Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isibonelo Esihle—ULidiya

Isibonelo Esihle—ULidiya

Isibonelo Esihle—ULidiya

Nakuba esanda kuba yikholwa, uLidiya uthatha isinyathelo kuqala abonise umoya wokungenisa izihambi kuPawulu nabangane bakhe. (IzEnzo 16:14, 15) Umphumela uba ukuthi uthola ilungelo lokuba nobudlelwane nalaba bafundi. Ngemva kokudedelwa kukaPawulu noSila ejele, bashonaphi? Baphindela emzini kaLidiya!—IzEnzo 16:40.

NjengoLidiya, ungasithatha yini isinyathelo kuqala sokwazi abanye? Ungakwenza kanjani? Qala kancane kancane. Zama ukukhuluma nomuntu oyedwa ngesikhathi. Ungase uzenzele umgomo wokuqala ingxoxo nomuntu oyedwa njalo uma usemhlanganweni wobuKristu. Zama ukumomotheka. Uma ungazi ukuthi kufanele uthini, buza imibuzo noma usho okuthile ngawe. Yiba isilaleli esihle. Ngokuhamba kwesikhathi, kungase kube lula ukukhuluma okwengeziwe. Ngokuvamile abantu basabela kahle emazwini aqotho nanomusa futhi ajabulisayo. (IzAga 16:24) Ngenxa yobuntu bakhe obunobungane kanye nomoya wokungenisa izihambi, uLidiya wabusiswa ngabangane abahle. Nakuwena kuyokwenzeka okufanayo uma ulingisa isibonelo sakhe!