UmShumayeli 1:1-18
1 Amazwi omshumayeli, *+ indodana kaDavide, inkosi eJerusalema. +
2 “Yize leze!” kusho umshumayeli,“Yize leze! Konke kuyize!” +
3 Uzuzani umuntu kuwo wonke umsebenzi wakhe onzimaEfukuza phansi kwelanga? +
4 Isizukulwane siyadlula, kufike esinye isizukulwane,Kodwa umhlaba uhlala* kuze kube phakade. +
5 Ilanga liyaphuma* liphinde lishone;Libe seliphuthuma liphindele endaweni eliphume kuyo ukuze liphume futhi. +
6 Umoya uya eningizimu, uyazungeza uye enyakatho;Ulokhu uzungeze njalo; umoya uyaqhubeka nokujikeleza.
7 Yonke imifudlana* igelezela olwandle, kodwa ulwandle alugcwele. +
Endaweni imifudlana egelezela kuyo, iphindela khona iphinde igeleze. +
8 Zonke izinto ziyakhathaza;Akekho ongakhuluma ngazo.
Iso alaneliswa ukubona;Nendlebe ayaneliswa ukuzwa.
9 Lokho obekukhona kusazoqhubeka kukhona,Nalokho osekwenziwe kusazokwenziwa futhi;Ayikho into entsha phansi kwelanga. +
10 Ikhona yini into umuntu angase athi ngayo: “Uyakubona lokhu—kusha”?
Bekulokhu kukhona kusukela kudala;Bekuvele kukhona esikhathini esingaphambi kwesethu.
11 Akekho okhumbula abantu bezikhathi zangaphambili;Akekho nozokhumbula labo abasazoba khona;Ngeke bakhunjulwe ngisho nayilabo abazoba khona kamuva. +
12 Mina, mshumayeli, bengiyinkosi kwa-Israyeli eJerusalema. +
13 Ngenza inhliziyo yami ukuba ifunde futhi ihlole ngokuhlakanipha + konke okuye kwenziwa phansi kwamazulu +—umsebenzi obangela usizi uNkulunkulu awunike amadodana abantu owagcina ematasa.
14 Ngabona yonke imisebenzi eyayenziwa phansi kwelanga,Bheka! konke kwakuyize, ukugijimisa umoya. +
15 Okugwegwile akunakuqondiswa,Nokungekho akunakubalwa.
16 Ngabe sengithi enhliziyweni yami: “Bheka! Ngithole ukuhlakanipha okukhulu, okwedlula okwanoma ubani owayengaphambi kwami eJerusalema, + inhliziyo yami ithole ukuhlakanipha nolwazi okukhulu.” +
17 Ngagxilisa inhliziyo yami ekwazini ukuhlakanipha, ukuhlanya* nobuwula, + nalokhu futhi kuwukugijimisa umoya.
18 Ngoba ukuchichima kokuhlakanipha kubangela ukukhathazeka okuningi,Kangangokuba noma ubani owandisa ulwazi wandisa ubuhlungu. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “omhlanganisi.”
^ NgesiHebheru, “uma.”
^ Noma, “liyakhanya.”
^ Noma, “imifudlana yasebusika.”
^ Noma, “ubuwula obuphindiwe.”