AmaHubo 6:1-10
Kumqondisi; kufanele liculwe nezinsimbi zomculo ezinezintambo ngenothi leSheminiti.*
Ihubo likaDavide.
6 O Jehova, ungangisoli uthukuthele,Ungangiyali ngolaka. +
2 O Jehova, ngibonise umusa* ngoba ngiphelelwa amandla.
Ngelaphe Jehova + ngoba amathambo ami ayaqhaqhazela.
3 Yebo, ngiphazamiseke* kakhulu, +Jehova ngiyabuza—kuyoze kube nini ulindile? +
4 Buya Jehova ungikhulule; +Ngisindise ngenxa yothando lwakho oluqotho. +
5 Ngoba ekufeni akukhulunywa nhlobo ngawe;*Ngubani oyokudumisa eThuneni? *+
6 Ngikhathele ngenxa yokububula kwami; +Ubusuku bonke ngimanzisa umbhede wami ngezinyembezi;Usofa wami umanzi yizinyembezi zami. +
7 Ngikhathazekile ngenxa yazo zonke izinsizi zami; +Amehlo ami awasaboni kahle* ngenxa yabo bonke abangihluphayo.
8 Sukani kimi, nina nonke enenza izinto ezimbi,Ngoba uJehova uzowuzwa umsindo wokukhala kwami. +
9 UJehova uzosizwa isicelo sami sokuboniswa umusa; +UJehova uzowuphendula umthandazo wami.
10 Zonke izitha zami ziyohlazeka zesabe;Ziyophindela emuva zihlazekile. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “isihe.”
^ Noma, “umphefumulo wami uphazamiseke.”
^ Noma, “awukhunjulwa.”
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “asenqundekile.”