AmaHubo 27:1-14
ElikaDavide.
27 UJehova ungukukhanya kwami + nensindiso yami.
Ngubani okufanele ngimesabe? +
UJehova uyisiphephelo sokuphila kwami. +
Ngizoba nengebhe ngobani?
2 Lapho abenzi bokubi bengihlasela ukuze bangishwabadele, +Abaphikisana nami nezitha zami yibo abakhubeka bawa.
3 Nakuba ibutho lempi lingeza lizongihlasela,Inhliziyo yami ngeke yesabe. +
Nakuba ngingase ngivukelwe yimpi,Ngisho nangaleso sikhathi ngiyolokhu ngithembele kuye.
4 Yinye into engiyicele kuJehova—Iyilokho engikufisayo—Ukuba ngihlale endlini kaJehova zonke izinsuku zokuphila kwami, +Ukuze ngibone ubuhle bukaJehova
Ngibuke ithempeli lakhe* ngenjabulo. *+
5 Ngoba uyongifihla esikhoselweni sakhe ngosuku lwenhlekelele; +Uyongicashisa endaweni esithekile yetende lakhe; +Uyongibeka phezulu edwaleni. +
6 Manje ikhanda lami seliphakeme kunezitha zami ezingizungezile;Ngizonikela imihlatshelo etendeni lakhe ngimemeza ngenjabulo;Ngiyohlabelela* ngidumise uJehova.
7 O Jehova, ngizwe lapho ngikubiza; +Ngibonise umusa, ungiphendule. +
8 Inhliziyo yami ithe ngokuphathelene nawe:
“Funani ubuso bami.”
O Jehova, ngiyobufuna ubuso bakho. +
9 Ungangifihleli ubuso bakho. +
Ungayixoshi inceku yakho uthukuthele.
Wena ungumsizi wami. +
Ungangilahli futhi ungangishiyi, Nkulunkulu wami wensindiso.
10 Ngisho noma ubaba nomama bengangishiya, +UJehova ngokwakhe uyongamukela. +
11 O Jehova, ngifundise indlela yakho, +Ungihole endleleni yobuqotho ngenxa yezitha zami.
12 Unganginikeli kwabaphikisana nami, +Ngoba ofakazi bamanga bangivukele, +Bangisongela ngobudlova.
13 Ngabe ngikuphi nje ukube bengingenalo ukholoLokuthi ngiyobona ubuhle bukaJehova ezweni labaphilayo? *+
14 Themba uJehova; +Yiba nesibindi uqine. +
Yebo, themba uJehova.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “indlu yakhe engcwele.”
^ Noma, “ngizindle ngalo.”
^ Noma, “Ngiyocula ngidlale nezinsimbi.”
^ Noma kungaba, “Ngempela nginalo ukholo lokuthi ngiyobona ubuhle bukaJehova ezweni labaphilayo.”