UmShumayeli 12:1-14
12 Ngenxa yalokho, khumbula uMdali wakho Omkhulu ezinsukwini zobusha bakho, + ngaphambi kokuba kufike izinsuku zosizi *+ neminyaka oyothi ngayo: “Angikujabuleli ukuphila”;
2 ngaphambi kokuba ilanga nokukhanya nenyanga nezinkanyezi kube mnyama, + nangaphambi kokuba amafu alethe imvula;*
3 mhla onogada bendlu beba netwetwe,* namadoda anamandla eba buthaka, nabesifazane beyeka ukugaya ngoba sebembalwa, nezintokazi ezibuka ngaphandle emafasiteleni zithola kumnyama; +
4 lapho iminyango eya emgwaqweni isivaliwe, lapho umsindo wokugaya uncipha, lapho umuntu evuswa umsindo wenyoni, nazo zonke izintombi ezihlabelelayo sezizwakalela phansi. +
5 Umuntu usesaba nezindawo eziphakeme, kukhona nezinto ezithusayo esitaladini. Isihlahla som-alimondi siyaqhakaza, + nentethe iyazihudula, namakhephabheri ayaqhuma ngoba umuntu useya endlini azophumula kuyo isikhathi eside, + nabalilayo bazulazula esitaladini; +
6 ngaphambi kokuba intambo yesiliva isuswe, nesitsha segolide siphihlizwe, nembiza esesiphethwini ife, nesondo lokukha amanzi emthonjeni liphihlike.
7 Uthuli lube selubuyela emhlabeni, + njengoba nje kwakunjalo, nomoya* ubuyele kuNkulunkulu weqiniso owawunikeza. +
8 “Yize leze!” kusho umshumayeli. + “Konke kuyize.” +
9 Umshumayeli akagcinanga nje ngokuba ohlakaniphile, kodwa waqhubeka efundisa abantu lokho ayekwazi, + wazindla futhi wafunisisa ukuze ahlanganise* izaga eziningi. +
10 Umshumayeli wafuna ukuthola amazwi ajabulisayo + nokuloba amazwi eqiniso anembile.
11 Amazwi abahlakaniphile anjengezinkandi, *+ nezinkulumo zabo ezikhethwe kahle zinjengezipikili ezishayelwe zaqina; ashiwo evela kumalusi oyedwa.
12 Ngokuqondene nanoma yini enye ngaphandle kwalokhu, ndodana yami, lalela nasi isixwayiso: Ukwenza izincwadi eziningi akupheli, nokuzinikela kakhulu kuzo kuyayikhathaza inyama. +
13 Isiphetho sendaba, njengoba sekuzwakele konke, yilesi: Yesaba uNkulunkulu weqiniso + ugcine imiyalo yakhe, + ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu. +
14 Ngoba uNkulunkulu weqiniso uyokwahlulela yonke imisebenzi, kuhlanganise nakho konke okufihliwe, ukuthi kuhle yini noma kubi. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “eziyinhlekelele.”
^ Noma kungaba, “eze nemvula.”
^ Noma, “beqhaqhazela.”
^ Noma, “namandla okuphila.”
^ Noma, “ahlele ngononina.”
^ Noma, “anjengezinduku zokuqondisa.”