KumaHebheru 10:1-39
10 Njengoba uMthetho unesithunzi + sezinto ezinhle ezizayo, + kodwa kungezona lezo zinto uqobo, ngemihlatshelo efanayo enikelwa njalo unyaka nonyaka, awusoze wabenza* baphelele labo abasondela kuNkulunkulu. +
2 Ukube bekunjalo, imihlatshelo yayingeke yini iyeke ukunikelwa, ngoba labo abanikela inkonzo engcwele asebehlanziwe babengeke besaba nomuzwa wecala ngenxa yezono zabo?
3 Ngokuphambene nalokho, le mihlatshelo ikhumbuza ngezono unyaka nonyaka, +
4 ngoba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkomo nelezimbuzi lisuse izono.
5 Ngakho lapho efika ezweni uthi: “ ‘Awuzange uwufune umhlatshelo nomnikelo, kodwa ungilungiselele umzimba.
6 Awuzange uyamukele iminikelo eshiswayo ephelele neminikelo yesono.’ +
7 Ngakho ngathi: ‘Bheka! Ngize ukuzokwenza intando yakho (kulotshiwe ngami emqulwini*), Nkulunkulu.’ ” +
8 Ngemva kokuthi kuqala: “Awuzange uyifune futhi awuzange uyamukele imihlatshelo neminikelo kanye neminikelo eshiswayo ephelele neminikelo yesono”—imihlatshelo enikelwa ngokoMthetho—
9 ube esethi: “Bheka! Ngize ukuzokwenza intando yakho.” + Uqeda okokuqala ukuze amise okwesibili.
10 Ngale ‘ntando’ + singcwelisiwe ngomnikelo womzimba kaJesu Kristu kube kanye kuphela. +
11 Futhi, umpristi uma endaweni yakhe usuku nosuku ukuze anikele inkonzo engcwele *+ anikele nemihlatshelo efanayo kaningi, + engasoze yakwazi ukususa izono ngokuphelele. +
12 Kodwa lo muntu wanikela umhlatshelo owodwa wezono osebenza kuze kube phakade futhi wahlala ngakwesokudla sikaNkulunkulu, +
13 kusukela ngaleso sikhathi, ulindele ukuba izitha zakhe zibekwe njengesenabelo sezinyawo zakhe. +
14 Ngoba ngumnikelo owodwa womhlatshelo enze ngawo labo abangcweliswayo baphelela phakade. +
15 Ngaphezu kwalokho, umoya ongcwele nawo uyafakaza kithi, ngoba ngemva kokuba uthe:
16 “ ‘Yilesi isivumelwano engiyosenza nabo ngemva kwalezo zinsuku,’ kusho uJehova.* ‘Ngiyofaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo, ngiyilobe nasezingqondweni zabo.’ ” +
17 Ube sewuthi: “Ngeke ngisazikhumbula izono zabo nezenzo zabo zokweqa umthetho.” +
18 Manje lapho kukhona khona ukuthethelelwa kwazo, awusadingeki umnikelo wesono.
19 Ngakho-ke, bazalwane, njengoba sinesibindi* ngokuqondene nendlela engena endaweni engcwele + ngegazi likaJesu,
20 asivulela yona njengendlela entsha nephilayo edabula ikhethini, + okuwukuthi, inyama yakhe,
21 futhi njengoba sinompristi omkhulu phezu kwendlu kaNkulunkulu, +
22 masisondele ngezinhliziyo eziqotho nangokholo oluphelele, izinhliziyo zethu zifafaziwe zahlanzeka kunembeza omubi + nemizimba yethu igezwe ngamanzi ahlanzekile. +
23 Masiphikelele ekulimemezeleni obala ithemba lethu ngaphandle kokuntengantenga, + ngoba uthembekile lowo owathembisa.
24 Futhi masicabangelane* ukuze sivuselelane* uthando nemisebenzi emihle, +
25 singakuyeki ukuhlangana ndawonye, + njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane, + futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela. +
26 Ngoba uma senza isono ngamabomu ngemva kokuba sesithole ulwazi olunembile lweqiniso, + awusekho umhlatshelo wesono osele, +
27 kodwa ngokwesaba silindele isahlulelo nentukuthelo evutha njengomlilo eyodla labo abaphikisayo. +
28 Noma ubani oye wangawunaka uMthetho KaMose ufa ngaphandle kokuhawukelwa ngobufakazi bababili noma abathathu. +
29 Nicabanga ukuthi uyofanelwa isijeziso esikhulu kangakanani umuntu onyathele iNdodana kaNkulunkulu futhi walibheka njengento evamile igazi lesivumelwano + angcweliswa ngalo, nothukuthelise umoya womusa omkhulu ngokwedelela? +
30 Ngoba siyamazi Lowo owathi: “Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina.” Wathi futhi: “UJehova* uyokwahlulela abantu bakhe.” +
31 Kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.
32 Ningayikhohlwa indlela enakhuthazelela ngayo izinto eziningi naphezu kwezinhlupheko, ngemva kokuba senikhanyiselwe. +
33 Ngezinye izikhathi nanenekwa obala* esihlambeni nasezinsizini, futhi ngezinye izikhathi nanihlanganyela* nalabo ababebhekene nokunjalo.
34 Nabonisa uzwela kulabo abasejele futhi nakwamukela ngenjabulo ukuphangwa kwezinto zenu, + nazi ukuthi nina ninempahla engcono nehlalayo. +
35 Ngakho-ke, ningayeki ukukhuluma ngesibindi,* njengoba kunomvuzo omkhulu okuzokhokhelwa kona. +
36 Ngoba ninesidingo sokukhuthazela, + ukuze ngemva kokuba seniyenzile intando kaNkulunkulu, nizitholele lokho uNkulunkulu akuthembisile.
37 Ngoba kusele “isikhathi esincane kakhulu,” + futhi “lowo ozayo uzofika, ngeke alibale.” +
38 “Kodwa olungile wami uyophila ngenxa yokholo,” + futhi, “uma ehlehlela emuva, angijabuli ngaye.” +
39 Asilona uhlobo oluhlehlela emuva ekubhujisweni, + kodwa siluhlobo olunokholo ukuze kulondwe ukuphila kwethu.
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “abantu abasoze babenza.”
^ NgesiGreki, “emqulwini wencwadi.”
^ Noma, “ enze inkonzo yomphakathi.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma, “sizethemba.”
^ Noma, “masikhathalelane; masinakane.”
^ Noma, “sishukumise; sikhuthaze.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ NgesiGreki, “obala njengokungathi ninekwa enkundleni yemidlalo.”
^ Noma, “nanisekelana.”
^ NgesiGreki, “ukuba nenkululeko yokukhuluma.”