AmaHubo 39:1-13
Kumqondisi; ngenothi leJeduthuni. *+ Ihubo likaDavide.
39 Ngathi: “Ngizoqapha izinyathelo zamiUkuze ngingoni ngolimi lwami. +
Ngizofaka isifonyo emlonyeni wami +Uma nje kusekhona omubi phambi kwami.”
2 Ngaphelelwa amazwi ngathula; +Angishongo lutho ngisho nangokuhle,Kodwa ubuhlungu engangibuzwa babubukhulu.
3 Inhliziyo yami yavutha ngaphakathi kimi.
Lapho ngicabangisisa,* umlilo waqhubeka uvutha.
Ngakho ngakhuluma ngathi:
4 “O Jehova, ngisize ngazi ukuthi siyoba yini isiphetho sami,Nezinsuku zokuphila kwami, +Ukuze ngazi ukuthi kufushane kangakanani ukuphila kwami.*
5 Ngempela wenze izinsuku zami zaba mbalwa nje; *+Nobude bokuphila kwami buyize phambi kwakho. +
Ngokuqinisekile wonke umuntu, nakuba ebonakala elondekile, akalutho kodwa uwumoya okhishwa ngamakhala. + (Sela)
6 Ukuphila komuntu kunjengesithunzi.
Ugijimisa into* engekho.
Uqongelela ingcebo engazi nokuthi ngubani ozoyidla. +
7 Manje ngingathembela kuphi, Jehova?
Nguwena kuphela ithemba lami.
8 Ngikhulule ekunqotshweni yizeqo zami. +
Ungamvumeli oyisiwula angibukele phansi.
9 Ngaqhubeka ngithule;Ngangingakwazi ukuvula umlomo wami, +Ngoba nguwe obangele konke lokhu. +
10 Susa inhlupho yakho kimi.
Ngikhathele ngenxa yesandla sakho esingishayayo.
11 Uqondisa umuntu ngokumjezisa ngenxa yesiphambeko sakhe; +Uyaziqeda izinto zakhe eziyigugu njengoba nje inundu idla indwangu.
Ngokuqinisekile wonke umuntu uwumoya okhishwa ngamakhala. + (Sela)
12 O Jehova, yizwa umthandazo wami,Lalela lapho ngikhalela usizo. +
Ungazishalazeleli izinyembezi zami.
Ngoba mina ngiyisifiki nje kuwe, +Isihambi esidlulayo* njengabo bonke okhokho bami. +
13 Yeka ukungibuka ngentukuthelo ukuze ngiphinde ngijabuleNgaphambi kokuba ngife, ngingabe ngisaba khona.”
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ngiquma.”
^ Noma, “ukuthi ngiyadlula.”
^ NgesiHebheru, “zaba ngangobubanzi besandla.”
^ NgesiHebheru, “Ubanga umsindo ngento.”
^ Noma, “Isifiki.”