AmaHubo 42:1-11
Kumqondisi. Imaskili* lamadodana kaKhora. +
42 Njengenyamazane elangazelela imifudlana yamanzi,Nkulunkulu, ngikulangazelela* kanjalo.
2 Ngomele uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo. +
Ngingavela nini phambi kukaNkulunkulu? *+
3 Ngihlale ngikhala imini nobusuku;Usuku lonke abantu bayangiklolodela bathi: “Uphi uNkulunkulu wakho?” +
4 Lezi zinto ngiyazikhumbula, ngiveza imizwa yami,Ngoba ngake ngahamba kanye nesixuku;Ngangivame ukuhamba* phambi kwaso ngiye endlini kaNkulunkulu,Ngomsindo wokujabula nokubonga,Wesixuku esigubha umkhosi. +
5 Kungani ngiphelelwa yithemba? +
Kungani ngikhathazekile?
Ngizomlinda uNkulunkulu, +Ngoba ngisazomdumisa njengoMsindisi wami Omkhulu. +
6 Ngiphelelwe yithemba, Nkulunkulu wami. +
Yingakho ngikukhumbula, +Ngisezweni laseJordani naseziqongweni zeHermoni,NgiseNtabeni iMizari.*
7 Amanzi ajulile abiza amanzi ajulileLapho kuzwakala umsindo wezimpophoma zakho.
Amagagasi akho agubhayo anjengezinkinga ezingihlasele. +
8 Emini uJehova uzongibonisa uthando lwakhe oluqotho,Ebusuku ngizocula ngaye—ngizothandaza kuNkulunkulu wokuphila kwami. +
9 Ngizothi kuNkulunkulu, idwala lami:
“Kungani ungikhohliwe? +
Kungani kufanele ngihambe ngidabukile ngenxa yokucindezelwa yisitha sami?” +
10 Ngenzondo* izitha zami ziyangiklolodela;Usuku lonke zingiklolodela zithi: “Uphi uNkulunkulu wakho?” +
11 Kungani ngiphelelwa yithemba?
Kungani ngikhathazekile?
Ngizomlinda uNkulunkulu, +Ngoba ngisazomdumisa njengoMsindisi wami Omkhulu nanjengoNkulunkulu wami. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “umphefumulo wami ukulangazelela.”
^ NgesiHebheru, “Ngingaya nini endlini kaNkulunkulu.”
^ Noma, “ukuhamba kancane.”
^ Noma, “Ngisentabeni encane.”
^ Noma kungaba, “Njengokungathi ziphula amathambo ami.”