Ngingasitholaphi Iseluleko esihle?
Isandulela
Ngingasitholaphi
Iseluleko esihle?samantombazane
Ingqondo yakho ikulowaya mfana omuhle osanda kufika ekilasini. Uyacabanga, ‘Akazi nakwazi ukuthi kunomuntu onjengami, konani-ke ukuziphuphela ngaye?’ Ngale nje kwalokho, akuwena wedwa ocabanga ngaye. Wonk’ amantombazane ayamfuna lo mfana. Uyakwazi lokho ngoba uyawezwa ekhuluma ngaye njalo.
Ungalindele, nangu ekubheka lo mfana. Akubuke amomotheke, kubande kwamancane kuwe. Umomotheke nawe. Nangu eza kuwe.
“Sawubona,” ekubingelela enamahloni.
“Yebo,” uvuma.
“Igama lami nginguMandla.”
“Usanda kufika lapha esikoleni,” kusho wena.
“Abakithi bathuthele kule ndawo emasontweni ambalwa edlule.”
Awukholwa ukuthi uMandla ukhuluma nawe ngempela!
“Lalela-ke,” kuqhubeka uMandla, “Ngizobe nginephathi ekhaya namuhla ngemva kwesikole. Ungathanda ukuza?”
Asondele kuwe akucishele iso.
Uthi: “Abazali bami abekho, kuzobe kukhona notshwala. Uthini, uzokuza?”
UMandla ulinde impendulo. Noma iyiphi intombazane esikoleni ibizovumela phezulu!
Wena uzothini?
sabafana
Nakhu kuqhamuka abafana ababili ofunda nabo. Kuvele kuxhaphazele amathumbu ngoba sebezame kabili ukukubhemisa kuleli sonto. Sekuzoba okwesithathu lokhu.
Umfana wokuqala uthi: “Uwedwa futhi namanje? Awuthi ngikuphe umngane.” Ugcizelela igama elithi “umngane” ngokucisha iso njengoba ekhipha okuthile ekhukhwini ekunika kona.
Le nto ayiphethe ifana nogwayi. Wazi kahle ukuthi iwona, lukuthi heqe uvalo.
“Ngiyaxolisa. Ngikutshelile nje ukuthi angi-. . . ” kusho wena.
Umfana wesibili uyangenela: “Oho, yileli sonto lakho? Konje anivunyelwe ukuzijabulisa!”
“Noma umane nje uyigwala?” kuchwensa umfana wokuqala.
“Cha, angilona igwala!” kusho wena ngesibinjana.
Umfana wesibili uyakugaxa. Asholo phansi: “Thatha.”
Umfana wokuqala usondeza le nto emhloshana emlonyeni wakho abese enyenyeza: “Ngeke sitshele muntu. Akekho ozokwazi.”
Yini ozoyenza?
IZINTO ezinje zenzeka zonke izinsuku cishe kuwo wonke umhlaba. Iqiniso liwukuthi enye intsha ikulungele kangcono kunenye ukusingatha izimo ezinje. Umfana oyengelwa ukuba abheme angase acabange: ‘Angifuni ukubhema, kodwa sengikhathele yilaba bafana abangifundekela ngogwayi. Kungani ngingababonisi ukuthi nami “ngingumuntu ovamile”?’ Noma, intombazane eshelwayo ingase izitshele: ‘Muhle lo mfana. Kungani ngingavumi ukuhamba naye—kube kanye nje kuphela?’
Ngakolunye uhlangothi, intsha eningi iye yaqeqeshwa ukuba ikwazi ukumelela ekukholelwayo. Ngenxa yalokho, ayizizwa icindezeleka kangako ukuba yenze okubi—nakuba kungezwakala kuxaka lokhu. Ungathanda yini nawe ukufana naleyo ntsha? Izindaba ezimnandi ziwukuthi ungafana nayo! Kanjani?
IBhayibheli lingakusiza ukuba ubhekane nezinselele zobusha ngokuqiniseka. Linezeluleko ezinhle ngoba liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. (2 Thimothewu 3:16, 17) Hlobo luni lwezinkinga iBhayibheli elingakusiza kuzo? Bheka uhlu olungezansi, ufake u- ✔ eduze kwezihloko ozithanda kakhulu wena.
□ Eziphathelene nabobulili obuhlukile
□ Ukusebenzelana nabazali bami
□ Ukunquma ukuthi ngizozilibazisa ngani
□ Ukuthuthukisa ingokomoya lami
Njengoba uzobona emakhasini 4 no-5, izihloko ezingenhla zihambisana nezingxenye ezingu-9 zale ncwadi. Yiziphi oziphawulile? Ungase uthande ukufunda lezo zingxenye kuqala. Izimiso zeBhayibheli zingakusiza kulezi zici zokuphila. Le ncwadi oyifundayo manje izokubonisa ukuthi zingakusiza kanjani. *
Le ncwadi izokunikeza namathuba okuveza okucabangayo. Ngokwesibonelo, ngasekupheleni kwesahluko ngasinye, uzothola ibhokisi elithi “Engizokwenza!” Uzocelwa ukuba ubhale okucabangayo mayelana nendlela ongakusebenzisa ngayo okufundile. Amashadi—njengelithi “Uhlelo Lokumelana Nokucindezela Kontanga” ekhasini 132 no-133—azokusiza ukuba ucabangisise kahle ngezinselele obhekana nazo futhi uzenzele indlela yokuzixazulula. Ngaphezu kwalokho, ingxenye ngayinye yale ncwadi iphetha ngekhasi elinesihloko esithi “Imizwa Yami,” esizokunikeza ithuba lokuba ubhale indlela isici esithile esisebenza ngayo ekuphileni kwakho. Kule ncwadi uzothola namakhasi angu-9 ezindaweni ezihlukahlukene anesihloko esithi “Isibonelo Esihle.” Kula makhasi kuxoxwa ngabantu abahlukahlukene abaseBhayibhelini abafanelekela ukulingiswa.
IBhayibheli liyakunxusa: “Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda.” (IzAga 4:5) Igama elithi “ukuhlakanipha” nelithi “ukuqonda” asho okungaphezu kokumane wazi okuhle kokubi. Kudingeka ucabangele zonke izici ezihilelekile. Ngokwesibonelo, ukwazi imiphumela yenkambo engalungile kanye nemivuzo yokwenza okulungile kuzokusiza ukwazi ukubhekana nokucindezela kontanga ngokuqiniseka nangesibindi.
Qiniseka ngalokhu: Nakuba izinkinga zakho zingase zibonakale zingaphezu kwamandla, nabanye banazo izinkinga ezifanayo. Baye bahlangabezana nezinkinga ezifana nezakho futhi bazinqoba. Nawe ungazinqoba! Yisebenzise kahle le ncwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2. Izokwenza ugculiseke ukuthi iBhayibheli linezeluleko ezinhle kunazo zonke ezitholakalayo!
[Umbhalo waphansi]
^ par. 40 Izihloko eziningi zale ncwadi zikhethwe ochungechungeni lwezihloko ezithi “Intsha Iyabuza,” okuyizihloko eziphuma njalo kumagazini i-Phaphama! onyatheliswa oFakazi BakaJehova.