Eksodusi 31:1-18
31 UJehova wakhuluma noMose, wathi:
2 “Bheka, ngikhethe* uBhezaleli + indodana ka-Uri indodana kaHure wesizwe sakwaJuda. +
3 Ngizomgcwalisa ngomoya wami,* ngimnike ukuhlakanipha, ukuqonda nolwazi lwazo zonke izinhlobo zobungcweti,
4 ukuze akwazi ukuklama izinto, asebenze ngegolide, ngesiliva nangethusi,
5 asike futhi asebenze ngamatshe, + enze zonke izinhlobo zezinto ezenziwa ngokhuni. +
6 Ngaphezu kwalokho, ukuze ngimsize, ngibeke u-Oholiyabe + indodana ka-Ahisamaki wesizwe sakwaDani, futhi ngifaka ukuhlakanipha enhliziyweni yabo bonke abanekhono* ukuze benze konke engikuyale ngakho: +
7 itende lokuhlangana, + umphongolo wobuFakazi + nesivalo + esikuwo, nazo zonke izinto zetende,
8 itafula + nezinto zalo, uthi lwesibani lwegolide elihlanzekile nazo zonke izinto zalo, + i-altare lempepho, +
9 i-altare lomnikelo oshiswayo + nazo zonke izinto zalo, indishi nento ehlala kuyo, +
10 izingubo ezilukiwe ezisezingeni eliphezulu, izingubo ezingcwele zika-Aroni umpristi, izingubo zamadodana akhe azoba abapristi, +
11 amafutha okugcoba nempepho enamakha yendlu engcwele. + Bazokwenza konke engikuyale ngakho.”
12 UJehova wathi futhi kuMose:
13 “Khuluma nama-Israyeli, uthi, ‘Kufanele nigcine ikakhulukazi amasabatha ami, + ngoba awuphawu phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu ukuze nazi ukuthi mina Jehova ngiyaningcwelisa.
14 Kumelwe nigcine iSabatha ngoba liyinto engcwele kini. + Noma ubani olingcolisayo kumelwe abulawe. Uma kuba khona osebenzayo ngalo, lowo muntu* kumelwe abulawe. *+
15 Kungasetshenzwa izinsuku eziyisithupha, kodwa ngosuku lwesikhombisa yisabatha lokuphumula ngokuphelele. + Liyinto engcwele kuJehova. Noma ubani osebenza ngosuku lweSabatha kumelwe abulawe.
16 Ama-Israyeli kumelwe agcine iSabatha; kumelwe agcine iSabatha nazo zonke izizukulwane zawo. Liyisivumelwano saphakade.
17 Liwuphawu kuze kube phakade phakathi kwami nabantu bakwa-Israyeli, + ngoba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza amazulu nomhlaba, kwathi ngosuku lwesikhombisa wayeka ukusebenza waphumula.’” +
18 Kwathi nje lapho eseqedile ukukhuluma naye eNtabeni iSinayi, wanika uMose amatshe amabili ayizicaba obuFakazi, + amatshe ayizicaba abhalwe ngomunwe kaNkulunkulu. +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “ngibize ngegama.”
^ NgesiHebheru, “kaNkulunkulu.”
^ NgesiHebheru, “abahlakaniphile enhliziyweni.”
^ Noma, “mphefumulo.”
^ Noma, “anqunywe phakathi kwabantu bakubo.”