AmaHubo 60:1-12
Kumqondisi; ngenothi elithi “UMnduze Wesikhumbuzo.” Imiktamu* likaDavide. Elokufundisa. Lapho elwa ne-Aramu-naharayimi ne-Aramu-Zoba, uJowabe wabuya wabulala abakwa-Edomi abangu-12 000 eSigodini Sikasawoti. +
60 O Nkulunkulu, usilahlile; ufohlile ezivikelweni zethu. +
Wawusithukuthelele; kodwa manje samukele!
2 Ubangele ukuba umhlaba uzamazame; uwuqhekezile.
Vala izimfa zawo, ngoba uyawa.
3 Wenze ukuba abantu bakho babhekane nobunzima.
Usiphuzise iwayini elisenza sidiyazele. +
4 Nika* abakwesabayo uphawuLokuba babaleke ukuze bavike umnsalo. (Sela)
5 Ukuze abantu bakho obathandayo bakhululwe,Sisindise ngesandla sakho sokudla, usiphendule. +
6 UNkulunkulu ongcwele* ukhulumile wathi:
“Ngizothokoza, ngizonikela ngeShekemi libe yifa, +Ngizosikela abantu bami iSigodi* SaseSukoti. +
7 IGileyadi lingelami, njengoba nje noManase engowami, +U-Efrayimi uyisivikelo sekhanda* lami;UJuda uyinduku yami yomyali. +
8 UMowabi uyindishi yami yokugeza. +
Ngizophonsa imbadada yami phezu kuka-Edomi. +
Ngizomemeza ngokunqoba phezu kweFilistiya.” +
9 Ngubani ozongiyisa edolobheni elivinjezelwe?*
Ngubani ozongihola ngize ngifike kwa-Edomi? +
10 O Nkulunkulu, akuwena yini osilahlile,Nkulunkulu wethu, ongasaphumi namabutho ethu? +
11 Sisize ekucindezelekeni kwethu,Ngoba insindiso evela kubantu ayisizi ngalutho. +
12 UNkulunkulu uzosinika amandla, +Uzozinyathela izitha zethu. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma kungaba, “Unike.”
^ Noma kungaba, “esendaweni yakhe engcwele.”
^ Noma, “iThafa Eliphansi.”
^ NgesiHebheru, “uyinqaba.”
^ Noma kungaba, “elinezivikelo eziqinile.”