KwabaseKolose 2:1-23

  • Imfihlo engcwele kaNkulunkulu, uKristu (1-5)

  • Qaphelani abakhohlisi (6-15)

  • Okungokoqobo kungokukaKristu (16-23)

2  Ngoba ngifuna nazi ukuthi mkhulu kangakanani umshikashika engibhekene nawo ngenxa yenu nangenxa yalabo abaseLawodikeya + nangenxa yabo bonke abangakaze bangibone ubuso nobuso.  Lokhu kwenzeka ukuze izinhliziyo zabo ziduduzeke + nokuba bahlanganiswe ngokuvumelanayo othandweni + futhi bathole yonke ingcebo—ukuqonda iqiniso, okuyinto abaqiniseka ngokugcwele ngayo—nokuba bathole ulwazi olunembile lwemfihlo engcwele kaNkulunkulu, okungukuthi, uKristu. +  Kuye kufihlwe ngokucophelela yonke ingcebo yokuhlakanipha neyolwazi. +  Lokhu ngikusho ukuze kungabikho muntu onidukisa ngezinkulumo ezithonyayo.  Nakuba ngingekho nani ngokoqobo, nginani ngomoya, ngijabulela ukuzwa ngokuhleleka kwenu okuhle + nokuqina kokholo lwenu kuKristu. +  Ngakho-ke, njengoba namukele uKristu Jesu iNkosi, qhubekani nimunye naye,  nigxilile futhi nakhiwa kuye, + nisimamiswa okholweni, + njengoba nje nafundiswa, nichichima ukubonga. +  Xwayani ukuba kungabi namuntu onithumba* ngefilosofi nangenkohliso eyize + esekelwe esikweni labantu, ngokwezinto zokucathula zezwe hhayi ngokukaKristu;  ngoba zonke izimfanelo zikaNkulunkulu zigcwele kuye. + 10  Ngakho anisweli lutho ngenxa yakhe, lowo oyinhloko yabo bonke ohulumeni negunya. + 11  Ngobuhlobo benu naye, nasokwa ngokusokwa okungenziwanga ngezandla ngokuhlubula umzimba wenyama, + kodwa ngokusokwa kukaKristu. + 12  Ngoba nangcwatshwa kanye naye obhapathizweni lwakhe, + nangobuhlobo benu naye navuswa + futhi kanye naye ngokholo lwenu emsebenzini wamandla kaNkulunkulu, owamvusa kwabafile. + 13  Ngaphezu kwalokho, nakuba nanifile ngenxa yeziphambeko zenu nangenxa yokungasokwa kwenyama yenu, uNkulunkulu wanenza naphila kanye naye. + Wasithethelela ngomusa zonke iziphambeko zethu + 14  futhi wesula incwadi elotshwe ngesandla + eyayinemithetho + futhi iphikisana nathi. + Useyisusile endleleni ngokuyibethela esigxotsheni sokuhlushwa. *+ 15  Ngesigxobo sokuhlushwa,* ubahlubulile ohulumeni neziphathimandla, wabukisa ngabo obala njengezithunjwa, + ebonisa ukuthi ubanqobile. 16  Ngakho-ke ningavumeli muntu anahlulele ngokuthi nidleni nokuthi niphuzeni + noma ngokugujwa kwemikhosi noma kokwethwasa kwenyanga + noma kwesabatha. + 17  Lezo zinto ziyisithunzi sezinto ezazizofika, + kodwa okungokoqobo kungokukaKristu. + 18  Ningavumeli muntu anivimbele ukuthola umklomelo, + umuntu ojatshuliswa ukuthobeka-mbumbulu nokukhulekela izingelosi,* “omi”* ezintweni azibonile. Empeleni uzikhukhumeza ngaphandle kwesizathu esifanele ngendlela yakhe yokucabanga yabantu abanesono, 19  futhi akabambelele ngokuqinile koyinhloko, + kulowo umzimba wonke owondliwa ngaye nohlanganiswe ngokuvumelanayo ngamalunga awo nemisipha, wenziwe ukhule ngokukhula okuvela kuNkulunkulu. + 20  Uma nafa kanye noKristu ngokuqondene nezinto zokucathula zezwe, + kungani niphila njengokungathi niseyingxenye yezwe ngokuqhubeka nithobela imithetho ethi: + 21  “Ungaphathi noma unambithe noma uthinte,” 22  kushiwo izinto zonke ezishabalalayo lapho zisetshenziswa, ngokuvumelana nemiyalo nezimfundiso zabantu? + 23  Nakuba lezo zinto zibonakala zihlakaniphile ngendlela yokukhulekela abazikhethele yona kanye nokuthobeka-mbumbulu, ukuphatha kabi umzimba, + azisizi ngalutho ekulweni nokwanelisa inyama.

Imibhalo yaphansi

Noma, “onithatha ahambe nani njengezisulu zakhe.”
Noma kungaba, “Ngaye.”
Noma, “nokukhulekela ngendlela izingelosi ezikhulekela ngayo.”
Icashunwe emasikweni ayinqaba obuqaba.