13-17; 18:1-6
Wayethobekile—Mat 11:29; 20:28; Joh 13:1-5; Flp 2:7, 8
Wayenothando—Joh 13:1; 14:31; 15:13; 1Jo 3:16
Wayelalela—Luk 2:40, 51, 52; Heb 5:8
Wayehlakaniphile—Mat 12:42; 13:54; Kol 2:3
Kungani uJesu anikela ngokuphila kwakhe futhi lokho kusisiza kanjani?
Kungani kufanele kusijabulise ukuthi uJesu uyiNkosi ezulwini?
Hu 72:12-14; Dan 2:44; 7:13, 14; IsA 12:9, 10
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Hu 45:2-7, 16, 17—Leli hubo libonisa ukuthi iNkosi ekhethwe uNkulunkulu yayizonqoba zonke izitha zayo, ibuse ngeqiniso, ngokuthobeka nangokulunga
-
Isay 11:1-10—Lapho uJesu esebusa, umhlaba uzoba ipharadesi elinokuthula
-
Yini uJesu azoyenza esikhathini esizayo esiseduze?