OMama
Yimiphi imisebenzi eyenziwa omama?
IzA 31:17, 21, 26, 27; Tit 2:4
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 21:8-12—Lapho uSara ebona u-Ishmayeli ehlukumeza indodana yakhe encane u-Isaka, uncenga u-Abrahama ukuba ayivikele
-
1Kh 1:11-21—Lapho uBhati-sheba ethola ukuthi ukuphila kukaSolomoni nobukhosi bakhe kusengozini, uncenga iNkosi uDavide ukuba ingenelele
-
Kungani kufanele sibalalele futhi sibahloniphe omama bethu?
Eks 20:12; Dut 5:16; 27:16; IzA 1:8; 6:20-22; 23:22
Bheka nalo mBhalo 1Ti 5:9, 10
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
1Pe 3:5, 6—Umphostoli uPetru uthi uSara waba ngumama emadodakazini amaningi ngenxa yokholo lwakhe oluqinile
-
IzA 31:1, 15, 21, 28—Umama kaLemuweli, inkosi, unikeza indodana yakhe iseluleko esibalulekile ngokuphathelene nomshado nendima edlalwa inkosikazi nomama
-
2Ti 1:5; 3:15—Umphostoli uPawulu uphefumulelwa ukuba ancome umama kaThimothewu, u-Evnike, ngokufundisa indodana yakhe imiBhalo kusukela isewusana nakuba umyeni wakhe engeyena umKristu
-