IzAga 20:1-30
20 Iwayini lingumhleki wosulu, + utshwala bukwenza ungalawuleki; +Noma ubani ophambukiswa yilezi zinto akahlakaniphile. +
2 Njengokugwavuma kwebhubesi,* inkosi yenza abantu besabe kakhulu; +Noma ubani ovusa intukuthelo yayo, ubeka ukuphila kwakhe engozini. +
3 Kuwudumo kumuntu ukudeda lapho kunengxabano, +Kodwa noma ubani oyisiwula uyongena shi kuyo. +
4 Ivila alilimi ebusika,Ngakho liyohambe licela* ngesikhathi sokuvuna lapho lingenalutho. *+
5 Imicabango* yenhliziyo yomuntu injengamanzi ajulile,Kodwa umuntu onokuqonda uyayikhipha.
6 Abantu abaningi bathi banothando oluqotho,Kodwa ubani ongathola umuntu othembekile?
7 Olungile uhamba ebuqothweni bakhe. +
Ziyajabula izingane* zakhe eziza ngemva kwakhe. +
8 Lapho inkosi ihlala esihlalweni sokwahlulela ukuze yahlulele, +Ngamehlo ayo iyakwazi ukuhlunga bonke ububi. +
9 Ubani ongathi: “Ngiyihlanzile inhliziyo yami; +Ngihlanzekile esonweni sami”? +
10 Izisindo nezikali ezinganembile*—Kokubili kuyanengeka kuJehova. +
11 Ngisho nengane* yaziwa ngezinto ezenzayo,Ukuthi iziphethe kahle yini nokuthi iqotho yini. +
12 Indlebe ezwayo neso elibonayo—Kokubili kwenziwe uJehova. +
13 Ungabuthandi ubuthongo ukuze ungabi mpofu. +
Vula amehlo akho, uyokwaneliswa isinkwa. +
14 “Kubi, kubi!” kusho umthengi;Ube esehamba aziqhayise. +
15 Kukhona igolide namakhorali* amaningi,Kodwa izindebe zolwazi ziyigugu. +
16 Thatha ingubo yomuntu uma enze isiqinisekiso sokuthi uzosikhokha isikweletu sesihambi; +Thatha isibambiso kuye uma enze kanjalo endabeni yowesifazane wesinye isizwe. +
17 Isinkwa esizuzwe ngenkohliso simnandi kumuntu,Kodwa kamuva umlomo wakhe uyogcwala isihlabathi. +
18 Uma kuboniswana* amacebo ayophumelela, *+Yilwa impi yakho ngesiqondiso esihlakaniphile. *+
19 Umnyundeli uhambahamba embula imfihlo; +Ungazihlanganisi nomuntu othanda ukuhleba.*
20 Noma ubani oqalekisa uyise nonina,Isibani sakhe siyocinywa lapho kufika ubumnyama. +
21 Ifa elitholwa ngobugovu ekuqaleniNgeke libe isibusiso ekugcineni. +
22 Ungasho ukuthi: “Ngizobuyisela ngokubi!” +
Thembela kuJehova, + uyokusindisa. +
23 Izisindo ezinganembile* ziyanengeka kuJehova,Nezikali ezikhohlisayo azizinhle.
24 Izinyathelo zomuntu ziqondiswa uJehova; +Umuntu angayiqonda kanjani indlela yakhe?*
25 Kuwugibe ngomuntu ukuba aphahluke athi, “Kungcwele!” +
Bese ngemva kokwenza isifungo aqale ukucabanga ngaso. +
26 Inkosi ehlakaniphile ihlunga abantu ababi +Bese ibagaya ngesondo lesihlibhi sokubhula ukudla okusanhlamvu. +
27 Umoya umuntu awuphefumulayo uyisibani sikaJehova,Uhlola ingaphakathi lakhe.
28 Uthando oluqotho nokwethembeka kulonda inkosi; +Ngothando oluqotho isekela isihlalo sayo sobukhosi. +
29 Udumo lwezinsizwa ngamandla azo, +Nobukhazikhazi bamaxhegu yizinwele zawo ezimpunga. +
30 Amanxeba nezilonda kususa* ububi, +Ukushaywa kuhlanza ingaphakathi lomuntu.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “kwebhubesi eliselincane elinomhlwenga.”
^ Noma, “linxiba.”
^ Noma kungaba, “Liyocinga ngesikhathi sokuvuna kodwa ngeke lithole lutho.”
^ Noma, “Izinhloso.” NgesiHebheru, “Iseluleko.”
^ NgesiHebheru, “amadodana.”
^ Noma, “Amatshe amabili anesisindo esingafani nezitsha ezimbili zokukala ezingafani.”
^ Noma, “nomfana.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “Ngokululekana.”
^ Noma, “ayoma aqine.”
^ Noma, “ngokuqondisa okunekhono.”
^ Noma, “oyenga ngezindebe zakhe.”
^ Noma, “Amatshe amabili anesisindo esingafani.”
^ Noma, “indlela okumelwe ahambe ngayo?”
^ Noma, “kuhlanza.”